ABANTU BESIFAZANE NEPHALAMENDE     

1. KUNGANI KUBALULEKILE UKUTHI ABANTU BESIFAZANE BABAMBE IQHAZA EKWENZIWENI KOMTHETHO

Abantu besifazane bangaphezu kwesigamu sabantu baseNingizimu Afrika yingakho-ke kumele amazwi abantu besifazane kumele afakwe uma kuthathwa izinqumo futhi kwenziwa nemithetho.

Lokhu kufakwa kwabesifazane ekwenzeni izinqumo kuyilungelo ngqangi labantu. abesifazane kumele babambe iqhaza ekwenzeni umthetho ngoba ukuqaliswa kwemithetho kanye nemigomo kahulumeni inomthelela ezimpilweni zabo zazonke izinsuku. okubaluleke kakhulu ukuthi, ucwaningo selukhombisile ukuthi uma abesifazane bebamba iqhaza ekuthathweni kwezinqumo, kuholela ekwenyukeni kokubhekwa ngqo kanye nasekwabiweni kwezinsiza ezenza ngcono izinga lempilo labantu bonke. 1 Ukunyuka kokubamba iqhaza kwabesifazane ekwenzeni umthetho kungelulwa kuholele ekwenziweni ngcono kokufinyelela kwizinsiza eziyisisekelo ezifana nezezindlu, ezemfundo kanye nezenhlalakahle.  

2. ABESIFAZANE BANGALIBAMBA KANJANI IQHAZA EKWENZENI UMTHETHO?
UMthethosisekelo waseNingizimu Afrika uthi kumele umphakathi uwazi ukufinyelela futhi uzibandakanye ePhalamende kanye nasezinhlelweni zalo. Kunezindlela ezehlukene lokhu okungenziwa ngazo.  

Abesifazane bangabamba iqhaza ekwenzeni umthetho ngokuvotela iqembu lezepolitiki abacabanga ukuthi lingamela imibono kanye nokubakhathazayo kangcono ePhalamende. Bangabamba iqhaza futhi ekuhleleni kanye nasekusebenzeleni iqembu abalikhethile kanye nangokukhethwa bafakwe ezinhlakeni zalo. Abantu besifazane sebenyukele ezikhundleni eziphezulu  ngale ndlela.  

Amalungu omphakathi anelungelo lokwethamela imihlangano yamakomidi aphinde abambe iqhaza ezimbizweni zokuthola izimvo zomkhakathi ngokuthile. Uma kuwudaba umphakathi olangazelela ukuzwa ngalo, iKomidi leNdlu yesiShayamthetho kuZwelonke noma loMkhandlu kaZwelonke Wezifundazwe linganquma ukuba nezimbizo zokuzwa izimvo zomphakathi noma limeme ukuthi kufakwe iziphakamiso. Umphakathi ungazisa iKomidi leNdlu yesiShayamthetho kuZwelonke noma iKomidi loMkhandlu kaZwelonke Wezifundazwe izimvo zawo ngezinkinga okunengxoxompikiswano ngazo. Amalungu omphakathi angathinya iLungu lePhalamende ukuze azwakalise uvo ngengxenye yomthetho. 



3. IKUPHI OKUHLINZEKWE UMTHETHOSISEKELO UKWENZA UKUBAMBA IQHAZA KWABANTU BESIFAZANE?
Umthethosisekelo waseNIngizimu Afrika uhlinzeka ngohlaka lokugqugquzela ukulingana ngokobulili, futhi kanye nokubamba iqhaza kwabantu besifazane ekwenziweni komthetho. UMthethosisekelo uqukethe okuhlinzekiwe okuyidlanzana okukhulisa ukulingana ngokobulili. UMqulu Wamalungelo uqinisekisa ukuphathwa ngokufana kwabo bomke abaseNingizimu Afrika. Kuvimbela ukucwasa okungenasidingo okusekelwe kuhlanga nobulili.

UMqulu Wamalungelo ugcizelela ukuthi kumele kuthathwe izinyathelo zokugqugquzela ukuzuzwa kokulingana kuyo yonke imikhakha yomphakathi.
UMthethosisekelo uhlinzeka izikhungo ezixhasa intandoyeningi, kanye nokubamba iqhaza kwabesifazane. Lezi zikhungo zihlanganisa IKhomishana Yokulingana Ngobulili kanye neKhomishani Yamalungelo Abantu yaseNingizimu.

Ukwengeza kokuhlinzekiwe kuMthethosisekelo, iNingizimu Afrika izibophezele ekulinganeni ngokobulili ngezivumelwano enazo namazwe omhlaba ezifana neSivumelwano Sokuqedwa Kokucwaswa Kwabesifazane (CEDAW) kanye Nenkundla Yokuthatha Izinyathelo (Platform of Action), eyasungulwa Ingqungquthela Yabesifazane eBeijing. INingizimu Afrika itingxenye yezinhlelo eziyidlanzana zase-Afrika zokuthatha izinyathelo kanye nokuthuthuka kwabesifazane, isb. Umkhandlu Wentuthuko ye-Afrika EseNingizimu (SADC) obhekelele ubulili kanye nentuthuko. 


4. IZIPHI IZINHLAKA EZIBALULEKILE ABANTU BESIFAZANE ABANGABAMBA IQHAZA KUZO EKWENZIWENI KOMTHETHO?

Indlela yokuqala nebaluleke kakhulu yokuthi abesifazane bazibandakanye ePhalamende  ingesikhathi sokhetho. Indlela ababntu abavota ngayo ngesikhathi sokhetho ikhomba ukwakhiwa kweNdlu YesiShayamthetho kuZwelonke kanye noMkhandlu kaZwelonke Wezifundazwe. Ukhetho lukazwelonke lunika bonke abantu abangaphezu kweminyaka eyi-18 ilungelo lokuvotela iqembu abalithandayo. Abesifazane benza inani elikhulu labavoti futhi bangasebenzisa ilungelo lokuvota ukuze babe nomthelela ekuthini iPhalamende lakhiwa kanjani, nokuthi isikhungo sikubeka kanjani phambili ukuthuthukiswa .

IPhalamende lesine selisungule lawa Makomidi alandelayo abhekene ngqo nezindaba ezithinta abesifazane :

IKomidi leNdlu yeSishayamthetho Kuzwelonke Elibhekene Nezindaba Zabesifazane, Intsha, Izingane Nabantu Abaphila Nokukhubazeka

IKomidi loMkhandlu kaZwelonke Wezifundazwe elibhekene nezindaba Zabesifazane, Intsha, Izingane Nabantu Abaphila Nokukhubazeka 


UMnyango omusha Wabesifazane, Izingane Nabantu Abaphila Nokukhubazeka wakhelwe ukuqinisa okwenziwa uhulumeni ekuthuthukiseni kanye nasekuvikeleni abantu abasengozini emphakathini wethu.

5. IZIPHI IZINSELELE EZIBHEKENE NABESIFAZANE EKUBAMBENI IQHAZA EKWENZIWENI KOMTHETHO?

Noma abantu besifazane beyiningi ebantwini baseNIngizimu Afrika, abantu besifazane baseyidlanzana uma kuziwa ekuthathweni kwezinqumo. Kunezinselele eziningi ezivimbela ukuthi abantu besifazane badlale indima ephelele nezwakalayo, futhi enkulu kunazo zonke ubumpofu. Ubumpofu yimpi ebhekene nabantu besifazane abaningi eNingizimu Afrika, ikakhulukazi abantu besifazane basemaphandleni. 

Ukufinyelela kwizinsiza eziyisisekelo ezifana nezemfundo, amanzi kanye nezenhlalakahle kufunzelelwe ubudlelwane bokungalingani ngokobulili, uhlanga kanye namazinga ngokwenhlalo. Ukuze abantu besifazane babambe iqahaza ngokuphelele ekwenziweni komthetho, ukufinyelela kwabantu besifazane kwizinsiza eziyisisekelo kumemele kwenziwe ngcono. Abantu besifazane abampofu bafinyelela ngokungenele ezikhungweni ezenza umthetho.

Abantu besifazane abaningi bantuka ukuhlonyiswa ngokwezomnotho. Abantu besifazane ngokujwayelekile bayiqembu elintula kunawo wonke eNingizimu Afrika futhi maningi amathuba okuthi bangaqashwa kakhulu noma bangasebenzi.

Phezu kwalokho, igciwane lesandulela ngculazi kanye nesifo sengculaza kuthinta ingxenye enkulu yabantu besifazane, ikakhulukazi abantu besifazane abasebencane abakwiminyaka yabo yokuthola abantwana. 

Udlame olubhekiswe kubantu besifazane luhleli lungenye yezinselele ezinkulu ezikhungethe iNingizimu Afrika.

Intandoyeningi yethu ekhulayo seyenze ngcono ukufinyelela kwabantu besifazane emandleni epolitiki kanye nokuthatha izinqumo. INingizimu Afrika seyiphinde yemukela umthetho wokulungisa ngqo ukulingana ngokobulili. 

Inselelo ukwenza amalungelo afinyelele kubo bonke abantu besifazane.


6.  BAMELELEKE KANGAKANANI ABESIFAZANE NJENGAMANJE EPHALAMENDE?

Ukumeleleka kwabantu besifazane eNdlini yeSishayamthwtho kuZwelonke sekunyuke kwafinyelela kuma-45%. INingizimu Afrika ikleliswe endaweni yesithathu emhlabeni ngokuphathelene nokumeleleka kwabesifazane ePhalamende 


7. IYIPHI INDIMA ENGADLALWA ABANTU BESILISA?

Amadoda anendima ebalulekile okumele bayidlale ekuzuzeni ukulingana ngokobulili emphakathini waseNingizimu Afrika. Aya ngokwanda amadoda asukumayo aphikisana nodlame olubhekiswe kubantu besifazane kanye nezingane. Amadoda kumele enze amanye amadoda ashitshe indlela abuka ngayo izinto, futhi ahloniphe nabantu besifazane. Abantu besilisa kanye nabantu besifazane banendima elinganayo nebalulekile ekuguqulweni kobudlelwane bobulili emphakathini. Awukho umphakathi ongakhululeka ngokuphelele kubugqila kuze kube abantu besifazane kanye nabantu besilisa bawo bakhululekile futhi bayalingana, futhi ngapha, abantu besilisa kanye nabantu besifazane bathwele isibophezelo ngokubambisana. 


___________________________________________________________________

Okunye Okungafundwa:

1 Molokomme, Representation of Women and Men in Politics and Decision-making Positions in SADC, 2001
___________________________________________________________________



IMINININGWANE YOKUXHUMANA EBALULEKILE

IKomidi leNdlu yeSishayamthetho kuZwelonke Elibhekene Nezindaba Zabesifazane, Intsha, Izingane Nabantu Abaphila Nokukhubazeka 
Inombolo Yocingo: (021) 403 3840

IKomidi loMkhandlu kaZwelonke Wezifundazwe Elibhekene Nezindaba Zabesifazane, Intsha, Izingane Nabantu Abaphila Nokukhubazeka  
Inombolo Yocingo: (021) 403 3768

UMnyango Wezindaba Zabesifazane, Intsha, Izingane Nabantu Abaphila Nokukhubazeka 
Inombolo Yocingo: (012) 300 5575 / 5516 / (021) 464 2203


___________________________________________________________________


Yenziwe Yihhovisi Lezokuxhumana LePhalamende
LIFAKWE UGQOZI NGABANTU


www.parliament.gov.za
P.O. Box 15, Cape Town, 8000
Inombolo yocingo: (021) 403 3341
Isihlanzamazwi: (021) 403 3303


Le ncwajana itholakala ngazo zonke izilimi ezisemthethweni zaseNingizimu Afrika
