Commercial 2 (Maize) 									Zulu

Okwezomnotho nakanjani! 

Instructions:

Folio strap: Iphrogramu lokuthuthukisa abalimi 

Byline: UJane McPherson, umphathi wephrogramu leGrain SA Farmer Development

Photos: Commercial 055 

Caption: Khandana nabakhiqizi bethu abanesiqu sokwezomnotho: 

UNico Vermaak (GrainSA), UBasie Ntsimane, UBoy Mokoena, UKarabo Peele, UPaul Morule, UJob Metswamere, UThando Lolwane, UJane McPherson (GrainSA), UDr Kobus Laubscher (GrainSA), UMoss Malo, ULepati Macaphasa, UJenny Mathews (Umphathisihlalo wePhrogramu yokuThuthukisa Abalimi: Isiqumbi esisebenzayo). 

5. Exploding quote: “Akekho umuntu owazi ukuthi kuyini okusilindele ngakusasa… Okubalulekile kungusebenzisa usuku lwanamuhla ngokuhlakanipha, futhi ukubhekana nosuku lwakusasa ngokushoshozela nangokujabula nangeliqiniso ukuthi sizoba nekhono ukwamukela lokho usuku luzosilethela nalokhu okuza ngakithi”. Pollock

Ngo-25 September 2008, bekukhona umgidingo omkhulu eNAMPO Park eduze naseBothaville. Iphrogramu lethu lokuThuthukisa Abalimi, lithokozise into enhle – abalimi (abakhiqizi) abangu-9 baphumelele phambili kule phrogramu lethu. 

Ngokwejwayelekile, lapha eNingizimu Afrika, bekukhona abakhiqizi abamhlophe (abelungu) abezomnotho kuphela. Abalimi abansundu bebaziwa ngokuthi “basakhula”, “basazilimela”, “balima ngokuncane”, “basathuthuka”. Sase sacabanga sathi isikhathi sesifikile ukuthi, “Halala!” kulabo abalimi (abakhiqizi) abafike kuleyo ndawo singababiza ngokuthi: bangabalimi bezomnotho ngokugcwele nokho bebabhekene nezinkinga eziningi lapha eNingizimu Afrika ngokukhula kwabo. 

Kuthiwa ukuthi, ‘Difficulties are the things that show what men are‘, (ubunzima bukhombisa ukuthi amadoda anamandla anjani). Labo abakhombisile ukuthi bangamadoda sibashaye amahlombe ngo-25 September 2008. Bebabhekene neziningi izinkinga ezinjengalezi ezilandelayo: 

Inzuzo encane etholakalayo ekukhiqizweni kokudla okuzinhlamvu. 

Izindaba (amacala) ezihambelana nokuthola indawo yokulima. 

Amahlelo ahlukene ukuba umnikazi ngaphandle kwesinye isibambiso. 

Ukuphinda ukwabelwa umhlaba nokubanga lowo mhlaba. 

Amahlelo ahambelana nomhlaba osetshenziswa ngumuzi wonke nezinkinga maqondana nalapho umlimi efuna ukukhiqiza ukudla ngokwezomnotho kulezo zindawo. 

Isimo somhlabathi esibi maqondana nesidingo samafosfati nomcako. 

Izindleko ezikhuphukile maqondana nentengo yemishini nokuyiphatha nokuyibheka ngendlela efanelekile.

Ihlelo lokumaketha elivulekile elinezinkinga eziningi. 

Ukungatholi imali yokuboleka nokuthola imali yokukhiqiza.

Ukwesweleka kombiko, kolwazi nokusekelwa okwanele. 

 

Laba abakhiqizi (abalimi) bazonitshela ukuthi abazange bahambe bodwa kule ndlela yokuphumelela phambili – bebasizwa bebasekelwa ngabaningi abanye abasebenza emsebenzini wezokulima. 

Izisebenzi zeFarmer Development Programme leGSA;

Amabhange;

AmaAgribusiness – kakhulukazi iMGK, iNWK, iVKB neOVK.



Uma sithi laba balimi sebafike esikhundleni esibizwa ngokuthi “Umkhiqizi Wezomnotho”, sithini? Kuyini abakunqobile? Okulandelayo: 

Isikhathi esihlezi sokuthola indawo yokulima. 

Isikhathi esihlezi sokusebenzisa umhlabathi. 

Ogandaganda nemisihini. 

Amamakethe. 

Ukutsheleka imali nokunye kwezimali. 

Ukuphatha ipulazi nebhizinisi ngokuvamekile. 

Sithi ‘Halala!’ kula balimi bezomnotho abalandelayo: 



UKarabo Peele, uThando Lolwane, uPaul Morule, uJob Metswamere, uLabious Manoto, uBoy Mokoena, uLepati Macaphasa, uBasie Ntsimane noMoss Malo. Baphumelele ngoba banekhono, basebenze kakhulu ngokukhuthaza, bafune ulwazi njalo, bazibophile ukuphumelela – ayikho indlela emfushane uma ufisa ukuphumelela phambili njengabo, ungadeli ungakhawuli neze! 

