﻿
Izimali zemixhaso kumasosha ezimpi zakudala
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Isosha elidala ngumuntu owalwa impi yomhlaba yokuqala  noma impi yomhlaba yesibili  noma owalwa impi yaseKorea .

Owamukela usizo lwezenhlalakahle, ongakwazi ukuzinakekela kanti udinga ukunakekelwa zikhathi zonke angasifaka isicelo sosizo ngaphezu kwaleso sezenhlalakahle.

Imali yokwelekelela amasosha amadala kusukela ngo April 2008 ingu R960 ngenyanga.

Ukuze ufake isicelo sosizo kumele:

ube yisakhamuzi sase South Africa uphinde uhlale khona
ube ngohlala e South Africa ngenkathi ufaka isicelo
ube neminyaka engu 60 noma ngaphezulu noma ube ngokhubazekile
ube ngowalwa impi yokuqala noma yesibili yomhlaba noma impi yase Korea
ube ngowalwa empini eyaqala ngo 6 September 1939
ufezekise izidingo zophenyo lwesimo semali.

Uphenyo lwesimo semali abantu abayinganisayo ekhaya kuyindlela uhulumeni abona ngayo ukuthi isimo salowomndeni sinjani kwezomnotho. Ukuze uthole imali yokwelekelelwa kumele ukuthi imali oyingeniswa ibe ngaphansi kwenani elithile. Ngo 2008 uphenyo lwemali yokwelekelela amasosha asemadala yomuntu ongashadile yayithi uma impahla yakho ingalinganiselwa emalini engaphezu kwe R451 200, ungeke uthole imali yosizo. Umuzi ohlala kuwona awubalwa uma uhlolwa, kanti nemali oyingenisayo kumele ibe ngaphansi kuka R26 928 ngomnyaka uma ungashadile.

Uma ushadile ungeke uthole imali yokwelekelelwa uma impahla yenu nobabili ingalinganiselwa emalini engaphezu kwe R902 400, Umuzi enihlala kuwo awubalwa uma nihlolwa. Imali yenu nobabili kumele ibe ngaphasi kuka R53 856 ngomnyaka.

ungabi ngomunye wabagcinwe ezindaweni zikahulumeni
ungabi ngomunye wabamukela usizo lwemali kwabazenhlalakahle .

Lemali yokwelekelela ibhadalwa ngalezindlela ezilandelayo:

ukheshe endaweni ethile ngosuku oluthile
ifakwa kwi Akhawundi yomuntu yasebhange 
ingatholakala eposini
ezindaweni ezithile njengasendaweni yokugcina abantu asebabadala.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Faka isicelo sokwamukela imali yokwelekelelwa ehhovisi lokuphepha lezenhlalakahle  eliseduzane nawe

Uma usuluphele noma ugula kakukhulu ukuthi ungahamba uye ehhovisi, cela omunye ukuthi acele abasehhovisi bakuvakashele. Lowomuntu kumele aze nencwadi evela kuwena noma incwadi evela kudokodela eshoyo ukuthi awukwazi ukuza ehhovisi ngoba uyagula. Kungahlelwa ukuthi bakuvakashele.
Gcwalisa ifomu lakho phambi kwesisebenzi sakwa SASSA.
Thumela ifomu lakho kanye nalamaphepha alandelayo.

umazisi wakho wase South Africa onebhakhodi kanti uma ushadile thumela umazisi wakhe naye.
ubufakazi bokuthi uphuma empini kungaba yisitifiketi sempi noma izimendlela zempi.
uma uneminyaka engaphasi kuka 60, thumela iripoti kadokodela esho ukuthi awukwazi ukusebenza.

Lamaphepha alandelayo azofuneka ukuze ufake isicelo uma incwadi yomazisi noma isitifiketi singekho:
iafidavithi esayinwe ngumfungisi. Iafidavithi kumele iqukathe uhlamvu lwamazwi ashoyo ukuthi uma umuntu engaqamba amanga noma anikeze umniningwane ongewona uzokushushiswa lowomuntu mayelana nesigaba 21 somthetho wokulekelela kwezenhlalakahle ka 2004 
isitetimente esifungelwe ngumuntu ohloniphekile emphakathini owazi umfaki sicelo. Kungaba ilungu lekhansela, umholi wendabuko, unonhlalakahle, noma umfundisi
ubufakazi bokuthi isicelo sesitifiketi sokuzalwa noma somazisi sifakiwe negatsha lezasekhaya 
incwadi yomazisi yesikhashana ekhishwe yigatsha lezasekhaya uma ngabe kunjalo
isitifiketi sokubhabhadiswa
ikhadi lase kliniki 
umbiko wesesikoleni.

Isaziso: asikho isicelo esizoqhubeka ngaphandle kwesitetimente esifungelwe noma iafidavithi.

Ulwazi ngesimo sakho mayelana nomshado:

uma ungashadile, iafudaviti esho ukuthi awushadileuma

uma ushadile isitifiketi somshado

uma uhlukene nowakwakho, isitifiketi sokuhlukana

uma owakwakho efile, isitifiketi sokufa.


Ulwazi ngesimo sempahla yakho kanye nemali oyingenisayo:

uma usebenza, isitifiketi seholo
uma ungasebenzi, incwadi eluhlaza yokukhombisa ukuthi awusebenzi noma isitifiketi sokuphuma emsebenzini esivela kumqashi wakho wakudala
uma inempesheni yangasese, ubufakazi balempesheni
uma uneAkhawundi ebhange, isitatimendi sezinyanga ezintathu ezilandelanayo
uma kukhona lapho utshale imali khona, ulwazi ngenzalo yemail yakho noma isabelo sayo.

Thola irasidi uyigcine njengobufakazi bokuthi ufake isicelo.
Uzokwaziswa ngencwadi ukuthi isicelo sakho siphumelele noma qha.
Uma isicelo sakho senqatshelwe, abasehhovisi lokuphepha lezenhlalakahle  bazokubhalela incwadi bakutshele nezizathu zokuthi kubangelwe yini ukuthi basenqabele isicelo sakho.
Uma ungavumelani nesinqumo sabo, faka isikhalo nongqonqgoshe wentuthuko yezenhlalakahle noma ilungu lekhansela  uchaze ukuthi yini ungavumelani nesinqumo sabo.
Isikhalo kumele sifakwe zingakapheli izinsuku ezingu 90 emva kokuthola impendulo yesicelo sakho. 

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Social Assistance Act, 2004  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Kungathatha izinsuku ezingu 21 ukusebenza isicelo sakho.

Uma isicelo sakho semukelekile, uzobhadalwa kusukela ngosuku owafaka isicelo sakho ngalo. 


Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Z955: Application for a Social Grant, Isicelo sosizo lukahulumeni kubantu sithokala ehhovisi eliseduzane nawe lezeNtuthuko yaBantu South African Social Security Agency .

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana

0800 60 10 11

