IPHALAMENDE KANYE NOKUQAPHA UKUSEBENZA KUKAHULUMENI



Ukuhlolwa ngeqiniso kwentando yeningi kuyindlela iPhalamende elingakuqinisekisa ngayo ukuthi uhulumeni uhlala eziphendulela kubantu. Lokhu kwenziwa ngokuqapha zikhathi zonke (ukuze kulandelelwe) izinhlelo zikahulumeni.



IPhalamende kanye namaKomidi alo banamandla okubiza noma yimuphi umuntu okanye isikhungo ukuba siveze ubufakazi kumbe sikhiphe imibhalo ethile, futhi sibike kubona.  



Igunya ngokoMthethosisekelo

UMthethosisekelo uveza ukuthi iPhalamende linamandla okuhambela wonke amalungu ombuso, kubandakanya nalawa asemazingeni kahulumeni wezifundazwe kanye nowasekhaya.



 Kuyini ukuqapha ukusebenza kukahulumeni?

Ukuhambela kukahulumeni imiphakathi kungumsebenzi owanikezwa iPhalamende nguMthethosisekelo ukuba liqaphe futhi lilandelele uhulumeni.

Ngesikhathi kwenziwa lo msebenzi wokuqapha, IPhalamende ligxila kulezi zindawo ezilandelayo:

Ukuqaliswa kokusebenza kwemithetho

ukusetshenziswa kwezabiwomali

ukuqinisa isandla ekuhonishweni kwemithetho yePhalamende kanye noMthethosisekelo

ukuphathwa ngempumelelo kweMinyango kahulumeni.



Kungani indima yePhalamende yokuqapha uhulumeni ibalulekile?

Ngokugada izinhlelo zikahulumeni, iPhalamende liyakwazi ukuqinisekisa ukuthi ukulethwa kwezidingo kubantu kuyenzeka, ukuze zonke izakhamizi zizokwazi ukuphila impilo engcono nesezingeni elifanele.



IPhalamende liqapha uhulumeni ngenxa yezizathu ezilandelayo:

Ukubona kanye nokuvimbela ubudedengu

ukuvimbela ukuziphatha ngendlela engekho emthethweni nengahambisani noMthethosisekelo ngasohlangothini lukahulumeni 

ukuvikela amalungelo kanye nenkululeko yezakhamizi

ukwenza uhulumeni ukuba aphendule ngokuthi izimali zabakhokhi bentela zisetshenziswa kanjani

ukwenza imisebenzi kahulumeni ibe sobala ngokuthe xaxa kanye nokukhulisa ithemba lomphakathi kuhulumeni. 



Indima Yokuqapha ukusebenza kukahulumeni yeziNdlu zombili zePhalamende

IPhalamende lineziNdlu ezimbili, oku:

iNdlu yesiShayamthetho Kazwelonke (eyaziwa ngokuthi i-NA), kanye

noMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe (owaziwa ngokuthi yi-NCOP).



INdlu ngayinye inendima ekhethekile yokuqapha okumele iyidlale.



 UMthethosisekelo uveza ukuthi iNdlu yesiShayamthetho Kazwelonke iqokelwa ukumela abantu kanye nokuqinisekisa uhulumeni ophethwe ngabantu ngaphansi koMthethosisekelo. Yenza lokhu ngoku:

qinisekisa ukuthi wonke amalungu ombuso angabaphathi ezingeni likahulumeni kazwelonke ayakwazi ukuphendula ngokuphatha kwawo, kanye

nokuqapha ukusebenza kukahulumeni kazwelonke, kanye nokuqaliswa kokusebenza kwemithetho ephasiswe yiPhalamende.



uMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke umele izifundazwe ukuqinisekisa ukuthi izimfuno zezifundazwe ziyanakekelwa ohlakeni lukahulumeni kazwelonke.

Indima ye-NCOP ukuqapha ukusebenza kukahulumeni esigabeni sezwe lonke sohulumeni bezifundazwe kanye nabasemakhaya. 

I-NCOP ingadinga ilungu leKhabhinethi, isikhulu sikahulumeni kazwelonke noma uNgqongqoshe woMnyango kahulumeni wesifundazwe ukuba ahambele umhlangano woMkhandlu noma ikomidi.



 Indima yamaKomidi ePhalamende

AmaKomidi ePhalamende asungulwa njengamathuluzi eziNdlu zombili ngokoMthethosisekelo ukuze kube yiwona aqapha futhi aphinde alandelele uhulumeni.

Lama Komidi “ayizinjini ezinamandla” zePhalamende zokuqapha uhulumeni kanye nokwenza umsebenzi wePhalamende wokushaya imithetho.

AmaKomidi acubungulisisa imithetho, aqaphe uhlelo lokusebenza kukahulumeni, bese exoxisana nomphakathi.

Ingxenye ebaluleke kunazo zonke zomsebenzi wokuhambela kukahulumeni emiphakathini ukucutshungulwa kwemibiko yonyaka wonke yezinhlaka zoMbuso ngamakomidi, kanye nemibiko kaMcwaningimabhuku- Jikelele.

Ngokuya nokwenhloso yokuqapha ukusebenza kukahulumeni, iKomidi kuphakathi kokuthi lizocela umbiko omfushane kwilungu loMbuso noma lizolivakashela leyo ndawo ukuze lizitholele amaqiniso.



Izindlela zokuqapha ukusebenza kukahulumeni



a) IZabiwomali Ezihlongozwayo

UNgqongqoshe Wezezimali umemezela izinhlelo zesabiwomali zonyaka olandelayo wezimali, kanjalo namavoti esabiwomali soMnyango ngamunye.

IPhalamende kufanele lisigunyaze iSabiwomali.

Emva kokwethula kwamavoti esabiwomali, iKomidi ngalinye liba nokulalelwa koMnyango kahulumeni oqondene nalapho lisuke lisebenzisa khona ukuhambela kukahulumeni imiphakathi ngoba kusuke kumenywe amalungu omphakathi.

Lokhu kusebenza njengokubhekisisa ukuthi ngabe uMnyango uyigcinile yini imisebenzi yawo yangonyaka owedlule, nanokuthi ngabe uyisebenzise ngendlela efanele yini imali yabakhokhi bentela. 



b) Imibuzo yokuphendulwa oNgqongqoshe

Ukufaka imibuzo kuhulumeni kungenye yezindlela iPhalamende elibamba ngayo uhulumeni ukuba aphendule. 

Imibuzo ezophendulwa ngomlomo noma ngokubhalwe phansi ingaphonswa kuMongameli, iPhini likaMongameli kanye noNgqongqoshe ngezindaba okuyizona ababhekene nazo. 

Isikhathi semibuzo sinikeza amaLungu ePhalamende ithuba lokubuza amalungu kaHulumeni ngezindaba zokulethwa kwezidingo kubantu, ngokumela amaqembu abo ezombusazwe noma abantu ababavotelile.



c) Izitatimende zamaLungu

Ngokusebenzisa lolu hlelo, amaLungu ePhalamende angenza izitatimende eNdlini, nganoma yiluphi udaba.



d) Izaziso zeziphakamiso

Ngokunikeza Isaziso sesiPhakamiso ilungu lanoma yiliphi iqembu lezombusazwe lingaletha izindaba noma izinkinga ukuba kuzokwenziwa ngazo izinkulumo-mpikiswano ePhalamende, ngalokho ayasiza ukufezekisa imisebenzi yabo yokuhambela imiphakathi njengohulumeni.



e) Izinkulumo-mpikiswano zokuhlala kwePhalamende

Izinkulumo-mpikiswano zokuhlala kwePhalamende zingenye indlela yokuletha ulwazi olubalulekile ngaphambi kukahulumeni ukuze alubhekisise mayelana nezinhlelo ezithile zikahulumeni noma imithetho edingekayo ukuze kuthuthukisa ukulethwa kwezidingo kubantu.



f) Umsebenzi Weziko Labalandeli

Umsebenzi weziko labalandeli unikeza amaLungu ePhalamende ithuba eliyingqayizivele lokuba abambe ukuhambela imiphakathi emele uhulumeni ngawodwana. 

Umsebenzi weziko labalandeli uhlinzeka ngendlela esondelene kakhulu yokuxoxisana phakathi kwamaLungu ePhalamende kanye nomphakathi.

Amalungu anomsebenzi wokwazisa iPhalamende nganoma yiziphi izinkinga azihlonzile ngesikhathi sezingxoxo zokuhambela umphakathi.



 Ungazibandakanya kanjani



a)  Ukwenza isethulo

Ukwenza isethulo eKomidini lePhalamende ngenye indlela yokwenza izwi lakho lizwakale ePhalamende. 

Ngokwenza isethulo, unethuba lokuba nefuzela kumbono wamaLungu eKomidi adingida isiqephu esithile somthethosihlongozo ngaphambi kokuba ube wumthetho wangempela.



b) Incwadi yohlu lwezikhalo

Wonke umuntu oyisakhamuzi salapha eNingizimu Afrika unelungelo lokukhalazela iPhalamende, njengoba kuhlinzekiwe kuMthethosisekelo. 

Noma yimuphi umuntu, iqembu labantu noma inhlangano bangakhalazela iPhalamende.

Incwadi yohlu lwezikhalo iyisicelo esihleliwe esiya kwiziphathimandla ukuba zenze okuthile. Ingathatha isimo sokuba yimpoqo, isicelo sosizo, noma ukwethula kabusha kwezikhalazo.  



