
Isicelo sokusungula iforamu yasemsebenzini    



Isimo

Amaforamu asemsebenzini asungulelwa okulandelayo

ukuqhubela phambili izidingo zabasebenzi emisebenzini, kodwa hhayi amalunga enyunyane kuphela;
ukukhuphula izinga lezokusebenza kahle ngezinga eliphezulu;
ukubonisana nabasebenzi ngezinto ezithile; kanye
nokubandakanya abasebenzi ekuthathweni kwezinqumo ngokuhlanganyela kwezinye izinto.



Iforamu yasemsebenzini ingasungulwa noma kukuphi lapho okunabasebenzi abangaphezulu kwekhulu  khona. Leli nani alibandakanyi abasebenzi abangomininjela bezinga eliphezulu. Isicelo singenziwa kuphela uma iforamu yasemsebenzini ingekho, kanti ingenziwa ngokulandela umthetho wezobudlelwane babaqashi nabasebenzi we-Labour Relations Act, 1995.



Ukuthola olunye ulwazi, hamba uye kwaboMnyango wezemiSebenzi.

Inqubo okumele ilandelwe

Inyunyane kumele ifakele ikhophi yesitifikedi esiqinisekisiwe yesivumelwano sezingxoxo phakathi kwabaqasi nabasebenzi , esiwubufakazi bokuthi yamukelwe ngumqashi.

Omele inyunyane  kumele agcwalise  ifomu le-LRA 5.1.

Ikhophi laleli fomu kumele linikezwe olunye uhlangothi olithintekayo  njengobufakazi kanti ikhophi yefomu kumele ibandakanywe ngokufakela la madokhumende alandelayo:


Ikhophi lesilipi sokurejista ePosini

Ikhophi lesilipi esisayiniwe uma ikhophi ihanjiswe ngesandla

Isitatimende esisayinwe ngumuntu odilive ikhophi yefomu, esiqinisekisa lokhu


Isiliphi sesiqinisekiso sokuthumela ikhophi ngefekisi, noma obunye ubufakazi obenelisayobokwenza lokhu.



Thumela ifomu eligcwalisiwe kanye nobufakazi bokwenza lokhu ku-Registrar: Provincial Office of the Commission for Conciliation, Mediation and Arbitration .



Umthetho osetshenziswayo



Labour Relations Act, 1995 , Section 80  



Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Kungathatha izinsuku ezingu-30 ukusungula iforamu.

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.



Amafomu okumele agcwaliswe

Representative trade union applies to establish a workplace forum.doc Form LRA5
Representative trade union applies to establish a trade union-based workplace forum.doc, Form LRA5.2 



Indawo nendlela yokuxhumana



