Une lungelo lokuthi “Cha” ocansini olungavikelekile



Alikho ikhambi leNgculazi



Ukwenza ucansi nezinsana, izingane ezincane kanye nabantu asebekhulile ngeke kuyelaphe iNgculazi



Izingane ezincelayo zingalithola iGciwane leSandulelangculazi konina



Izingane ezingakazalwa zingalithola iGciwane leSandulelangculazi konina



Nqanda ukubhebhetheka kweNgculazi – sebenzisa ijazi lomkhwenyana



Masibumbaneni – silwe neNgculazi ukuze sakhe isizwe esinamandla



“Vikela izingane”. Asikho isizathu sokuthi uhlukumeze



Ungahlali ungenalwazi – yazi impilo yezocansi yomlingani wakho 



Ukuba nomlingani oyedwa owethembekile kungaphephisa impilo yakho 



IGciwane leSandulelangculazi ngeke lasatshalaliswa ngomiyane



IGciwane leSandulelangculazi lingasatshalaliswa ukusetshenziswa kwezinalithi ezingcolile 



Ukuba nabalingani abaningi ngesikhathi esisodwa kwandisa amathuba okuthi uthole iGciwane leSandulelangculazi



