Banner										Zulu



Yiliphi iqembu lokufunda elenze ibhanela elihle kakhulu?



Instructions:

Folio strap: Amaqembu okufunda

Byline: Jane McPherson, umphathi wephrogramu yokuthuthukisa leGrain SA 

Insert: National best study group banner competition!



Ingxenye yezinto esifisa ukuzenza lapha kule phrogramu yethu yokuthuthukisa abalimi yilokhu: sifisa ukwakha nokusekela amaqembu okufunda. 



Bonke abalunganisi abaphatha ukuthuthukisa emaphrovinsi bafanele bakhe futhi basekele amaqembu okufunda angu-25 kulezo zindawo lapho basebenza khona:

UTonie Loots ezindaweni eziseNyakatho-Nshonalanga (north-western) kwaseNorth West;

UAmos Njoro ezindaweni eziphakathi (central) kwaseNorth West nasenorthern Free State;

UJohan Kriel kwezinye izindawo zaseFreyistata;

UJerry Mthombothi eMpumalanga, 

noPhillip Olivier eEastern Cape. 



Amaqembu okufunda oqonde: Ukushushisa abalimi abasakhulayo abanamasimu ukwakha amaqembu okufunda ukuze bahlangane njalo ukuhlola ukuqeqesha nokuthola ulwazi maqondana nomsebenzi wokukhiqiza ummbila. 



Lo nyaka uJohan Kriel uqale umncintiswano phakathi kwamaqembu okufunda ukwenza amabhanela bese kuzokhethwa ibhanela elihle elidlula onke amanye. Lawa mabhanela azosetshenziswa njalo lapho kuhlanganwa khona nasezinsukwini zabalimi ukukhombisa ukuthi amalungu amaqembu okufunda ayaziqhenya ukuba yilungu. Lezi zithombe zikhombisa ubuhle bamabhanela athile. Lo mncintisano usaseFreyistata kuphela kodwa lesi saziso sifuna ukutshela abalimi abasezindaweni ezinye ukuthi nabo bangangena kulo mncintisano 



Silinde ukubona izithombe ezivela kubalunganisi bamaphrovinsi amanye ukuze sikhethe ibhanela elihle kakhulu! 

