Focus (Maize) 										 IsiZulu

Umgomo wePhrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi 

Instructions: 

Folio strap: IPhrogramu Lokuthuthukisa Abalimi 

Byline: UJane McPherson, umphathi wePhrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi 

Grabber: Ukuthuthukisa kuhambelana nabantu – kuthintana nomuntu oyedwa. 

 

Lapha eNingizimu Afrika kukhona abalimi abaningi bezomnotho abanolwazi ukulima ngokwezomnotho, abakwazi ukukhiqiza noma siphi isitshalo noma ukufuya noma ziphi izimfuyo. Akukho ukusweleka kolwazi – manje sekudingeka ukuthi lolu lwazi luhanjiswe kulabo abalimi abansundu ukuze nabo bathole ikhono lokulima ngokwabo ngokuqhubeka. 



Izimiso zokuthuthukisa okuqinile nempilo eqinile emaphandleni zihambelana nokubheka izingcebo/izimpahla ezikhona ezingasetshenziswa ngumuntu oyedwa futhi nokwandisa ikhono laloyo muntu ukusebenzisa lezo mpahla. Lezi zimpahla ziyahluka, kungaba abantu, okwezomnotho, okwezomvelo, njll. Uma sifisa ukuthi ukuthuthuka kuqine, kufanele sisebenzise izinto ezikhona ezisetshenziswa ngabantu ukuthola ukudla nemali. Impilo engcono isho ukuthi uhola imali engcono, uphila kangcono, udla kangcono futhi usebenzisa izingcebo zemvelo ngendlela eqinisayo. Umsebenzi wokuthuthukisa wakhiwa ngaphezu kwamandla nezimpahla okusetshenziswa ngabantu. 

Izizathu zobumpofu ziyahluka, kodwa kukhona izinto ezifanayo njalo – iholo elincane, ukukhiqiza okuphansi nokusweleka kolwazi. 

Ukusweleka kolwazi netheknoloji elisha

Abantu abampofu bavama ukungathintani netheknoloji elisha nezindlela ezinsha zokukhiqiza ukudla, basaqhubeka ngezindlela ezindala ngoba abatholi ulwazi maqondana nezindlela ezinsha zokulima. Futhi kaningi abantu bayala ukushintsha ngoba besaba izinto ezinsha ezingaziwa. Bavama nje ukuqhubeka ngezindlela ezindala ngoba bayazi bekusebenza kahle. Khumbula ukuthi abazi ukuthi kukhona izindlela ezingcono ezinsha zokulima. Bazovama ukukhetha izindlela ezingenazo izingozi. Bangeke bazame ukutshala uhlobo olunye lwesitshalo ngoba bayesaba ukuthi umndeni awungeke ubenokudla kusasa. Ngala maphrogramu ethu ukuqeqesha nokuthuthukisa sivulela laba balimi umnyango ukuthintana nezindlela ezinsha zokulima, kodwa kufanele futhi sibavikele bangashoni phansi, ngoba uma bafeyila kungaletha ingozi ekudleni kwasekhaya. 



Ezinye izinto eziyinkinga

Kukhona futhi ezinye izinto ezenza ukuthi abantu bahlale babempofu, njengalokhu: ukomisa kwezulu, izifo, ukungenwa ngamanzi, ukubulalwa kwemithi, ukuguguleka komhlabathi, ubumpofu bomhlabathi nobumuncu bomhlabathi. Uma umpofu, awukwazi ukuvikela izingozi – mhlawumbe awazi ukuthi kukhona inshuwalense nokuyithola kanjani. Lapho iwalakahla lesicotho lishaya izitshalo zakho uzogcina ungenakudla. 



Izisebenzi zikahulumeni ezingaqhubeki 

Kufanele sikhumbule ukuthi umuntu ngumuntu ngokwakhe futhi uphethe ikusasa lakhe ezandleni zakhe. Kodwa kaningi abantu abaphatha umhlaba wethu banamandla ukuzama ukuphatha nokubamba impilo yalabo abangaphansi kwabo. Ukuthuthukisa kufanele kuqale phansi kuye phezulu. Abantu abadinga ukusizwa kufanele baqonde kahle ukuthi usizo luzonikezwa kanjani bese bazokwazi ukuqhubekela phambili. Kaningi amaphrogramu abheka phansi kulabo abafuna usizo enza ukuthi labo balimi bajwayele ukuthola usizo, abasakwazi ukuzisiza bona. 



Izizwe zomhlaba ezisakhulayo (Third World) 

Lapho siqonda ukuthi umuntu oyedwa uphethe ikusasa lakhe ezandleni zakhe, sizoqonda futhi akusizi ukunikeza umuntu inhlanzi njalonjalo ngoba akungumthuthukisi, akumfundisi ukuzibambela izinhlanzi. Ukuthuthukisa ngokuqhubekisa kunikeza abantu amandla ukuzisebenzela. Ukudla okunikezwa nje kwenza ukuthi abantu bahlale phansi bamukele kuphela, abakhuli ngokwabo, abafundi ukuzisebenzela. 



Ukuxhashazwa ngabantu abangabaphathi 

Emzini wonke kukhona abantu abaphatha umhlaba ngendlela engafanelekile bese abantu abampofu baydliwa. 



Izinto zezomnotho

Kukhona izinto ezahlukene zezomnotho ezidala ubumpofu, abantu abanemali elondoloziwe, abakwazi ukuboleka, abekho abazisebenzelayo, ukusweleka kwezindawo zokubeka ukudla, ukusweleka kwamathulusi nemishini, i-inflation, ukumaketha, intengiso ephansi, ukusweleka kwentilansipoti, ukuxhumana nokukhuphuka nokwehla kwentengiso. 

Kukhona amaphrovinsi amanye ayisithombe sobumpofu lapha ezweni lethu. Abantu bayaphumelela, kodwa bayaqhubeka ukubampofu, nokho kukhona izingcebo zezemvelo ezingasetshenziswa. Izindawo ezinkulu zinomhlabathi ojulile, ononile, kukhona ukushisa okwanele, imvula ekwanele ukutshala ukudla okuzinhlamvu nezikawoyela. Kodwa kukhona ezinye izinto ezivimba ukuqhubeka: 

Ubumpofu kuletha ukwesaba ukulimazeka ngokudla ekhaya. Abantu bayesaba ukushintsha ngoba bayazama nje ukuphumelela. 

Ukwesweleka kwe-infrastructure – kakhulukazi imigwaqo, amasayilo nezindawo zokomisa ukudla okuzinhlamvu. 

Ukusweleka kwemishini ezokulimeni – ogandaganda, amaskofela, amapulantela, imishini yokufafaza, imishini yokuvuna, njll. 

Ukusweleka kokusekela izinto zokuqala ukulima. 

Ukusweleka kokuthola imali yokukhiqithiza. 

Ukusweleka kokungena ekumakethini. 

Ukusweleka kokunikeza isisekelo esivela eminyangweni kahulumeni. 

Isimo sokunikeza (kuqale kugavumente owakuqala kwasekwandiswe isikhimu esikhulu saseEastern Cape sokunikeza ukudla). 

Ukusweleka kolwazi namakhono. 

Ukusweleka kwabantu abahamba phambili, abavulindlela – bonke balima ezindaweni ezincane futhi balimela ukudla kwabo kuphela. 

Ukuqasha abankontilaki bese kukhuphuka ithuba lokuvelelwa ingozi ngoba abasebenzi kahle futhi nezindleko zokukhiqiza ziyanda. 

 

IPhrogramu leGrain SA Lokuthuthukisa Abalimi libhekene kakhulu ngokukhiqiza ummbila. Sesingabuza ukuthi kungani sibhekisise kakhulu ummbila? Izizathu zalokhu ziyalandela: 



Ummbila ngukudla okuvamileyo, ngakho-ke ukwandisa ukukhiqiza ummbila kuyasiza ukuqinisa ukuthi kuzobakhona ukudla nakusasa futhi kukhona imakethe likhona lapha (kusuka kummbila oseluhlaza (isikhwebu) kuya kuzinhlamvu ezivuthiwe). 

Ummbila ukhiqizwa ngabalimi lapha, lokhu kusho ukuthi lukhona ulwazi olungasetshenziswa ukuqhubekela phambili. 

Omningi ummbila usetshenziswa lapha, futhi ubekwa ngabalimi emakhaya – ngakho-ke akudingeki intilansipoti, indawo yokomisa nendawo enkulu yokubeka. 

Ummbila uyisitshalo esimila kalula futhi omningi umsebenzi ungenziwa ngezandla (lapho kungekho imishini). 

Lapho kukhona ummbila omningi kakhulu, ungasetshenziswa ngumuzi wonke, abantu, izinkomo, izimvu, izinkukhu nezingulube. Ummbila okwanele wenza ukuthi yonke impilo ibengcono. 

 

Kungani ukuthuthukisa kwabalimi kuthathe isikhathi eside? 

Ukulima akusiyo into elula, abalimi bafanele bakwazi ukuphatha imisebenzi eyahlukene, futhi kukhona njalo izinkinga nezingozi ezingavela. 

Izindleko zokuqala ukutshala ziphakeme nentengiso yokudla iphansi, ngakho-ke kunzima lapha eNingizimu Afrika ukuthola inzuzo ezindaweni lapho kutshalwa ngemvula kuphela. 

Intengo yemishini iyamangaza. 

Abalimi abanolwazi nabezomnotho bayahlupheka – singathini ngabalimi abasathuthukayo abasakhulayo. Nabo bahlupheka kakhulu. 

 Sikholwa ukuthi kuyini okusebenzayo lapho sizama ukuphakamisa abalimi? 

Bonke abasebenza kule phrogramu kufanele basebenze ngokukhuthala, ngobuqotho – ukulima kuhambelana kakhulu ukuphakamisa umlimi, emva kwalokhu sizobheka umhlaba. 

Kufanele siqale ngezitshalo ezilula ukutshala, bese siqhubeka kwezinye izitshalo ezinzimana. 

Nikeza umlimi ithuba lokuqala ukulima ngezinto enazo – ukuqala ngezinto ezincane endaweni encane kungcono ngoba akungeke kulethe ingozi enkulu. (Khumbula ukuthi loyo muntu ofisa ukusebenzisa indawo yakhe uphumelele ngaso sonke isikhathi ngemali evela noma kuphi. Uma ekwazi ukuthola inzuzo encane nje ehektheleni elilodwa kuyimali ekhukhwini ngaphezu kwaleyo ayiholayo. Ngokuqala endaweni encane umlimi uzokwehlisa itshansi lokuvelelwa ingozi, uma elandela umlayezo oqondile, uzokhula ngolwazi nangamandla). 

Ungamcindiseli umlimi ukusebenzisa umnkontilaki, kungcono ukusiza umlimi aphathe alungise imishini yakhe alime ngokwakhe. Kuzoba ngcono futhi umlimi eqashisa amasimu angawasebenzisi ngesikhathi ezama ukukhula emsebenzini wokulima. 

Ukuthola umaluleki othembekileyo kuyinto enhle – kodwa kufanele kube umuntu oqotho, hhayi lowo nalowo! Umaluleki ungumuntu ononake, ofisa ukukhulisa umlimi, umuntu ozothatha isikhathi sokunikeza ulwazi nokumsekekeIa. Ukuhlangana nokusebenzisana ngaphakathi komlimi nomaluleki kufanele kube kuhle – bayathembana, bayahloniphana, bezwa okumnandi lapho basebenzisana bahlangene. E-Eastern Cape kunzima ukuthola abaluleki ngoba abekho abakhiqizi bezomnotho emaphandleni. 

Kufanele siqhubeke ukwazisa abalimi, akufanele sithathe izinyathelo ngaphandle kokukhuluma nabo – ‘asivuni lutho ngaphandle kwethu’. 

Sekela abalimi ukubheka kahle isimo sebhizinisi sabo sokulima – amasimu abo, ogandaganda, imishini, izimpahla, izimfuyo, izinto bazinazo, izikwenethu, njll. Kufanele sisize abalimi ngazo zonke izinto ukuze bazoqonda kahle ukuthi umsebenzi wokulima unjani. Isibonelo: umlimi unamandla (Kw) angakanani ukulima amasimu angakanani? 

Qinisa ukuthi abalimi baya ukuqeqeshwa futhi bangene kule phrogramu lokuthuthukisa. Ukuba umlimi wezomnotho kuthatha isikhathi eside futhi kukhona izinhlangano ezahlukene ezikwazi ukusiza ngalo msebenzi. 

