Ikomidi Lesikhashana Ukunikezelwa Kwezinsiza Zabantu (UKUSHINTSHA KOSUKU)



Isishayamthetho Sikazwelonke sisungule ikomidi lesikhashana elihlola ukusebenza ngokubambisana ekuqapheni ukunikezelwa kwezinsiza zabantu ngaphansi kwesiqubulo  esithi “Siyasebenzisana ukuqiniseka ukwethulwa kwezinsiza ezisezingeni eliphezulu emiphakathini”.Inqubomgomo yalelikomidi ukubuza ngentuthuko uma kubhekwa ukunikezelwa kwezinsiza zabantu nokubheka ukuthi lapho okwakukhona imibikisho  yiziphi izinselelo ezikhona ukuze kwethulwe umbiko KwiSishayamthetho Sikazwelonke ezohambisana nezincomo ezicacile,ezingafezeka namasu angasetshenziswa. 



Kuze kube yimanje,Ikomidi livakashele ezindaweni ezisemakhaya nasemadolobheni,bese lenza imbizo ePhalamende nasezifundazweni.Imbizo zasePhalamende zenzeke mhlaka  2nd – 4th February 2010.



Ngenkathi Ikomidi livakashela izifundazwe,lizohlola izindawo libuye lihlangane namalunga omphakathi,izikhulu zohulumeni basekhaya,izikhulu zomnyango zohulumeni bezifundazwe,amakomidi ezigceme,izinhlangano zemiphakathi,namalunga ezomkhakha wamabhizinisi.Lezi zimbizo zizobanjwa ngomhlaka 17-21 May 2010  ezifundazweni ezintathu. 





Amalunga omphakathi ayamenywa kulezimbizo zemiphakathi ezihlelwe ukuba zibanjwe ezifundazweni ezahlukene ngalendlela:



ISIFUNDAZWE
 
INDAWO
 
USUKU
 
ISIKHATHI
 

 
LIMPOPO
 
Thulamela Local Municipality

(Malamulele Boxing Gym

 Hall in Vhembe District)



Molemole Local Municipality (Matseke Resource Centre) 


 
17th May 2010





19th May 2010
 
10h00





10h00
 

 
NORTHERN CAPE 
 
Dikgatlong Local Municipality (Mataleng Sports Ground in Barkley West)


 
17th May 2010 


 
16h00
 

 
KWA-ZULU NATAL
 
eThekwini Metro Municipality 

(eThekwini City Hall)

Msunduzi Local Municipality (Edendale Lay Centre in kwaMachibisa)


 
17th May 2010 



19th May 2010
 
16h00



16h00
 

 






