﻿

Isicelo semvume yokuhlala unomphela kubenzi bezicelo abangaphezulu kweminyaka engu-21 nakhona abazingane zezakhamizi zaseNingizimu Afrika

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Umuntu wangaphandle oyingane yesakhamuzi saseNingizimu Afrika nakhona ongaphezulu kweminyaka engu-21 angenza isicelo semvume yokuhlala unomphela

Le nkonzo ikakhulukazi ngeyezingane zabazali abathola ilungelo lokuba yizakhamizi ngemuva kokuhlala iminyaka ethize inikeza ilungelo lokuba yisakhamuzi . Izingane zezakhamizi zaseNingizimu Afrika ngokuzalwa kanye nobuzukulwane zikufanele ukubayizakhamizi zaseNingizimu Afrika kanti futhi asikho isidingo sokuthi zenze isicelo selungelo lokuhlala unomphela.

Izicelo zingenziwa ehhovisi laboMnyango wezaseKhaya noma kwinxusa laseNingizimu Afrika noma i-mission uma kwenziwa isicelo ngaphandle.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu lesicelo, i-BI-947 no-BI-29.
Khipha isitifikedi sokuzalwa.
Kuye ngesimo sakho kwezezimali, abazali bako kungadingeka ukuthi bafakela isibopho zokuzimisela ukusiza kwezezimali.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Immigration Act, 2002  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Asikho isikhathi esibekiwe  sale nkonzo .

Phezulu

Izindleko

R1520

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application for permanent residence permit, BI-947 
Power of attorney in respect of an application for a temporary or permanent residence permit, BI-29  maqondana nesicelo kwimvume yokuhlala isikhashana noma yokuhlala unomphela)

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


