Iviki Lezifundazwe, mhla ziyi- 07 kuya kwi- 11 kuMandulo ka 2009

Ukwakheka kwePhalamende lethu
IPhalamende laseNingizimu Afrika lineziNdlu ezimbili: 
iNdlu Yesishayamthetho Sikazwelonke (eyaziwa ngokuthi yi-NA), enamalungu angama-400, kanye
noMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe (owaziwa ngokuthi yi-NCOP), onamalungu angama-90

UMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe kanye neqhaza lawo

UMthethosisekelo waseNingizimu Afrika uhlinzeka ngokuthi uMkhandlu Kazwelonke Wezifundazwe (owaziwa ngokuthi yi-NCOP) kumele uqinisekise ukuthi izimfuno zezifundazwe ziyabhekelelwa ohlakeni lukahulumeni kazwelonke. Lokhu kufezeka ngokubamba iqhaza ohlelweni lukazwelonke lokushaya imithetho kanye nokuhlinzeka ngenkundla kazwelonke yokuba umphakathi ukwazi ukucubungula izindaba ezithinta izifundazwe.   
Umsebenzi osemqoka we-NCOP ukubamba izinkulumompikiswano, ukuphasisa imithetho kanye nokwengamela (ukuhlola) izenzo zikahulumeni. 
I-NCOP imele izifundazwe ukuze iqinisekise ukuthi izimfuno zezifundazwe ziyabhekelelwa ohlakeni lukahulumeni kazwelonke.
Umsebenzi we-NCOP ukukwazi ukumela izimvo zikazwelonke zohulumeni bezifundazwe nabasemakhaya. 


Liyini Iviki Lezifundazwe le-NCOP?

I-NCOP isungule Iviki  Lezifundazwe ukuqinisekisa ukuthi izifundazwe zidlala indima ebalulekile emisebenzini yePhalamende likazwelonke.
Ngaleli viki izithunywa zezifundazwe e-NCOP zikanye nozakwabo abasezifundazweni zizohambela imiphakathi zimele uhulumeni ukuze ziqiniseke ukuthi zithola ulwazi oluqonde ngqo ngezidingo kanye nezingqinamba zabantu.
Iviki Lezifundazwe liqalisa ukusebenza kwemibandela yoMthethosisekelo Wezwe, ephoqa i-NCOP ukuba iqinisekise ukuthi izimfuno zezifundazwe ziyabhekelelwa ohlakeni lukahulumeni kazwelonke.
Iviki Lezifundazwe liqinisekisa ukuthi izithunywa zezifundazwe e-NCOP zihlala zazi ngentuthuko, kanjalo nezingqinamba ezikhungethe izifundazwe zazo. 

Lihlinzeka izithunywa ngethuba lokuxoxisana nezifundazwe zazo nangokuzibikela ngemisebenzi yazo e-NCOP ngenhloso yokuthola amagunya amasha ngezinto okumele zifakwe ohlelweni lwemisebenzi kazwelonke. 
Iviki Lezifundazwe lihlinzeka ngenkundla yokucobelelana kanye nokwabelana ngemibono ngezindaba ezimayelana nokulethwa kwezidingo, kanye nezingqinamba ezibhekene nezifundazwe ukufezekisa imisebenzi yazo.  
Liphinde lisungule ithuba lokuthi iPhalamende kanye nezifundazwe kukwazi ukusebenza ndawonye ekufuneni izisombululo kanye nokuqhamuka nezindlela ezintsha zokwethula izidingo zabantu baseNingizimu Afrika.

Yini ezokwenzeka ngeViki Lezifundazwe?

NgeViki Lezifundazwe, izithunywa ezisebenza ngokugcwele zesifundazwe ngasinye zizohlangana nezinhlaka ezinhlobonhlobo ezifundazweni zazo, kuhlanganisa:
Ohulumeni bezifundazwe  oNdunankulu, kanye namaLungu oMkhandlu Ophethe (oNgqongqoshe Bezifundazwe), kanye neMinyango yabo
IziShayamthetho Zezifundazwe kanye noSomlomo bazo, 
OSotswebhu Abakhulu kanye noSihlalo bamaKomidi, kanye
Nabanye abathintekayo; abanjengabelaphi bendabuko, Izinhlangano Ezingekho Ngaphansi Kukahulumeni, Izinhlangano Ezisebenzela Umphakathi, kanye neNhlangano Yohulumeni Basemakhaya baseNingizimu Afrika (eyaziwa ngokuthi yi-SALGA). 

Izithunywa zezifundazwe e-NCOP, zikanye nozakwabo abasezifundazweni, zizohambela imiphakathi zimele uhulumeni. 

Izithunywa zizophinde zihambele izinhlelo ezenziwe yibona bobabili uhulumeni kazwelonke kanye nohulumeni wesifundazwe ezifundazweni zabo.


Ngabe Iviki Lezifundazwe lizosizuzisa kanjani isifundazwe sakho?

Ngokuhambela imiphakathi ngeViki Lezifundazwe, izithunywa zezifundazwe e-NCOP zizothola ulwazi oluqonde ngqo ngezidingo zabantu ezifundazweni. 

Iviki Lezifundazwe livumela i-NCOP ukuba ikwazi ukuba negalelo kuhulumeni osebenzayo ngokuqinisekisa ukuthi izikhalazo zezifundazwe kanye nezasekhaya ziyabhekelelwa ekwakhiweni kwenqubomgomo kazwelonke. 

Liphinde livumele ohulumeni bezifundazwe, abasekhaya, kanye nokazwelonke ukuba basebenze ndawonye ngempumelelo nangokulinganayo ukuze baqinisekise ukulethwa kwezidingo okuyimpumelelo.    

UMKHANDLU KAZWELONKE WEZIFUNDAZWE WAKHO!
IPHALAMENDE LAKHO!
BAMBA IQHAZA KUKHO!



