﻿
Izinkonzo  kaMasipala ayisisekelo amahala
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Izinkonzo  kamasipala ayisisekelo amahala anikezwa nguHulumeni emizini ehluphekile ngaphandle kokukhokhelwa. Lezi zinkonzo  abandakanya amanzi, ugesi, izindlu zangasese kanye nokuchithwa kukadoti. Lezi zinkonzo  zinkezwa ngomasipala kanti abandakanya umthamo wesisekelo kagesi, amanzi, izindlu zangasese kodwa okwanele ukubonelela izidingo zokuqala zemizi ehluphekile. Kodwa, imigomo elawula inqubo yokunikezelwa kwezindlu zangasese kanye nokuchithwa kukadoti ayikaphethwa yiminyango kahulumeni eqendene nalokhu, okuwuMnyango wezaManzi namaHlathi , uMnyango wezesimo sendalo nezokuvakasha .

Amanzi ayisekelo sokuqala amahhala

Amanzi ayisisekelo sokuqala amahhala awumthamo we-6kl  amanzi ngenyanga kumuzi nomuzi. Lo mthamo ungahluka kumasipala nomasipala, kanti kumele uxhumane nomasipala wakini ngqo ukuthola ulwazi ngokuthi yini isevisi  yamanzi ayisisekelo sokuqala amahhala kumasipala wakini. Kumele ukhokhele amanzi owasebenzisayo angaphezulu komthamo ophakelwa mahhala.

Ugesi oyisisekelo sokuqala wamahhala

Umthamo kagesi oyisekelo sokuqala wamahhala ungu-50kWh kumuzi nomuzi ngenyanga kwinqubo ye-grid-energy system ngokuxhumana nayo kwi-website ethi: national electrification programme) Umthamo kagesi ulinganele ukukhanyisa, ukubilisa amanzi ngegedlela, uku-ayina, kanye nokusebenzisa ithelevishini yokumnyama nokumhlophe kanye nomsakazo .

Abasebenzisi benqubo yokuthenga ugesi abangakawusebenzisi ebizwa ngokuthi yi-pre-paid electricity meters, bazokwazi ukubona lapho ugesi usuphelile, nakhona kuzodingeka bathene omunye futhi. Abasebenzisi bakagesi abawukhokhela ekupheleni kwenyanga noma labo abasebenzisa inqubo ebizwa ngokuthi ama-credit meters, ngeke bakwazi ukubona lapho sebesebenzise onke amayunithi abo. Basoshajwa  ukusebenzisa ongaphezulu ekupheleni kwenyanga nenyanga.

Abasebenzisi bakagesi abangenawo ugesi wama-grid energy banganikezwa ugesi ongewona ama-grid enegy ngomasipala babo. Kumele uxhumane nomasipala wakini ukuthola ukuthi ngabe yiyiphi inhlobo yogesi eniwusebenzisayo.

Ukuthola ukuxhunyelwa ugesi namanzi endlini yakho noma endaweni yebhizinisi, xhumana nomasipala wakini, lapho onomuzi khona noma onebhizinisi khona.

Kwezinye izndawo, umphakeli kagesi kazwelonke okungu-ESKOM, uphakela ugesi ngokuqonde ngqo.

Izindlu zangasese zamahhala

Uhulumeni akakaqali ukusebenzisa inqubo yohlelo lwezindlu zangasese zamahhala. Umnyango wezaManzi wenza uhlaka lokunikezelwa kwezindlu zangasese zamahhala. Lapho isu seliphethiwe, ohulumeni bezindawo abanikeza ngezindlu zangasese bazokwazi ukusebenzisa lolu hlelo.

Ukuchithelwa udoti mahala

Uhulumeni akakaqali ukusebenzisa inqubo yohlelo lokuchithwa kukadoti lwamahhala. Umnyango wezesimo sendalo nezokuvakasha wenza uhlaka lokuchithwa kukadoti mahhala. Lapho isu seliphethiwe, ohulumeni bezindawo abenza imisebenzi yokuchithwa kukadoti bazokwazi ukusebenzisa lolu hlelo.

Ukukhokhela izinkonzo  kamasipala

Kukhona izindlela ezimbili zokukhokhokhela izinkonzo  kamasipala:

Ukukhokhela ama-akhawunti ngaphambi kokusebenzisa 

Ukukhokhela ama-akhawunti ngaphambi kokusebenzisa ugesi ukuthenga amayuniti angu  ngemali yakho kusho ukuthi uzosebenzisa kuphela amayunithi owakhokhele noma owathengile. Lapho ususebenzise onke amayunithi, kanti usadinga amanye, kuzomele uthenge amanye.

Ama-akhawunti othola izitatimende ngemuva kokusebenzisa 

Ama-akhawunti othola izitatimende ngemuva kokusebenzisa  asho ukuthi ungasebenzisa noma yimuphi umthamo kagesi namanzi. Umasipala wakini uzokuthumela isitatimende njalo ngenyanga esikhombisa umthamo kagesi noma amanzi owasebenzisile kanye nenani lemali okumele uyikhokhe.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Xhumana namahhovi kamasipala wakini.
Hambisa la madokhumende alandelayo:

ikhophi eqinisekiswe ngabomthetho kaMazisi wakho  yakho
ubufakazi bendawo ohlala kuyo noma lapho okukhona ibhizinisi

Gcwalisa ifomu lesicelo.
Khokhela imali yesicelo ebekiwe.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



The Constitution of the Republic of South Africa, Section 152  ., Umthethosisekelo weRiphabhuliki YaseNingizimu Afrika ka 1996, Isigaba 152
The Municipal Systems Act, , Section 73   
The Water Services Act, , Section 2  
A set of norms and standards   
Strategic Framework of Water Service  
Electricity Amendment Act,  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Ukubonelelwa kwesicelo sakho kuqala ngosuku ofakela ngalo isicelo sakho sokusekelwa kwabantu abahluphekile  Isicelo sakho sizohlolwa ebese kwenziwa isinqumo sokuthi ngabe ukufanele yini ukuthola izinkonzo zesisekelo zamahhla  noma cha. Ngokuya ngokwenqubo kamasipala wakini, uzobhaliswa ngokufaneleka ukuthola izinkonzo zamahhala ngaphansi kohlelo olubizwa ngokuthi yi-Free Basic Services , ebese unikezwa usekelo olufanele.

Phezulu

Izindleko

Amanzi: Amalithi okuqala angu-6 000 wamalitha kumuzi ngenyanga, atholakala mahhala, kanti amanye amalitha angaphezulu kwalana ayakhokhelwa ngenani elibekwa ngomasipala.

Ugesi: Ngu-50kWh ngenyanga kwinqubo ye-grid.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Amafomu okusekela abantu abahluphekile . Omasipala abaningi banamafomu ezicelo. Buza kumasipala wakini ngohlelo lokusekela abantu abahluphekile.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana

0860 60 10 11


