Communicate (Maize) 									Zulu

Ukuthintana nabalimi

 

Instructions: 

Folio strap: Iphrogramu lokuthuthukisa abalimi 

Byline: UJane McPherson, umphathi wePhrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi 

 

IPhrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi lizama njalonjalo ukuthintana nawe – umkhiqizi wokudla okuzinhlamvu. Kusetshenziswa izinto ezahlukene ukuthintana nabakhiqizi, njengalephephandaba Pula Imvula, ukusakaza kurediyo, amaDVD, amabheneli, amaphosta nezincwajana ezinemininingwane yolwazi.



Pula Imvula

Sihlanganisa, senza amakhopi futhi sihambisa le ncwadi kubalimi njalo ngenyanga (inamakhasi angu-8 futhi inezithombe ezinombala) ngezilimi ezilandelayo: IsiNgisi, IsiBhunu, Sesotho, Setswana, Sesotho sa Leboa, IsiXhosa nesiZulu. 



Ukuchichiza Pula Imvula kwenzeka njalo ngenyanga – okubhaliwe kulungiswa ngesiNgisi, bese kuthunyelwa ku-Infoworks lapho balungisa isibonelo salokhu ozokubona nokufunda ngesiNgisi. Konke okubhaliwe kulungiselwa ngokufanelekile ukuze kuzohumushwa ngendlela efanelekile, bese kuthunyelwa kubahumushi abayisithupha. Lokhu bese kubuyiselwa ku-Infoworks ukuze ukuphanyeka kwezibhalo zezinye izilimi kufakwe ezindaweni ezifanelekile. Lapho sekutholakale imvumo ukuthi konke kulungile, kuhanjiswa ukushicizelwa bese kuthunyelwa kini. Konke lokhu kungathatha isikhathi esilingana nezinyanga ezimbili. 



Lo nyaka sandisile iPula Imvula, sekukhona nezinye izitshalo esikhuluma ngazo – kukhona amakhasi amane ngaphezulu kwalawo ajwayelekile ngoDisemba, ngoMashi, ngoJuni nangoSeptemba axoxa ngokuKhiqiza Ukolo eFreyistata Mpumalanga. Imali yalawa makhasi isekelwa yiWinter Cereals Trust. Amanye amakhasi amane nawo afakwa ngoJanuwari, ngoApreli, ngoJulayi nangoOktoba axoxa ngokukhiqiza Ubhekilanga, asekelwa yiOil and Protein Seeds Development Trust. 



Izincwajana zemininingwane yolwazi namaphosta 

Ukuhambisa imininingwane yolwazi kubo bonke abafisa ukuthola ulwazi mayelana namaphrogramu nalabo abasebenza kuwo amaphrogramu – kukhona abalimi abaningi neziphathimandla eziqobelelana nolwazi abafanele bathole ulwazi mayelana namaphrogramu, izinhlobo zamaphrogramu nokuthintana nobani lapho bafuna eminye imininingwane (lezi zincwajana zifanele zitholakale ngezilimi eziyisikhomisa). 



Lezi zinjwajana zesaziso silungiswe futhi kwenziwe amakhopi ngazo izilimi eziyisikhombisa (IsiNgisi, isiBhunu, isiXhosa, nesiZulu, Sesotho, Setswana neSesotho sa Leboa). Lezi zincwajana bezitholakala kuNAMPO futhi zizosetshenziswa unyanka wonke.



AMA-DVD 

I-DVD eligijima amaminithi angu-8 elinikeza ulwazi maqondana nephrogramu lisetshenziswe kahle lo nyaka. Ngesikhathi seNAMPO, simeme “abangane bephrogramu” sabakhombisa iDVD, balithandile. Sithumele abalinganisi bamaphrovinsi bephrogramu nalabo abafundisayo amakhopi ale DVD, bayawasebenzisa njalo. Kwenxenye yeqembu lokufunda eFreyistata, uJohan Kriel ukhombise leDVD, abalimi bacele ukulibona kathathu – kubajabulisile ukubona ukuthi iphrogramu lihamba kanjani. 

Amabheneli

 Amabheneli avulekayo asakhiwa futhi azosetshenziswa ngaBaphathi Bamaphrovinsi emihlanganweni yamaqembu okufunda nakwezinsuku zabakhiqizi. 



Umsakazo kurediyo

Sizakaza njalo ngeviki kumarediyostesheni amane ukuhambisa imininingwane yolwazi mayelana nokukhiqiza kubalaleli abaningi. 

