Chemicals											Zulu

Cabanga kahle ngaphambi kokuthela amakhemikheli



INSTRUCTIONS:

Folio strap: ukuphatha ngamakhemikheli

Byline: UCorné Louw, Isazi sezomnotho ekulimeni: Production/Inputs, Grain SA



Amakhemikheli azobulala umkhiqizo wakho lapho ungawatheli mayelana nomlayezo nangokungawaphathi ngendlela efanelekile. Uma ulandela umlayezo kahle, wena ongumlimi ungavimba ingozi engavelela izitshalo zakho.



Lapho uthela amakhemikheli, qaphela okulandelayo

Qinisa ukuthi umthengisi womuthi othile urejestiwe lapha eNingizimu Afrika ukuthengisa lowo muthi othembeke ukubulala ukhula noma isifo esithile.

Inani lomuthi otheliwe lilingana nomlayezo noma cha?

Isimo sezulu ngesikhathi sokuthela umuthi nangemuva sihambelana nomlayezo?

Isikhathi sokuthela umuthi sihambelana nomlayezo? Isibonelo: ekuseni noma entambama?

Isimo somhlabathi lapho kutshalwa khona siqondene nomlayezo, isibonelo: umswakamo emhlabathini nenhlobo yomhlabathi?

Isikhathi sokuthela umuthi sihambelana nobukhulu kwesitshalo ukuvimba isifo?

Okuvela ngemuva – umuthi uzobanga ingozi lapho kushintshwa khona izinhlobo zezistshalo – ngamanye amazwi, uzolimaza izitshalo ezizotshalwa ngemuva noma cha?

Umuthi othile ungahlanganiswa nohlobo olunye – isibonelo: uyakwazi ukuhlanganiswa nezinye izinhlobo zomuthi ezibulala ukhula noma nezinye ezibulala izinambuzane?



IGrain SA ilayeza abalimi ukuthatha izinyathelo ezilandelayo ezizosiza ukuvimba ingozi lapho bathenga amakhemikheli:



Umthengisi ufanele aqinise ukuthi inkampani yakhe iyilunga laseCropLife SA;

Inkampani eyabela umuthi ifanele ibe yilunga laseACDASA;

Umthengisi ufanele akwazi ukufakaza ukuthi uphasile ukuhlolwa kweAVCASA; futhi

Imilayezo ifanele ibhalwe phansi futhi umthengisi ufanele asayine.



Abalimi bafanele baqhaphele kahle ukuthi umuthi ungaphephuki ngesikhathi bafafaza, bazame ukuvimba lokhu. Ingozi enkulu ingadaleka lapho umuthi ungena kwamanye amasimu lapho kukhona izitshalo ezingalinyazwa ngumuthi othile.



Ukuvikelwa kokudla kubalulekile kakhulu. Lapho abalimi bethela umuthi ngendlela efanelekile futhi bephatha amarekhodi balingana nezidingo zokuphatha ukudla ngokuvikelwa.

