


Umshwalense weSikhungo Wokusiza Uma Wehlelwa Ingozi
Incazelo Emfushane Ngomshwalense













IPhalamende leRiphabhuliki yaseNingizimu Afrika











01 Julayi 2009 ukuya ku-30 Juni 2010




Inhloso yale dokhumenti ukuhlinzeka abaphathi ngeNcazelo eMfushane ngoMshwalense wezinto ezibalulekile zokuvikeleka okuhlinzekwa ngaphansi kokuBhekwa kweNcazelo yezinto ezibalulekile zomshuwalense ezihlinzekwe   ngaphansi kwepholisi (policy) koMshwalense Wokusiza Uma Wehlelwa Ingozi (GPA) ngaphansi kwe-GPA Policy Number FASA/1998-00426 	WENGANYELWE I-FASA (ABaphathi abazimisele ukukhokha uma kwehla ingozi bakwa-Hollard Insurance Company Ltd).





Ovikelwe Umshwalense

IPhalamende leRiphabhliki yaseNingizimu Afrika (Qaphela: Zonke izinzuzo ezingaphansi kwale pholisi zikhokhelwa iPhalamende kuqala)


Abantu Abavikelekile

AmaLungu EPhalamende
Abasebenzi BasePhalamende


Okuvikelwe

Ukushona ngengozi noma ukulimala emzimbeni 
Ukuvikeleka kwamahora angama-24,  izinsuku ezingama-365 zonyaka


Amanothi achaza ngokuvikelwayo

Izinzuzo ngokuphathelene nokuShona kanye nokuKhubazeza kweMpiloyakho yonke ziyakhokhwa ngaphezu kwezinye izinzuzo ezikhokhwa ngeminye imithombo (isb. (Group Life, (kwisiNxephezelo sokuLimala kanye neZifo Ezitholakele eMsebenzini (COID),RAF.)
Inzuzo yokuKhubazeka Ngokuphelele kweSikhashana ikhokhwa kuphela ukufinyelela kulokho okunqunywe ngokwezezimali yiphalamende ngokuphathelene ngokuKhubazeka kweSikhashana komuntu ovikelekile.
Inzuzo yeZindleko zeZokwelashwa iphathelene kuphela nokulimala ngengozi emzimbeni.
Izindleko zeZokwelashwa eziqhamuka ezigamekweni ezihlobene nomsebenzi ezivikelwe i-COID kumele zifakwe kwisicelo sokukhokhelwa i-COID. Ukuvikeleka okufakwe ngaphansi kwepholisi yoMshwalense wesiKhungo Wokusiza Uma Wehlelwa Yingozi uzohlinzeka kuphela ngesengezo uma kwenzeka kukhokhwa imalli encane kakhulu kunaleyo edingekayo. (QAPHELA: Lokhu kuyinto engeke yenzeke njengoba i-COID  ihlinzeka ngeZindleko zeZokwelashwa  ezingenamkhawulo ekulimaleni okuphathelene nomsebenzi).
IZindleko zeZokwelashwa ezingeke zifakelwe isicelo sokukhokhelwa ngaphansi kwe-COID kumele zifakelwe isicelo sokukhokhelwa kule pholisi ye-GPA.


Izinzuzo Ezivikelwe

Ukushona Ngengozi 				-	Ama-60% yomholo woNyaka ophindwe ka-5  njengoba kuchaziwe.
UkuKhubazeka Impilo yakho yonke		-	Iphesenti leNzuzo yokuShona, encike kwizinga lokukhubazeka (isb. Ama-100% ngokulahlekelwa isitho somzimba kodwa i-1% ngokulahlekelwa uzwane)
UkuKhubazeka Ngokuphelele kweSikhashana 	-	Ama-100% eSilinganiso soMholo weSonto isikhathi esingedlule kumasonto ayi-104 (isonto lokuqala alihlanganisiwe)
IZindleko zeZokwelashwa 		 		-	Imali okungedlulwe ngaphezu kwayo eyi-R50, 000 kumuntu ngamunye ovikelekile ( kukhishelwa eceleni ama-R250 okuqala)
Inani okungedlulwe ngaphezu kwalo lemali ngaphansi kwale pholisi lime njengalapha ngezansi:
Noma imuphi umuntu ngamunye 	       -	Izi-R10, 000, 000
Noma isiphi isehlakalo esisodwa esivikelwe   -	Izi-R80, 000, 000

Okungavikelwe

Ukuzibulala, ukuzilimaza ngenhloso, ukuzibeka ngenhloso engozini yengozi noma ukulimala okucacile (ngaphandle uma uzama ukusindisa impilo yomuntu).
Ukushona noma ukukhubazeka ngenxa yenkinga yangokomzimba ovele unayo noma ubuthakathaka (	QAPHELA: sicela wazise i-Glenrand MIB uma unabasebenzi abanokukhubazeka ukuze sizame ukwelula ukuvikeleka).
Abantu abangaphansi kweminyaka eyi-16 kanye nabangaphezu kweminyaka engama-75 (kodwa abantu abathile abashiwo bavikelwe ukufinyelela kwiminyaka engama-85).
Ukundiza ngaphandle uma ungumgibeli.
Ukushona noma ukulimala lapho kutholakala khona ukuthi umuntu ovikelwe ubephuzile noma esebenzise izidakamizwa noma lapho isilinganiso sezinga lotshwala egazini singaphezu kwesilinganiso sezomthetho esingeqiwe.
Ezemidlalo ezikhokhelwayo, ukugibela indiza kaseyili (hang gliding) noma indiza kaseyili eyakheke njengesithuthuthu (imicro lighting).
Ukushona noma ukulimala ngenxa  yokwephula umthetho.


Indlela okumele ilandelwe uma ufaka isicelo sokukhokhelwa

Zonke izigameko ezingabanga ukufaka isicelo sokukhokhelwa ngaphansi kwale pholisi kumele zibikwe kwi-Glenrand MIB (ngokwedlula kuPam Hintsho kubasebenzi basePhalamende noma uLinda Harper kumaLungu ePhalamende) ngokukhulu ukushesha kodwa kungakapheli izinyanga ezi-3.
Zonke izicelo ezifakiwe zokukhokhela ukushona kumele zibikwe ngaleso sikhathi futhi ngaphandle kokulinda okungenasidingo.
Ukuze uthole ukusizwa noma ukwelulekwa kunoma yini ephathelene nokufaka isicelo sokukhokhelwa sicela uthintane nabasebenzi abalandelayo bakwa-Glenrand MIB:

UMnu Frank Ndaba	011  329 1556

Yonke imali etholakele yale pholisi izokhokhelwa iPhalamende kuqala.


Imibuzo Jikelele

Laba  abalandelayo bakwa-Glenrand MIB bakhona ukukusiza nganoma yini  ephathelene nepholisi yePhalamende ebizwa nge-GPA.

UMnu Themba Zulu	011  329 1813 (UMphathi we-Akhawunti)

UNkz  Khanyisa Gogela	021  442 4145

UNkz Takalani Tshibalo	011  329 1180
