Umncintiswano (Ummbila)  							  IsiZulu 

Umncintiswano womlimi wonyaka usaqhubeka 

Instructions: 

Folio strap: Umlimi wonyaka 

Byline: UJane McPherson, umphathi wephrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi

 

Ngokwaleka kungathi umsebenzi wokulima akusiwo umsebenzi okhethwa ngabantu abasha lapha eNingizimu Afrika ngeminyaka edlule. Futhi abaningi abantu bacabanga ukuthi abekho abalimi abamnyama bezomnotho abaphumelelayo. Ngalo mncintiswano thina sifuna ukukhombisa ukuthi bakhona abalimi abamnyama abaphumelelayo, futhi sikhombisa ukuthi abantu abakhuthele abasebenza ngamandla bayaphumelela. 

Idili elikhulu lapho kubikwe Umlimi Wonyaka lenzeke ngesikhathi sokubhala lokhu, kodwa abakhethiweyo babikwe ngenyanga edlule. Abalimi abathathu abaphumelele phambili yilaba: uMnz Samuel Moloi waseFouriesburg, uMnz Isak Khuto waseFicksburg noMnz Labious Manoto waseMooifontein. Ophumelele phambili ekugcineni bekunguMnz Labious Manoto waseMooifontein, yena wayeyilunga lale phrogramu lokuthuthukisa iminyaka eminingi (uyilunga futhi le250 ton Club okhiqiza amathani angu-1 000). Lo nyaka siyaqhubeka ngalo mncintiswano njengokujwayelekile ngeminyaka edlule. Bekukhona abalimi abayisikhombisa abakhethiwe ukungena kulo mncintiswano Womlimi Osathuthukayo Wonyaka: uMnz Philip Xaba waseBothaville, uMnz Lungile Malo waseDelareyville, uMnz Simon Mazwi waseMakouspan, uMnz Shimi Mokoka waseVanderbijlpark, uNkz Nolundi Msengana waseVanderbijlpark, uMnz William Matasane waseSenekal noMnz Samuel Moloi waseFouriesburg. 

Amalunga ebhodi abahlole futhi abakhethe laba balimi abaphumelele ngoJuni lo nyaka yilawa: uMnz Karabo Peele weMaize Trust, uMnz André Smit weLand Bank, uMnz Dirk van Rensburg (ilunga leGrain SA Executive Committee osuthathe umhlalaphansi), uMnz Jabulani Zitha noNkz Jenny Mathews (amalunga eGrain SA Executive Committee nawesqumbi esisebenza ngokuThuthukisa Abalimi) nabathathu abasebenza kulelo phrogramu (uJane McPherson, uWillie Kotze noDanie van den Berg). Abalimi abakhethiweyo abavela eFreyistata basimangalisile, ngakho-ke bobathathu abaphumelele bavela eFreyistata. Ngokokuqala bekungekho umlimi ovela eNorth West. Senibonile kuPula/Imvula yaDisemba ukuthi umlimi owinile nguSamuel Moloi waseFouriesburg, Umlimi Wonyaka 2009 emncintiswaneni weGrain SA ukuthola Umlimi Othuthukayo Wonyaka. 

Ngalo nyaka siqale umncintiswano omusha: Umlimi Omncane Wonyaka (Mini-Producer of the Year) – eMpumalanga naseEastern Cape. Bekukhona abahlanu abakhethiweyo kulezo zindawo futhi bahlolwe ngalelo viki bekuhlolwa lomunye umncintiswano. Sesibone ngesikhathi eside ukuthi bakhona abalimi abaningi abalima ezindaweni ezincane abafanele nikezwe ukusekelwa nokuklonyelwa. Ngale ndlela sizama ukukhusela abantu ukuqala ukulima ngokukhuthaza endaweni encane, bese bazobona ukuthi umsebenzi wabo uzokhula. 

. 

