IPHALAMENDE LERIPHABHULIKI YASENINGIZIMU AFRIKA

UTHI UBUWAZI NJE?

AMAPHETHISHINI

UKUZIMBANDAKANYA NEPHALAMENDE

Ukubamba iqhaza kwabantu kuyisisekelo esibalulekile kwintando yeningi yethu ethuthukayo; ngokunye kwezindlela zokuqinisekisa ukuthi uHulumeni uyaphendula ngakwenzayo kubantu. IPhalamende liveze izindlela eziningi zokuthuthukiswa kokuzibandakanya kwabantu emsebenzini wokushaywa kwemithetho kanye nokwandisa ukufinyeleleka kwePhalamende labantu. Ukubamba iqhaza emsebenzini wePhalamende akulukhuni njengoba kubonakala kanjalo. Enye indlela abantu abangayilandela ukusebenzisa leli lungelo labo loMthethosisekelo, yindlela yephethishini.

IYINI IPHETHISHINI?

Iphethishini yisicelo esisemthethweni esibhekiswa ezikhulwini eziphethe ukuthi zenze okuthile. Ingaba phakathi kokunye yisicelo sokwenzelwa okuthile noma ibe yizimfuno zokuthi kuxazululwe okukhalazwa ngakho. Ukuze iphethishini ibe nomphumela, kufanele icacise ukuthi ibhekiswe kubani, nokuthi kuyini okukhalazwa ngakho, futhi ihambisane nezizathu ezikhuthaza lokho bese futhi ifaka amagama neminingwane yokuxhumana yalabo abakhalazayo(okhalazayo).

IZINHLOBO ZAMAPHETHISHINI

Amaphethishini ahlukaniswe kabili, okungamaphethishini ayisipesheli kanye namaphethishini omphakathi noma amaphethishini-nje ajwayelekile. Iphethishini eyisipesheli kulapho  umuntu enza khona isicelo esithile noma ecela eMbusweni umxhaso ngezimali, okuyinto esuke ingagunyazwanga umthetho, okufana nokuthola impesheni. Iphethishini yomphakathi kulapho iqoqo lomphakathi elinezihloso ezifanayo licela umxhaso, lokhu-ke kungafaka noma ngabe yini eyiphethishini.

UKWETHULWA KWEPHETHISHINI 

Kuyilungelo elibekiwe lamalungu omphakathi embusweni wentando yeningi ukuhlela nokwethula amaphethishini noma nini uma isidingo sivela. Ngokulandela Isigaba 17 soMthethosisekelo waseRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika (UMthetho 108 ka-1996), othi: nanoma yiliphi iqoqo lezakhamizi kanye nabo bonke abantu banelungelo lokukhalaza ngokuthula bengahlomile, lokuhlangana, lokubhikisha, lokuzwakalisa ukungenami ngokuthile kanye nelokwethula iphethishini. Nakuba kunjalo, kunemitheshwana efanele ilandelwe ngabantu kanye/noma ngamaqoqo ekuhleleni amaphethishini abo. 

YiLungu LePhalamende kuphela elingakwazi ukwethula ngokusemthethweni iphethishini ukuthi icutshungulwe ePhalamende. Ilungu lomphakathi noma iqoqo labantu kumele lithumele amaphethishini alo kuMalungu EPhalamende lalo licele ukuthi balethulele wona ePhalamende.

IFOMETHI YEPHETHISHINI

Ngaphambi kokuthi iphethishini ifakwe, kufanele ukuthi ihlangabezane nezimfuno ezilandelayo:
Ibhalwe efomini elenzelwe yona nguSomlomo weSishayamthetho Sikazwelonke noma nguSihlalo woMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe;
Ibhalwe ngolunye lwezilimi ezisemthethweni;
Isayinwe ngokhalazayo noma abakhalazayo uqobo (ngaphandle uma uSomlomo noma uSihlalo enquma ngenye indlela);
Ingabi nolimi oluqosheme nolungenanhlonipho;
Ichaze ngokucacile izindaba noma izimo ekufanele zicutshungulwe yiPhalamende; nokuthi
Kumele ibalule inhlobo yosizo elucela ePhalamende kodwa kube wusizo iPhalamende elingase likwazi uklinika ngokwegunya lalo.

IFAKWA KANJANI IPHETHISHINI EPHALAMENDE

Ngenxa yokuthi iphethishini kumele yethulwe ngokomthetho ePhalamende, ngakho-ke okhalazayo noma abakhalazayo kufanele bathole ukuxhaswa yiLungu lePhalamende.  

, Kuyisiluleko ukuthi ngaphambi kokuthi ufake iphethishini ukhulume neLungu LePhalamende kuqala ukuze uzwe ukuthi lizokuxhasa yini nokuthi uqinisekise ukuthi ifomethi kanye nokuqukethwe yiphethishini yakho kulungile- na. 

Uma kukhona amaphepha afakazela le ndaba okukhalazwa ngayo ngokhalazayo noma abakhalazayo, wafake ahambisane ephethishinini.

ILungu lePhalamende lizoyifaka kuNobhala wePhalamende iphethishini yakho ukuze ayibuyekeze futhi ayifakazise ukuthi ifomethi yayo kanye nalokho ekuqukethe kulungile ngaphambi kokuthi ayinike uSomlomo noma uSihlalo.

Iphethishini izokwethulwa ePhalamende bese idluliselwa ekomidini noma emakomidini abhekene nalezo zindaba eziphakanyiswe ephethishinini yakho. 

Imibuzo ngamaphethishini ingaqondiswa ku:
The Clerk of Papers
Inombolo yocingo: (021) 403  2224/6
