Profits (Maize) (935 words) 								 IsiZulu 

Ukuhlanganisa amagugu – lokhu kungakwazi ukwandisa inzuzo? 

Instructions: 

Folio strap: Ukwandisa inani 

Byline: UJenny Mathews, umphathisihlalo wePhrogramu leGrain SA Farmer Lokuthuthukisa Abalimi 



Ukuhlanganisa amagugu kungaba indlela esetshenziwa ngabalimi ukwandisa inzuzo abayitholayo nokuqhubekisa umsebenzi wabo wokulima. Ngokumfushane, ukungenisa ubugugu, noma ukukhuphukisa inani kusho ukusebenza ngomkhiqizo wakho ngendlela ezokwandisa inani (imali) lalowo mkhiqizo. 



Kuyini ukwandisa inani?

Ukwandisa inani lomkhiqizo kusho ukuthi kufanele umlimi eqale ukusebenzisa (ukushintsha) umkhiqizo wepulazi ngendlela ezomngenisa kulowo msebenzisi wokwandisa inani njalonjalo. Lokhu kuzokwenza ukuthi kufakwe enye imali futhi ngoba kuzodingeka kwenziwe umsebenzi omunye futhi, njengokuqasha abasebenzi abasha noma ukuthenga imishini emisha, ngakho-ke kufanele kubalwe kahle ukuqinisa ukuthi le mali ezofakwa ngaphezu kwezinye izindleko ukushintsha umkhiqizo izoletha nenzuzo engaphezulu. Ngaphezu kwalokhu ukubala izindleko ezinsha nokwakha amasu azobheka izintengiso nezintengo kufanele kwenziwe sonke isikhathi – izintengiso zomkhiqizo zivama ukuba nesimo esiguquguqukayo nezimakethe zishintsha njalo – ngesinye isikhathi ukwandisa inani kuzokulethela inzuzo, ngesinye isikhathi kungaba indleko kuphela. 



Kungani kubalulekile ukuthi abalimi bangene, bahlangane banake lo msebenzi wokwandisa inani?

Kaningi kakhulu abakhiqizi bayayimukela nje inani lentengiso abayitholayo, bona abakwazi ukubopha inani lentengiso, lelo nani libekwa ngabathengi. Lokhu kusho ukuthi ngabathengi abazokusho ukuthi bazokhokha malini ukuthenga into ethile, abalimi abanawo amandla ukucela intengiso engaphezulu. Kanjalo-ke abalimi bafanele bacabange ngezindlela ezizobasiza ukuthola inzuzo ephakeme lapho umkhiqizo wabo ushiya ipulazi ngoba umsebenzi omkhulu wokulungisa lokhu kudla wenziwe ukuze bathole inzuzo engcono nakusasa. 



Ukwandisa inani lommbila.

Inani lezintengiso zommbila ngo-2010 ziphansi kabi, abalimi badinga ukucabanga ngezinye izindlela zokuphakamisa inzuzo yomkhiqizo wabo. Isibonelo: kungabalwa kalula ukuthi inzuzo izoba ngakanani uma ummbila ugaywa bese kuthengswa impuphu. 

Masiqale ukuthi siyakwazi ukuthengisa ithani lommbila nge-R1 000,00 ekhophorasi. Kodwa umlimi uyakwazi futhi ukugaya ummbila wakhe omhlophe athengise impuphu ezodliwa ngabantu nezimpahla. Futhi uyakwazi ukwenza lokhu ngokwakhe (ngesigayo sakhe) noma angathatha ummbila wakhe esigayweni bese awulande lapho kusemaphakethini awuthengise. 

Igunya lokuqala elingakhethwa 

UMnz Mlimi angacabanga ukugaya ummbila namuhla nakusasa futhi ukuthi uzothola inzuzo engakanani lapho esengumgayi naye. Kufanele acabange ngalokhu okulandelayo:

Unayo indawo ekwanele epulazini lakhe yokwenza lo msebenzi noma kuzodingeka ukuqasha enye indawo? 

Kukhona imithetho yezempilo afanele azilandele futhi kuzobiza malini lokhu? 

Kuzodingeka imishini enjani futhi izoba nembuyiselo elingene esikhathini eside? Lapha sikhuluma ngezinto ezinjengezigayo, izikali, imishini ehlanganisayo nezinye ezithungela amasaka/amaphakeji, njll. 

Kuzodingeka amaphakethe anjani futhi uzowatholaphi lawo maphakethe? 

Ukufaka amalebula, ilogo (brand name) nokunye kuzobiza malini? 

Kuzodingeka abanye abasebenzi futhi? 

Uzoyimaketha kuphi nakanjani leyo mpuphu? 

Kufanele ukuthi lokhu kungumsebenzi ozohamba isikhathi eside futhi onguMnz Mlimi uzozibopha kulo msebenzi wokugaya isikhathi eside. 

Igunya lesibili elingakhethwa

Okunye okungakhethwa nguMnz Mlimi ngulokhu: Angathatha ummbila wakhe omhlophe endaweni eduze ezomgayela impuphu. Lokhu kuyinto engagobekayo ngoba yena uzokhetha isikhathi lapho intengiso yommbila iphansi kakhulu ukuthengisa emaketheni, bese ugaya ummbila esigayweni athengise impuphu ukuze akwazi ukuphakamisa inzuzo yomkhiqizo wakhe. Lokhu kumnikeza ithuba lokukhetha ukuthengisa nini noma ukugaya nini. Akudingeki imali enye yokwandisa ibhizinisi lakhe kodwa kuzobakhona ukwandisa kwengcebo. Umlimi ngamunye ngamunye kufanele azibheke kahle zonke izindlela ezizomsebenzela endaweni lapho ehlala khona. 



UMnz Mnini Wesigayo endaweni lapha ngihlala khona uthi izindleko zami ngo-Meyi 2010 zingaba njengalokhu okulandelayo:

Kuzolahleka 20% ngoba uMnini uthatha amakhoba nezimpepha. 

Lokhu kusho ukuthi mina ngizothola impuphu engu-800 kg emmbileni wami ongu-1 000 kg. 

Ngaphezulu kwalokhu uMnini Wesigayo ubiza R320 ukugaya ummbila. 



Uma sihlanganisa konke singathola okulandelayo:

Ummbila: 1 000 kg - 20% okulahlekayo ( amakhoba angu-200 kg) = 800 kg yempuphu kuphela. 

Kodwa: 800 kg yempuphu ifanele ipakishwe nguMnini Wesigayo ezikhwameni ezifanelekile. Ngokwamanje ungathengisa lowo mpuphu nge-R2,20 ngekhilogramu. 



Impuphu – 800 kg x R2,20/kg 								 = R1 760 

Izindleko zokugaya 									 = R 320

Ikheshi ekhukhwini ngethani elilodwa lommbila 						 = R1 440

Inzuzo ngokwandisa ingcebo yethani elilodwa eligayiwe				 = R 440 



Kukhona futhi ezinye izinsizo ezingavela uma silandela le ndlela:

Imisebenzi yezezimali endaweni lapho uhlala khona iyakhula; 

Umkhiqizi (umlimi) uthola isabelo semali esikhulayo emaketheni; 

Umhlaba wasemaphandleni uyasizakala ngemali; 

Kuvela imisebenzi emisha. 

Kukhona eziningi izindlela ezingahlolwa uma sibheka ukuhlanganisa amagugu nokwandisa inzuzo. Mhlawumbe kungaletha inzuzo engaphezulu lapho uMnz Mlimi esebenzisa ummbila wakhe ukufuya izinkukhu, izingulube, izimvu noma izinkomo. Mhlawumbe inzuzo izokhula lapho kwenziwa i-ethanol ngommbila. UMnz Mlimi mhlawumbe uzothola inzuzo eyandayo ngendlela ekhetha ukusebenzisa ummbila wakhe. Konke lokhu sizophinda sikubheke futhi nakusasa. 

