Chemicals (Maize)         									IsiZulu

Cabanga ngaphambi usebenzisa amakhemikheli

 

Instructions: 

Folio strap: Ukuphatha ukhula ngamakhemikheli 

Byline: UCorné Louw, ingcweti yezomnotho ekulimeni: Production/Inputs, Grain SA 

Photos:  

      Photo 1: Lokhu kuzokwenza lapho ufafaza ummbila ngomuthi ngaphambi kwesikhathi.

      Photo 2: Qinisa ukuthi ufafaze umuthi ngendlela afanelekile. 



Amakhemikheli asetshenziswa ekulimeni angalimaza izitshalo zakho kakhulu uma awathelwanga maqondana nemilayezo nangokuqaphela. Ukulandela izinyathelo ezifanelekile lapho uthenga futhi uthela amakhemikheli kuzokusiza ukungalimazi izitshalo zakho. 



Qaphela okulandelayo lapho usebenzisa amakhemikheli:

Umuthi othile urejestiwe ukuthelwa esitshalweni esithile (lapha eNingizimu Afrika) futhi ukubulala ukhula lothile noma izifo ezithile? 

Uthele inani lomuthi maqondana nomlayezo? 

Isimo sezulu ngesikhathi sokuthela nangemva kwalokhu siyahambelana nomlayezo? 

Isikhathi sokuthela umuthi siyafana nomlayezo, isibonelo: ekuseni noma entambama? 

Isimo sensimu lapho kutshalwa khona siyavumelana nezidingo sallow muthi, isibonelo: ubumanzi nenhlobo yomhlabathi? 

Umuthi othelwayo uyavumelana nomlayezo maqondana nobukhulu balezo zitshalo ofuna ukuzibulala? 

Umthelelo emva kwesikhathi – umuthi owuthelile awungeke ulimaze ezinye izitshalo uma ushintshana izinhlobo zezitshalo njalo ngonyaka – awungeke ubulale izitshalo zokudla ozozitshala ngonyaka ozayo? 

Lowo muthi owusebenzisayo ungahlanganisa neminye imithi noma qha – isibonelo: ukuhlanganisa umuthi othile ozobulala ukhula neminye imithi ebulala izilokazane nokhunta? 

Ukwehlisa ukudaleka kwezingozi ezihambelana nokuthela amakhemikheli, iGrain SA ithi abalimi bafanele baqinise ukuthi baqonda kahle okulandelayo lapho bethenga amakhemikheli: 

Kufanele umphatheli (agent) othengisa umuthi afakazele ukuthi inkampani yakhe iyilunga leCropLife SA; 

Kufanele inkampani enikeza umuthi ibe ilunga leACDASA; 

Kufanele umphatheli afakaze ukuthi unolwazi olulingene (uphasile i-exam leAVCASA); 

Kufanele imilayezo yokuthela umuthi ibhalwe phansi futhi isayinwe ngumphatheli. 

Abalimi bafanele baqaphele lapho befafaza umuthi ngoba umuthi ungaphephuka. Kungadaleka ingozi enkulu ezitshalweni eziduze ezingalinyazwa ngumuthi. 

Kubalulekile ukuthi umuthi ungathintani nokudla. Ngokuthela umuthi ngendlela efanelekile nokuphatha amarekhodi kuzosiza ukuthi ukudla kuhlale kuhlanzekile.

