Ibhizinisi lokutshala (Ummbila)								IsiZulu

Kudingeka ini ukuqhubekisa ibhizinisi?



Instructions: 

Folio strap: Ukuphatha

Byline: Imininingwane ithathwe kumenyuweli elibizwa ngokuthi Farm Management for Profits elibhalwe nguMarius Greyling



Ukuhlanganisa uhlelo lwezinto ezidingekayo ukuhambisa ibhizinisi ngendlela efanelekile kungaba umsebenzi omkhulu owehlukile. Izidingo nezingcebo zingashintsha maqondana nohlobo lwebhizinisi, ubukhulu balo, isikhathi esikhona, njll.



Ibhizinisi lokulima lizoba nezidingo ezinjengomhlaba, amanzi, idlelo, izindlu, indawo yokusebenza (workshop), indawo yokusenga, imishini yokufafaza, izimoto, imishini, ogandaganda, amatulusi, abasebenzi, izimali nabaphathi. Lezi zingcebo ezidingekayo zingahlukaniswa ngendlela elandelayo: kukhona ukuphatha, kukhona izindaba zezomhlaba, izindaba zezimali nezindaba zabasebenzi.



Izingcebo esikhuluma ngazo yilezi:

Umhlaba – lokhu kungaba ipulazi noma amasimu, amadlelo, izindlu nokunye okwakhiwe njengezibaya, amashedi, izindawo zokulalisa izimfuyo nothango.

Imali yokuqhuba umsebenzi – kusho imali uqobo nezimpahla ezinye njengogandaganda, izimoto, izinkomonezimvu.

Okwezomsebenzi – kusho abantu abasebenza epulazini ngaphansi komnini noma umphathi.

Abaphathi – umuntu noma abantu abaphatha ukuqhuba kwebhizinisi.



Ngaphandle kwezinto zezomsebenzi, konke okunye okuhambelana nokukhiqiza kuyizinto zebhizinisi noma kubolekiwe noma kuqashwe kwenye indawo. Lapho umhlaba, imali yokuqhuba ibhizinisi nabaphathi kubolekiwe noma kuqashiwe, kubizwa ngokuthi izingcebo ezingekwakhona (ezivela kwenye indawo – omunye ngumnini). Lowo mnini wangaphandle bese kufanele akhokhelwe imali yokusebenzisa leyo ngcebo – kusho ukuthi kukhona izindleko. Lezi zindlekozibizwa ngokuthi izindleko ezingekwakhona, zingachazwa kanje:



Ukuqasha – inkokhelo yokusebenzisa umhlaba ongekwakhona noma ezinye izingcebo;

Inzalo – inkokhelo yokusebenzisa imali ebolekiwe engekwakhona;

Amaholo – inkokhelo yokusebenzisa abasebenzi/abaphathi abavela kwenye indawo.


Qaphela ukuthi okwezomsebenzi akukwazi ukuba yinto yebhizinisi (ibhizinisi alisiye umnikazi), kodwa akubizwa ngokuthi kuyingcebo engekwakhona. Ngakho-ke zonke izindleko zokwezomsebenzi-amaholo nokunye akusiye indleko engekwakhona. Okwezomsebenzi nezindleko zakhona zibhekeka njengezindleko ezijwayelekilelapho kukhiqizwa izinto. Isisebenzi sinikeza ibhizinisi amandla aso noma ulwazi lwaso bese sithola iholo.

		 



