Challenges (Maize) 									 Isizulu 

Izinkinga abalimi abasakhulayo bazibhekene nazo 

Instructions: 

Folio strap: Ukuthuthukisa abalimi 

Byline: UJane McPherson, umphathi wePhrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi 

 

Ngokwejwayelekile umsebenzi wokulima kungumsebenzi onzima. Futhi singathi ukuthi abalimi bethu abesabi ukusebenza ngokukhuthala. Kodwa, ngokwamanje, ukulima kudinga okunye ngaphandle kokusebenza ngokukhuthala nje. 

Sikhethe izinto ezithile ezenza ukuthi ukuthuthuka ekulimeni kuhambe kancane, ziyalandela:

Ukungatholi inzuzo ekwanele ekukhiqizweni kokudla okuzinhlamvu

Kuvamekile lapho uqala umsebenzi omusha ukuthi umsebenzi ungahambi kahle, nasekulimeni kunjalo. Amaphutha azokwenzeka. Ngokwamanje izindleko zokuqala ziningi, intengiso yomvuno iphansi. Lokhu kwenza ukuthi awukwazi ukwenza amaphutha. Abalimi abaphumelelayo bathola inzuzo encane, kanjalo-ke abakwazi ukukhokhela ogandaganda nemishini emisha. Bayaqhubeka ukusebenza ngemali ebolekiwe. Lokhu kudala ingozi ngoba kuyadula. Ukuthola izikwenetu abalimi bacindezekile ukukhokha inshuwalense okwenza ukuthi inzuzo yehle futhi. 



Ukusweleka kolwazi, amakhono nobungcweti

Ukulima kungumsebenzi ohambelana nezinto eziningi, kufanele ukwazi ukuqonda izinto ezahlukene kakhulu. Ukuba nolwazi (ukufunda) kuphela akusizi – abalimi bafunda njalo ngonyaka nangonyaka baze bathole ubungcweti. Lapho eNingizimu Afrika abalimi abasathuthukayo bayaqala ukungena ekulimeni bese bathola ukuthi ukulima kuphambaphambene – uma ufuna ukuphumelela kufanele ubenokukhuthaza okuqinile! Ngale nzuzo ephansi awukwazi ukwenza amaphutha. Uzobuthola njani ubungcweti futhi ngubani ozokuvusa lapho ushaye phansi? 



Ukusweleka kwemali yokukhiqiza

Abalimi abasathuthukayo bathola ukuthi kunzima kakhulu ukuthola isikwenetu sokukhiqiza. Lokhu sesikukhombisile: inzuzo incane futhi izingozi ziningi. Siyazi ukuthi labo abanikeza isikwenetu abafuni ukulahlekelwa imali yabo. Ngokwamanje sibheka kakhulu ukuthola ukusekela okuvela kuLand Bank ukuze sikwazi ukukhiqiza – kuyisibopho sabo ukunikeza abalimi abasakhulayo isikwenetu – ngakho-ke kufanele sisebenzane kahle nabo kule phrogramu lethu. 



Ukusweleka kogandaganda nemishini

Ngeminyaka neminyaka inzuzo beyiphansi, nokuphila kwemishini nakho kwase kwehla – udinga ukuthola inzuzo ukuze ukwazi ukubheka nokulungisa imishini yakho noma ukuthenga izinto ezinsha.



Ubunzima bokuthola umhlaba 

Kukhona abalimi abanomhlaba lapho bangalima khona, kodwa ngokwamanje abakwazi ukuthola inzuzo ekulimeni (ngenxa izindleko zokuqala/intengiso ephansi/umhlabathi ompofu). Kukhona abanye abanomhlabathi omuhle kodwa alukho uthango bese abakwazi ukulima ngokuphumelela. Abanye badinga umcako omningi namafosfati amaningi ukulungisa umhlabathi. Bese kukhona abanye abanekhono lokulima kodwa bayahluleka ukuthola umhlaba ngenxa izinkinga kuMnyango Wezomhlaba (sizophinda sixoxe ngalokhu ngesinye isikhathi). Kuyakhanya ukuthi kukhona izinkinga ezihlukene zomhlaba ezihambelana nokuthuthukisa abalimi abasakhulayo ezenza kubenzima. 

Ngoba sibhekene nalezi zinkinga, sizama ukuvusa amaphrojekthi namaphrogramu ahlukene ukusiza abalimi, njengalokhu okulandelayo: 

Sithintana nabo – iziqumbi zokufunda, izizamo ezikhombisa umphumela, izinsuku zabalimi, umncintiswano wokuthola umlimi wonyaka nephrogramu labalimi abaphakeme; 

Izifundo zokuqeqesha; 

Siyababhalela (njengalapha); 

Sikhuluma nabo kurediyo. 

