Access (Maize) 									 IsiZulu

Ukuthola umhlaba nesikhathi sokuba nomhlaba

 

 Instructions: 

Folio strap: Isikhathi sokuba nomhlaba 

Byline: UJane McPherson, umphathi wephrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi 

 

Konke ukulima kuhambelana nokusebenzisa umhlaba. Lapha eNingizimu Afrika kukhona izikhathi ezahlukene zokuba nomhlaba. Akuyinkinga kakhulu ukuthola uhlelo oluthile, kodwa kubalulekile ukwazi nokuqonda ukuthi uhlelo lunjani endaweni lapho usebenza khona. 



Ingxenye yezinto ezibalulekile yilokhu: thola imephu lepulazi lakho, ngoba uzoqala lapho ukucabanga ukuthi uzoqhubeka kanjani ngomsebenzi wakho wokulima. Uma ungakwazi ukuthola imephu (kungenzeka emhlabeni womuzi wonke), zama ukuthola umuntu oneGPS ozokutshele ukuthi ipulazi lakho lingakanani. Khumbula, kubalulekile ukwazi ukuthi ipulazi lingakanani ngoba zonke izibalo zemali zihambelana nesibalo samakektheli azolinywa. 



Into enkulu eyinkinga ehambelana nokuthola umhlaba nesikhathi sokuba nomhlaba (land tenure), yindaba yokuboleka imali ngoba kudingeka ukuthi ubenaso isibambiso. Uma ungenazo izincwadi ezikhombisa ukuthi wena ungumnini, awukwazi ukusebenzisa lowo mhlaba njengesibambiso. Lokhu kungaba inkinga, kodwa uma usebenzisa leyo ndawo ukuthola ibondi elizokuya kulabo ababoleka imali, ungayithola leyo mali. Lapho wehluleka ukukhokha isiboleko sakho bazoba namandla ukuthengisa konke ongekwakho ukuthola imali yabo. Lokhu kuyisimo esiqinile se”capitalism” (kusebenza emhlabeni jikelele). Kodwa wena ongumuntu osaqala, osakhula ekulimeni, kufanele ufunde ukungangeni engozini ulahlekelwa zonke izinto zakho. Kungakho-ke ngicabanga ukuthi ufanele uqale ngezinto ezincane, ungaboleki kakhulu – lapho kuvela izinkinga, bese awungeke ulahlekelwe zonke izinto zakho. Lapho kusetshenziswa umhlaba wezwe wabantu bonke, ungaqala kuleyo ndawo enikezwe yinkosi. Lapho uqhubeka ubona futhi ukuthi uzophumelela nakusasa, ungaqasha izindawo zabomakhelwana abangalimi. Khumbula, bonke abantu abafuni ukuba abalimi, abakuthandi. Kukhona abaningi abalimi abanamabhizinisi okulima amahle kodwa balima amasimu abantu bonke, abanalo ngisho ihektheli elilodwa elabo. 

Isikhathi sokuba nomhlaba 

Incwadi yesibopho
 
 
 

 
Imvumo yokulima umhlaba wesizwe?
 
 
 

 
Imvumo yomthetho yokuqasha?
 
 
 

 
Uhlelo lwePLAS loMnyango Wezomhlaba 
 
 
 

 
Umhlaba wesizwe (umnini nguMunisipali) 
 
 
 

 
Izindawo ezithile zifanele ukulinywa ngezindlela ezithile. Inani lemvula, isikhathi sokuqala nokugcina kwesithwathwa nokujula komhlabathi kuzokhombisa indlela yokulima. Kubalulekile futhi ukuqonda ukuthi kukhona ithuba lokunisela kuleyo ndawo – ukunisela kudinga ukuphathwa njalo, kodwa awungeke uvelelwe inkinga yokoma ngoba uzokwazi ukunisela lapho kudingeka. Ezinye izindlela zokulima zidinga ugesi ukusebenzisa imishini. Uthango lubalulekile kakhulu, uma ungakwazi ukuvalela amasimu akho izimfuyo zingangeni, awungeke uphumelele ngokutshala ukudla. 

Imininingwane ephathelene nomhlaba wakho

 

Isigodi
 
 
 

 
Idolobha eliduze
 
 
 

 
Ubukhulu bepulazi (amahektheli)
 
 
 

 
Igama lepulazi
 
 
 

 
Eskom (Inombolo)
 
 
 

 
Ubukhulu betransfoma
 
 
 

 
Ubukhulu bendawo yokunisela (amahektheli)
 
 
 

 
Amandla esigodi ukuba nezimfuyo ezithile ehektheleni elilodwa
 
 
 

 
Isibalo semvula ngonyaka (mm)
 
 
 

 
Ukushisa nokubanda
 
 
 

 
Isikhathi sokufika isithwathwa
 
 
 

 
Isikhathi sokugcina kwesithwathwa
 
 
 

 
Izintango - (yisho ukuthi amasimu athile anezintango futhi isimo sazo sinjani)
 
 
 

 

 
 
 

 

 
 
 

 

 
 
 

 
 

Imininingwane yomhlaba

Imephu lepulazi – qinisa ukuthi unalo imepho lepulazi ukuze ubon ukuthi isimo sinjani – enshonalanga, enyakatho, empumalanga, eningizimu kukhuphi 

Kubalulekile ukubeka ukunombola amasimu namakampu. (lokhu kuzodingeka lapho uzothatha amasampula omhlabathi) 

Thola ubukhulu bamasimu namakampu (uzokudinga lokhu lapho wakha amasu womsebenzi wakusasa nokubheka izindaba zezimali). Uma ubukhulu bendawo abukhonjiswa emephini, kufanele ukuthole ngenye indlela. 

Emhlabeni womuzi wonke kaningi amamephu awekho. Uzodinga imephu leGPS elizokunikeza imininingwane yaleyo ndawo. 



Umhlaba lapho kungatshalwa khona 

 

Igama lepulazi 
 
Inombolo lomhlaba
 
Ubukhulu
 
Uhlobo lomhlabathi
 
Ukujula komhlabathi 
 
Isimo (isimo ngokwamanje nesimo sezitshalo ezitshaliwe) 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 

 




Amanothi:

Kukhona izindlela ezihlukile zokuthola ubukhulu bendawo ethile – ungahamba ngezinyawo ubale izinyathelo zakho, ungasebenzisa isondo elikhombisa ubude, kodwa uma ufuna ukushaya khona ngempela, sebenzisa iGPS. 

Inhlobo yomhlabathi ihambelana nenani lesidaka nesihlabathi esikhona emhlabathini. 

Ukujula komhlabathi kubheka ukuthi kukhona izingqimba ezizovimba izimpande ukumila – lokhu sikubona lapho sigubha umgodi ojulile. 

Kubalulekile ukubheka isimo somhlabathi ngoba kuzokhombisa ukuthi uzosetshenziswa ngayiphi indlela ngokwamanje nangakusasa. 

Kuzobakhona njalo izindawo lapho akuzolinywa khona – imigwaqo nalapho kuzokwakhiwa khona izindlu. 



Ukuthatha amasampula omhlabathi (lapho kuzotshalwa khona)

Kubalulekile ukuthatha amasampula njalo ngeminyaka emibili. Indleko kamanyolo yinto enkulu lapho kutshalwa khona ukudla, ngakho-ke kufanele uqonde kahle ukuthi kufanele uthele umanyolo onjani nenani elidingekayo emasimini athile. 

Kuzodingeka ukuthi umlimi akhokhe imali ukuthatha amasampula. Leyo mali kodwa izokusebenzela phambili, awukayilahli. 

Ubolandela indlela efanelekile lapho uthatha amasampula. 

Thatha amasampula omhlabathi wangaphezulu nangaphansi. 

Isampula ngalinye lifanele libenelebula elinegama nekheli lomlimi, igama lepulazi nenombolo lensimu. (Iphutha lapha lingakudalela ingozi enkulu.). 

Amasampula afune athunyelwe ezindaweni lapho azohlolwa khona – lezi zindawo ziyalandela: 

IARC (eGlen, eCedara, eDohne, ‘Soil, Water and Climate’ ePitoli, ‘Small Grain Centre’ eBethlehem); 

NaseOmnia (nezinye izinkampani ezenza umanyolo). 

Khumbula ukucela bathole inani lesidaka emhlabathini. 

Cela umlayezo mayelana nenhlobo kamanyolo futhi ngaleso sikhathi. Kufanele unikeze imininingwane elandelayo: 

Uhlobo lwesitshalo esizotshalwa ensimini ethile; 

Nenani lemvuno ofuna ukulithola. 

Izidleko zemvelo nalezo ezitshaliwe 

 

Igama lepulazi 
 
Inombolo lekampu
 
Ubukhulu
 
Uhlobo lwesidleko 
 
Inani lamandla (isibalo sezimfuyo) 
 
Isimo (sinjani isimo sesidleko ngokwamanje) 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 

 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 
 

 


Ukunisela negunya lamanzi 

 

Ukunisela (amahektheli)
 
 
 

 
Uhlobo lokunisela 
 
Umshini omile (ndawonye)
 

 
 
 
Amalayini adonswayo
 

 
 
 
Ozungulezayo
 

 
 
 
Okunye 
 

 
Indawo lapho kutholakala amanzi 
 
 
 

 
Amandla omgodi lapho kudonswa khona amanzi 
 
 
 

 
Urejestiwe kubhodi lamanzi 
 
 
 

 
Uvunyelwe ukusebenzisa amanzi angakanani?
 
 
 

 
Amalevi afanele akhokhwe
 
 
 

 


