﻿

Isicelo semvume yokudluliselwa ezweni yinkampani

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Imvume yokudluliselwa yinkampani  ikhishelwa umuntu wangaphandle odluliselwa yinkampani yakhe ukuzosebenzela inkampani eyi-affiliate yayo eNingizimu Afrika. Umkhawulo wesikhathi semvume yokudluliselwa yinkampani siyiminyaka emibili. Izicelo zingenziwa naku-embassy  noma i-mission yeNingizimu Afrika.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu le-BI-1738.
Khipha incwadi evela kwinkampani yamazwe omhlaba  eqinisa ukuthi uzodluliselwa egatsheni lenkampani eNingizimu Afrika, noma kwi-affiliate yenkampani eseNingizimu Afrika.
Khipha incwadi evela kwinkampani yaseNingizimu Afrika eqinisa ukuthi udluliselwa kuyo yinkampani engumzali wayo noma inkampani eyi-affiliate yayo ephesheya, kanye nokuchaza inhlobo yomsebenzi owenzayo kanye nezinga noma isikhundla sakho ozobe usebenza kuso.
Cela umqashi ofuna ukukuqasha ukuthi agcwalise isigaba sika-13, no- kwifomu le-BI-1738.
Fakela isiqiniseko esivela ku-chartered accountant esebenza egameni lomqashi esichaza isidingo sokukuqasha kanye nokuchaza inhlobo yomsebenzi owenzayo.
Fakela isiqinisekso se-chartered accountant esichaza ukuthi ngeke waqashwa ukusebenza ngaphansi kwezimo nemibandela engaphansi kwaleyo esetshenzwa yizakhamizi zaseNingizimu Afrika nabanelungelo lokuhlal unomphela, nokuthi unamakhwalifikheshini asemthethweni omsebenzi.
Khipha ubufakazi bobhaliso  nenhlangano yeprofeshini noma ibhodi uma lokhu kusebenza.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

.

Immigration Act, 2002  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Izicelo zingathatha isikhathi esifinyelela ezinsukwini ezingu-30.

Phezulu

Izindleko

R425

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

.

, BI-1738 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


