﻿

Isicelo semvume yokuhlala unomphela - kwabalingani

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Le nkonzo  itholakala kubantu bangaphandle abangabalingani nobudlelwane nezakhamizi zaseNingizimu Afrika noma abanelungelo lokuhlala unomphela.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu lesicelo, i-BI-947 no-BI-29.

Ubudlelwana banomphela bophathina phakathi kwabantu abaganene noma abahlalisene ngobulili obufanayo  kanye nabobulili obehlukene  bamukelekile, kodwa kunokuba nesitifikedi somshado labo phathina kudingeka ukuthi bachaze kabanzi ngokuhlalisana kwabo, kanye nokusekelana kwabo kanye nokusekelana ngezimali ngokuletha incwadi efungelwe kwabomthetho .
Ukuze aboMnyango wezaseKhaya bakwazi ukunikeza imvume yokuhlala unomphela kumlingani wangaphandle kusakhamuzi saseNingizimu Afrika noma lowo onelungelo lokuhlala unomphela, kumele baneliseke ngokuthi kukhona ubudlelwane bangempela.
Imvume yokuhlala unomphela ikhishwa ngaphansi kwesimo sokuthi iyophela uma kutholakala ukuthi eminyakeni emibili ubudlelwane abusekho, ngaphandle kwalapho kuwukuthi omunye umlingani ushonile.
Ngumlingani oyedwa kuphela wangaphandle ongenza isicelo sokuganana kulesi simo ngokuthi uganene nomuntu oyisakhamuzi saseNingizimu Afrika noma umuntu onelungelo lokuhlala unomphela
Kumele kube uganene nesakhamuzi saseNingizimu Afrika noma umuntu onelungelo lokuhlala unomphela  ngokulandela umthetho wesilungu ongewona owamacala obugebengu  noma umthetho wezamasiko , isikhathi seminyaka emihlanu.
Izicelo zingenziwa ehhovisi laboMnyango wezaseKhaya  noma kwinxusa laseNingizimu Afrika noma i-mission uma kwenziwa isicelo ngaphandle.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Immigration Act, 2002 , as amended 

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Asikho isikhathi esibekiwe sale sevisi.

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application for permanent residence permit , BI-947 
Power of attorney in respect of an application/extension of  immigration permit or temporary residence, BI-29  maqondana nesicelo kwimvume yokuhlala isikhashana noma yokuhlala unomphela, BI-29)

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


