
Isicelo semvume yokusebenza
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Imvume yokusebenza yidokhumende esemthethweni enikeza abantu ababuya ngaphandle ilungelo lokusebenza nanoma yiyiphi inhlangano eNingizimu Afrika. Imvume yokusebenza inikezwa abantu ababuya ngaphandle kuphela.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu le-BI-1738 kwinxusa  yeNingizimu Afrika noma imission eseduzane.
Abenzi bezicelo zayo yonke inhlobo yemvume yokusebenza kumele bafakele izicelo kumahhovisi abameli bamazwe eNingizimu Afrika abangaphandle , kuzwe umenzi wesicelo asuka kulo, noma ehhovisi lerijini  loMnyango lapho umenzi wesicelo azoqashwa kulo.
Fakela okulandelayo:

ipasipoti esebenzayo ezinsukwini ezingu-30 eRiphabliki
isitifikedi sokugonywa esidingeka ngokulandela umthetho
imibiko yempilo kanye neyezama-x-ray . Lokhu akudingekile kwizingane ezingaphansi kweminyaka engu-12 kanye nabesimame abakhulelwe akumele babenalo mbiko weze-x-ray
isitifikedi somshado , iafidavithi , isitifikedi sokushona  noma incwadi yedivosi
izitifikedi zokuzalwa zezingane ezihambisana nomenzi wesicelo
isitifikedi samaphoyisa sokuba msulwa  somenzi wesicelo sawo onke amazwe umenzi wesicelo kanye nowakwakhe abahlale kuwo, ukusukela kwiminyaka engu-18, kanye nezingane ezincike kuye ezineminyaka engu-18 ukuya kwephezulu, ezizobe zinomenzi wesicelo eRiphabliki
isitifikedi sogonyo lwesifo se-yellow fever uma uzohamba noma unenhloso yokuhamba udlule endaweni evamise ukuba nesifo se-yellow fever.


Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Immigration Act, 2002  , njengoba uchitshiyelwe

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Asikho isikhathi esibekiwe .

Phezulu

Izindleko

R1 520

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



, BI-1738 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


