Ulwazi ngoHulumeni www.gov.za
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo ezinhlanganweni
Izinkonzo kubantu bamazwe angaphandle
Khetha ulwimi
Isicelo sosizo lwezimali kahulumeni kumasosha
Isicelo somxhaso lwabantu abancikile
Somxhaso lwesondlo sengane
Somxhaso lwengane okungeyona
Sempesheni yabadala
Zokuhlengwa kwabantu abakhubazekile
Imali yosizo kahulumeni ifakelwe kwiakhawunti yoma
Somxhaso wemali zabakhubazeke unomphela
Zomphakathi zonakekelo lwezempilo kwasebegugile
Izinkonzo zokusekela imindeni
Uhlelo lokusiza ngamandla kwabahlukunyeziwe
Osizo lwemali kahulumeni
Ekusebenziseni kabi izidakamizwa
Somxhaso sosizo ngokulandela uhlelo lokwabelwa umh
Ngokudla kwabakusimo esibucayi senhlupheko
Ukubuyisela izimali zosizo lukahulumeni
Ukwenza isicelo futhi sosizo lwemali kahulumeni
Ukuqoka umuntu ukuthi emukele imali
Emali endaweni ehlala izingane
Izinkonzo amasevisi kaMasipala ayisisekelo amahala
Izinto ongekhetha kuzo
Printa leli khasi
Thumela leli khasi nge-E-mail
Ngezela kuzinto ozithanda kakhulu (favourites)
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Ikhasi lokuqala
Izinkonzo Kubantu
Izinkonzo kubantu
Somxhaso sosizo ngokulandela uhlelo lokwabelwa umh
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana
Izincazelo
Ukuze ufaneleke kulolu hlelo, kumele ube yilunga lemiphakathi eyayicikelwe phansi ngesikhathi esedlule (okusho ama-Afrika, amaKhaladi noma amaNdiya)
ubeneminyaka angu-18 noma engaphezulu kwayo ube nenhloso yokusebenzisa umhlaba ngenhloso yezolimo kuphela ube nenhloso yokulima ngokuphelele ungabe sesikhundleni sikahulumeni uzimisele ukungenela uhlelo loqeqesho ngemuva kokuthola umhlaba ube kwisimo sokufaka esivivaneni nawe nibe nihleleke kahle, uma nenza isicelo njengeqembu nokuba ne-akhawunti yebhangi.
Abalimi abaphumelelayo, abafisa ukukhulisa imisebenzi yabo yolimo, bangenza izicelo zemixhaso (zosiso lwamagranti), kodwa inani eliphelele lwemali yosizo ngeke yaba ngaphezulu kwenani lika-R100 000. Ezinye izimali zokuqala noma zokukhulisa umsebenzi wolimo, kumele zicelwe kumabhenki.
Umxhaso (usizo lwegranti) yohlelo lwe-LRAD, alubuyiselwa (alukhokhelwa) njengemali-mboleko. Kusetshenziswa ifomyula (indlela ethize) ukubala ukuthi umuntu oyedwa uthola malini. Ukuze ufaneleke ukuthola umxhaso (imali yosizo lwegranti) ka-R20 000, kumele ube nemali ozoyifakela nawe engu-R5 000. Lokhu okufakelayo akudingekile ukuthi kuze kube yimali engukheshi, kungaba yimishini yokulima, imfuyo noma enye impahla (asset) yezolimo. Ngisho nabasebenzi imbala, bangafakelwa kuprojekthi njengokuthela kwakho esivivaneni somxhaso wohlelo lwezolimo.
Phezulu
Izinyathelo okumele zilandelwe
Khomba umhlaba ofisa ukuwuthenga. Kokunye, ungaba usunawo umhlaba, ofana nomhlaba ohlanganyelwe womphakathi.
Thintana noMnyango wezoLimo noma isikhulu somlimisi endaweni yangakini ukwenza isicelo somxhaso (sosizo lwegranti).
Fakela okulandelayo kanye nesicelo:
o isiphakamiso sokuthi umhlaba uzosetshenziswa kanjani noma iplani yokulima (i-proposal yeprojekthi)
o ukukhetha ukuthenga nesivumelwano senani lentengo, uma niqasha ngenhloso yokuthenga o uhla lwamalunga omuzi noma amalunge eqembu, uma nihlongoza ukuthola umhlaba njengeqembu o isiqinisekiso sokuthi udaba lwetayitela lucacile, akukho abenze isicelo sokukhalazela ukubuyiselwa lowo mhlaba, umhlaba ubhaliswe ngegama lomthengisi, kanye nokuthi inani lentengo yomhlaba alikho ngaphezulu kwenani lentengo ezimakethe (market price)
o ubufakazi bokuthi insalela yemali edingekayo ikhona (okungaba yimali yenu, noma isivumelwano semali-mboleko)
Phezulu
Umthetho osetshenziswayo
Phezulu
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Inqubo izothatha isikhathi esingangezinyanga ezine, kodwa uma iprojekethi yenu inesixaka-xaka, kungathatha isikhathi eside kunalesi.
Phezulu
Izindleko
Phezulu
Amafomu okumele agcwaliswe
Phezulu
Indawo nendlela yokuxhumana
Sicela ufakela isifundazwe
Yagcina ukubuyekezwa ngomhlaka:
Xhumana nathi
Imephu yendawo
Imibandela nezimo zokuSebenzisa
