﻿IKomidi Elihlangene Lezobunhloli limema izicelo zomsebenzi wesikhala soMseshi OnguJenene Wezemisebenzi Yezobunhloli. Abafaka izicelo kufanele bahambisane neSigaba 7 Somthetho ongunombolo 40 ka 1994 Womsebenzi Wokuqapha Wezobunhloli. Thumela i-CV enemininingwane ephelele futhi wenze izincomo zokuthi uqokwe yiKomidi, ngaphambi komhla zi-02 kuNovemba ka 2009. Qondisa imibuzo kuMnu. MA Ranawa. Xhumana naye kule nombolo yocingo: 021 403-2319, kule feksi: 021 465-2857 noma kule meyili: aramawa@parliament.gov.za 

Qaphela ukuthi lesi sikhangisi sesikhishwa okwesibili. Ngakho-ke labo abake bafaka izicelo ngaphambilini bayacelwa ukuthi bangabe besazifaka.

