Tractor (Maize) 									 IsiZulu 

Ukuhlola ugandaganda – uhlelo, Isigaba 2 

Instructions: 

Folio strap: Ukuphatha imishini 

Byline: Imininingwane ithathwe esifundweni esibizwa ngokuthi “Practical Skills”

Use photos as supplied in article 4-9 

Ku-Pula/Imvula laseMeyi 2010 sinikeze uhlelo lezinto ezifanele zibhekwe ngaphambi kokuqala ukusebenza. Ugandaganda uyadingeka epulazini, uma uyangibheki kahle, uzovelelwa izindleko eziningi.

Hlola amanzi apholisayo

Hlola amanzi lapho injini isapholile. Uma kungekho ibhodlela amanzi kurediyetha afanele abe 25mm kusuka phezulu. Qinisa ukuthi kukhona i-antifreeze.



Hlola amaphini elifti

Qinisa amaphini ayalingana.



Hlola ilinki langaphezulu

Qinisa ukuthi ilinki linegrisi futhi kukhona amaphini alingene.



Hlola insimi edonsayo

Qinisa ukuthi amabhawodi aqinili. 



Ngaphambi kokudumisa ugandaganda, yenza okulandelayo: 



Hlala phansi njalo ngaphambi kokudumisa

Qinisa ukuthi uyazazi izinyathelo zokuphepha zalowo gandaganda. Ezinye izinhlobo zidinga ukuthi unyathele ikhlashi futhi ukhiphe egiyeni ngaphambi kokudumisa. 



Dumisa kancane uhlole zonke izibanyana namageji. Uma kukhona inking, lungisa masinya ngaphambi uqhubeka. Ungagijimisi injini kakhulu. 



Sebenzisa igiya elifanelekile futhi bheka ukuthi injini ayihambi ngunzima.



Ukucisha ugandaganda

Dumisa injini kancane (idle) isikhashane ukuze iturbo lithole ithuba lokuphola ngaphambi kokucisha. Gcwalisa ithange ngedizili emva kokusebenza – lokhu kuzovimba umoya okhona phakathi ungaphenduki ube ngamanzi. 


 
 
 
 

