Profit (Maize)      									Zulu 

Abakhiqizi bafanele bathole inzuzo noma qha? 

Instructions: 

Folio strap: Ukwandisa ingcebo 

Byline: UJenny Mathews, umphathisihlalo wePhrogramu leGrain SA lokuThuthukisa Abalimi 

Abaningi abalimi bazothi ukulima akusiwo umsebenzi wokuthola inzuzo kuphela. Kukhona abaningi abanothando, bathanda umhlaba, bathanda ukusebenza ngaphandle, kuyabajabulisa ukungahlali njalo ehhovisini nokulandela imithetho yenkampani ethile. Kodwa bazovuma futhi ukuthi abakwazi ukuqhubeka ngomsebenzi wabo wokulima uma bangatholi inzuzo. 

Ngokuqala inzuzo yebhizinisi ikhombisa ukuthi ibhizinisi iyaqhubeka noma qha. Inani lenzuzo lizonikeza umlimi ithuba lokubheka phambili, lokukhulisa umsebenzi wakhe ukuze akwazi ukuphumelela nakusasa. Inzuzo futhi ingumklomelo womsebenzi wakhe. Lapho umlimi ekwazi ukubala inzuzo yakhe enhle uzobona ukuthi imali engenile epulazini lakhe inombuyiselo, bese uzocabanga ukuphinda futhi ukufaka enye imali ekulimeni kwakhe. 

Izingozi

Bonke abalimi bayazi ukuthi kukhona izingozi eziningi emsebenzini wokulima. Lapha eNingizimu Afrika isimo sezulu siyashintsha njalo, futhi imvula engani ngesikhathi esifanayo ezindaweni ezifanayo yenza ukuthi ukubalela kungafika noma kuphi. Lezi zingozi zizobakhona njalo, kodwa umlimi ophatha umsebenzi wakhe kahle uzozilungisela ukuphatha lezi zingozi uma zenzeka. 

Kukhona izinto ezithile ezingaphathwa ngumlimi, njengokuphatha kahle izindlela zokulima: ukulungisa umhlabathi kahle nohlelo lokufaka umanyolo, ukunisela amasimu ezindaweni lapho kungenzeka, ukuthenga izimbewu ezifanelekile nomanyolo ofanelekile nokuphatha izifo nokhula kahle ngaso sonke isikhathi. Ingxenye yezinto ezikwazi ukuphathwa ngulwazi lomlimi. Abaningi abalimi baqala ngolwazi oluncinci, kodwa bese bafunda kumakholiji ezokulima, abanye bathola ulwazi ezifundweni zePhrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi. Nokuhamba kwesikhathi kuletha ubungcweti ngoba umlimi ufunda sonke isikhathi esebenza epulazini lakhe.

Abakhiqizi bokudla okuzinhlamvu babhekene nenkinga

Ngokwamanje siyazi sonke ukuthi ukukhiqiza ukudla okuzinhlamvu kusenkingeni ngoba ayikho inzuzo. Kwakungezeki neze ukuthi kungasizi lutho ukutshala noma yini. Ngakho-ke kubalulekile manje ukuthi kusemahlombeni komlimi ngamunye ngamunye ukuphatha ibhizinisi lakhe ngendlela efanelekile ukuthola umphumelelo. Lokhu kusho ukuthi kufanele umlimi athintane kahle nezindleko nenzuzo engatholakala kuyo yonke imisebenzi yakhe epulazini. Akusakwanele ukuba umkhiqizi okwazi ukulima, okwazi ukulungisa ugandaganda noma okwazi ukufuya izimpahla kuphela – sekukhona eminye imisebenzi efanele yenziwe!



Thina esingabalimi, siyasebenza nje noma siphatha ibhizinisi eliletha inzuzo? 

Ukuphumelela ekulimeni kuyinkathazo enkulu ngoba kukhona into ebizwa ngokuthi “the tyranny of the urgent” ngesiNgisi. Lokhu kusho ukuthi ekulimeni kukhona njalo inkinga evelayo efanele ibhekwe manjemanje – kuphuka ugandaganda, kugula inkomo, njll. Lokhu kungenza ukuthi sikhohlwe ukucabangela phambili nokuphatha omunye umsebenzi obalulekile. 

Ukuphatha ipulazi kuhambelana ngokucabangela phambili nangokuhlanganisa amasu ukuqhubekela phambili – kudinga isikhathi nokukhuthala, akumnandi njalo. Noma muphi umlimi uzokuzwa okumnandi enhliziyweni yakhe lapho ebona ugandaganda uqala ukulima insimu enonile – kodwa mhlawumbe akusiyo into efanelekile ngaleso sikhathi. Isibonelo: ngo-2010 - 2011, abalimi abatshala ummbila bafanele bacabange kahle ukuthi kuzobalethela inzuzo ngoba izazi zezomnotho zeGrain SA bacabanga ukuthi ubuningi bommbila kuzokwehlisa intengiso bese akungeke kutholakale inzuzo – mhlawumbe kuzobakhona okunye okuzoshintsha lokhu masinya. 

Umlimi ngamunye kufanele ahlole ukuthi ipulazi lakhe likwazi ukukhiqiza inani elithile. Kufanele abheke amasimu akhe, abheke isimo sezimali zakhe, abheke izingozi ezingamvelela, abasebenzi abazodingekayo, futhi abheke amakhono namandla akhe ukuphumelela. Lokhu kungamsiza ukubeka izinto zezomnotho ngaphambili ukuze athole inzuzo efanelekile. Khumbula, inzuzo yakha ukuphumelela! 

Izinto ezibalulekile lapho kuphathwa ibhizinisi nokuhlangiso amasu okuqhubeka ziyalandela: 

Ukukhiqiza

Ngizotshala ziphi izinhlobo zezitshalo? Ngizozihlanganisa nezinye iznhlobo? Yiziphi izindawo epulazini lami ezifaneleke ukutshala? Kukhona ithuba lokufuya izimfuyo ezingakanani? Kukhona into engayenza efaneleke leli pulazi ukuze ngithole inzuzo ekugcineni? 



Okwezimali

Ngizozitshala kanjani lezi zitshalo? Ngilingene ukuthola ukusekela kokuqala ukutshala? Ngiwaphathe kahle amabhuku ami ngendlela efanelekile? Kuzokhombisa loyo ongangisiza ngemali ukuthi ngingumuntu othembekile? Kufanele ngiqashe ogandaganda neminye imishini? Kukhona izinto ezinye ezingandisa izindleko zami zokuqala ukutshala? 

IGrain SA linezazi zezomnotho ezibheka sonke isikhathi ukwehla nokukhuphuka kwezintengiso nokuhamba kwemakete bese bazisa abalimi ngokushintsha kwalezi zinto ezingaba nomthelelo emsebenzini wokulima. Abalimi bafanele bathole izindlela ukuthola leyo mininingwane njalonjalo. Okulandelayo yisibonelo semininingwane enikezwa njalo ngeviki kumalunga eGrain SA: 

Intengo yedizili nophethroli iyakhuphuka ngoAphreli 

UPetru Fourie (isazi sezomnotho ekulimeni: Inputs and Production, Grain SA) 

Mayelana nemininingwane evela kuCentral Energy Fund, intengo yophethroli ingakhuphuka nge-51,5 cents ilitha ngo-7 Aphreli, nedizili nge-54,5 cents ilitha. Lokhu kukhuphuka kungaba ngenxa ukukhuphuka kwezintelo nelevi leRoad Accident Fund (RAF) elizongena ngo-Aphreli, ngoba iCentral Energy Fund ithola ukuthi imali engenayo izoba phansi. Intelo yedizili izokhuphuka nge-17,5 cents ilitha, nelevi leRAF lizokhuphuka nge-8 cents ilitha. Lokhu kukhuphuka kuzokwenza ukuthi idiscount labalimi lizokhuphuka futhi, kusho ukuthi intengo yedizili izokhuphuka nge-42,5 cents ilitha.

(Extract from Grain SA Newsletter week 10 - 12/03/2010)

Ukumaketa

Kubalulekile ukuhlolisisa ukuthi imakete lifuna ini futhi lizokhokha malini ukuthenga umkhiqizo. Akulungi ukusebenza kakhulu nokukhokha imali eningi ukutshala izitshalo ezinhle bese uthola ukuthi lezo zitshalo azidingeki, imakete alizifuni. Kungenzeka futhi kubekhona kakhulu ukudla okuthile bese intengiso iyehla, kusho ukuthi usebenze mahhala sonke isikhathi awutholi inzuzo. Kufanele uhlolisise kahle uthole iqiniso ukuthi ukudla kwakho kuyadingeka futhi abathengi bazokwazi ukukuthenga ngentengiso ezokulethela nawe futhi inzuzo.

Abakhiqizi bommbila bafanele bacabange kahla ukuthi bazokwenzani ngonyaka ozayo. Intengiso yommbila iphansi kabi futhi izohlala khona isikhathi eside. Lapha eNingizimu Afrika kudliwa ummbila ongamathani angu-9 ngonyaka, kodwa sicabanga ukuthi kuzovunwa amathani angu-12,8 lo nyaka. Lokhu kusho ukuthi sitshala ummbila omningi kakhulu, emakete kukhona ummbila omningi kakhulu ngakho-ke intengiso izohlala phansi kuze kwande ukudingeka kommbila. 

Ukwandisa ukufuneka komkhiqizo wethu kufanele sibheke okulandelayo: 

Andisa ummbila othengiswa phesheya; 

Nciphisa inani lommbila otshalwayo singagcwalisi imakete; 

Qala ukwenza i-ethanol ngokudla okuzinhlamvu okuningi; 

Khawula ukuthenga inyama yengulube, izinkukhu namaqanda phesheya nakwamanye amazwe – masikhulise ukukhiqiza kwalokhu kudla lapha kithi. 

Kukhona izinkulungwane zabalimi (abakhulu nabancane) namamiliyoni amahektheli angasetshenziswa ukutshala ummbila uma sikwazi ukukhulisa imakete okuzokhuphula intengiso. Abalimi banamabhizinisi bafanele bathole inzuzo ukuze bakwazi ukuqhubeka ngomsebenzi wabo. 



