

Isicelo sepasipoti yabasebenzela uhulumeni

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Ipasipoti yabasebenzela uhulumeni  ikhishelwa izikhulu ezisezikhungweni zikahulumeni lapho zifisa ukuhambela amazwe angaphandle maqondana nemisebenzi kahulumeni. Ipasipoti yabasebenzela uhulumeni isebenza iminyaka emihlanu.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Qinisekisa ukuthi unomazisi wakho noma isitifikedi sokuzalwa kuwe ukuze wenze isicelo.
Gcwalisa ifomu le-BI-73 ulihambise wena mathupha ehhovisi eliseduzane loMnyango wezaseKhaya. Lihambise kwiNxusa  noma imission yeNingizimu Afrika uma wenza isicelo ungaphandle kwezwe.
Yenza ukuthi kuthathwe izigxivizo zeminwe yakho ukuze irekhodwe  kuhla lwabantu ezweni .
Fakela nezithombe ezimbili zosayizi wepasipoti.
Yenza isicelo sepasipoti yabasebenzela uhulumeni kanye nomazisi  ngaso leso sikhathi uma ungeke wakwazi ukulinda.
Fakela incwadi evela kumqashi wakho echaza izizathu zokuthi kungani ufuna ipasipoti yabasebenza kuhulumeni.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

.

South African Passports and Travel Documents Act, 1994  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Le nkonzo ingathatha iviki elilodwa  ukuya kumaviki angu-6.

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

.

Application for a South African passport or travel document, BI-73 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


