UMmeli uThomas usemafulufulu ngemuva kweminyaka eyi-11 

Ngemuva kweminyaka eyi-11 aqokelwa eHhovisi loMvikeli Womphakathi (i-OPP)eliseMpumalanga Kapa, uMmeli uNomsa Thomas usenogqozi lokwenza okufanele akwenze ekuguquleni izimpilo zemiphakathi ukuzezibe ngcono. 

Lungako-ke uthando loMmeli oshaye impitha, owazalwa wakhula eQueenstown, kangakothi angajabula kakhulu uma enganika usizo nangaphandle kwesikhathi somsebenzi labo abadinga uziso.  Ezisekela   

“Ngithola ugqozi lwami uma ngiguqula ukunyukubala kokuhlupheka nokungathembi ngikwenza ukumamatheka kwethemba. Kunginikeza isizathu sokuba ngibe ngilindele ngosuku oluzayo isakhamuzi esijwayelekile emgwaqeni,” usho njalo.  “Imiphakathi yasemaphandleni esiyisebenzelayo isibona njengabasindisi ekuthulweni Kwezinsizo.” 

Kusukela esemncane kakhulu, uMmeli Thomas wayevele ezithandela ekubambeni iqhaza lokuba nomphakathi ongenzelei lapho abantu, ngaphandle kwebala nangendlea yokubuka izinto baphila ngokukhululeka, benamathuba alinganayo endaweni ephephile.  

Empeleni, kwabe kungokunye kokungalingani embuswebni wobandlululo okwemnika ugqozi lokuba acabange ngumsebenzi wezomthetho.  

Ukholelwa ukuthi iHhovisi Lomvikeli Womphakathi lingenye yesikhungo ezinomsebenzi omkhulu wokubheka ukuthi uhulumeni udlala indima yakhe ekuqinisekiseni ukuthi intandi yeningi iyagxiliswa futhi iqhutshekiswe. 

Ngenkathi uMmeli Thomas ekholwelwa ekutheni iHhovisi ongxenye yalo yamasu ngukwakha ubudlelwano nezinye izinhlaka zombuso kubalulekile, uyashesha ukuqhakambisa ukuthi iHhovisi kufanele, nokho, lihlale lingachemile futhi lingayeme. 

“I-OPP ifanele ibe yimvubelo ekuphatheni komphakathi ezoba nomthelelela omuhle owenza okukhulumayo ekwenzeni intando yeningi ukuba ibonakale kwizakhamizi ezijwayelekile,” usho njalo.  

Ematasa enjalo uMmeli Thomas akanaso isikhathi sokungenzi lutho, nokho, uma ethola isikhathi sokuphumula, uyaye afunde aphinde “aninge ngomhlaba”. 

Unothando lwemidanti yoguquko phakathi Komphakathi wakhe futhi udlala indima ebalulekile ekusungulweni kweqembu losekelana le-HIV/AIDS, iVukume.

Ezinye zezinto azithandayo ngukudlala isikwashi, ibhola lomphebezo, ishesi, ibhola lombhoxo nokuya endaweni yokuzilolonga, agile kakhulu ekuzilolongeni kwesekhethi. 

 

