Calibration (Maize) 								 Zulu



Ipulantela lilinganiswa kanjani ukutshala ngendlela efanelekile?

 

Instructions:

Folio strap: Okwemishini 

Byline: Imininingwane itholwe esifundweni seAgricultural Contracting 

 

Izinyathelo ezilandelayo zifanele zithathwe lapho ipulantela lilinganiswa: 

Thola zonke izakhi zepulantela ezikwazi ukushintsha ukulinganisa (amasphrokete, amagiya namapuleti). 

Qonda ukuthi ipulantela litshala kanjani mayelana nezimbewu nomanyolo ngesilinganiso samanje. 

Linganisa ububanzi ngaphakathi kwamayuniti epulantela ukuze uthole ububanzi bemisele yokutshala – lokhu kuzokusiza ukubala inani lemisele ezotshalwa ehektheleni (Isibonelo: ububanzi behektheli bungamamitha angu-100, uma ububanzi ngaphakathi kwemisele bungu-0,9 m, bese 100 m /0,9 m = 111 yemisele ehektheleni). 

Beka ibala endaweni engu-10 m. 

Qinisa ukuthi kukhona izimbewu nomanyolo emabhokisini (amahophela) – qinisa futhi ukuthi ubukhulu bezimbewu bulingana nezimbobo emapuletini – kufanele kungene imbewu eyodwa njalo ngasikhathi sinye. 

Bopha ipulastiki ethunjwini elithela umanyolo ukuze uzokwazi ukuthola ukusinda kwamanyolo emva kwesikhathi. 

Hambisa ugandaganda kuleyo ndawo engu-10 m (yenza ngokuthi uyatshala manje, bheka ukuthi amasondo altha amandla athintana kahle nomhlabathi). 

Izimbewu: 

Bala inani lezimbewu eziphumile kule ndawo engu-10 m. 

Phindaphinda lokhu nga-10 ukuthola ukuthi kuzotheleka izimbewu ezingakanani    

      ku-100 m (khumbula ukuthi ihektheli lilingana na-100 m x 100 m).

Manje phindaphinda lelo nani nenani lemisele ekhona ku-100 m (esibonelweni 

      sethu ububanzi beku-0,9 m, kusho ukuthi bekukhona imisele engu-111 ku-100 m). 

Isibonelo: sithola ukuthi kuchitheke izimbewu ezingu-30 ku-10 m. Lokhu kulingana

      nezimbewu ezingu-300 ku-100 m. Kukhona futhi imisele engu-111 ehektheleni, 

      phindaphinda: x 300 = 33 300 yezitshalo ehektheleni. 

Uma inani olitholayo lingaphezu kwalelo olifunayo, shintsha amasphrokete 

      epulantela ukuze umphini ojikiza amapuleti ungagijimi kakhulu (ugijime  

      kancanyane) (Ngokunye, uma inani lezimbewu ezifunekayo lingaphansi, shintsha 

      amasphrokete ukuze umphini ugijime kakhudlwana). 

Phinda ukwenza lokhu uze uthole inani lezimbewu eliqondana nalokhu

      okufanelekile. 

Umanyolo: 

Thola ukusinda kwamanyolo echitheke endaweni engu-10 m. 

Phindaohinda lokhu nga-10 ukuthola ukuthi kuzochitheka umanyolo ongakanani lapho kuhanjwa 100 m (khumbula ukuthi ihektheli lingu-100 m x 100 m) 

Manje phindaphinda lelo nani nenani lemisele ekhona ku-100 m (esibonelweni sethu, ububanzi ngaphakathi bebu-0,9m okusho ukuthi bekukhona imisele engu-111 endaweni elingana na-100 m). 

Isibonelo: kungaba khona 100 g (0,1 kg) kuleyo 10 m. Lokhu kulingana na-1 000 grams (1 kg) ku-100 m. Kukhona imisele angu-111 ehektheleni, x 1000 = 1 1000 grams, okusho ukuthi uzothela 111 kg ehektheleni).

Uma inani olitholayo lingaphezu kwalelo olifunayo, shintsha amasphrokete epulantela ukuze umphini ojikiza amapuleti ungagijimi kakhulu (ugijime kancanyane) (Ngokunye, uma inani likamanyolo ofunekayo lingaphansi, shintsha amasphrokete ukuze umphini ugijime kakhudlwana). 

Phinda ukwenza lokhu uze uthole inani likamanyolo eliqondana nalokhu okufanelekile. 

