﻿

Uhlelo lokusiza ngamandla kwabahlukunyeziwe

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Uhlelo lwe-Victim Empowerment Programme  lugqugquzela ukusungulwa kanye nokuxhumanisa izinhlelo nokusebenzisana phakathi kweminyango kahulumeni ehlukene noma kwezinhlelo zemikhakha ehlukene kanye nemigomo yosekelo, ukuvikela kanye nokusiza ngamandla kwabahlukunyezwe wubugebengu nodlame.

I-VEP igxila kakhulu kwabesimame nezingane. Abahlukunyezwe wudlame lwasekhaya abakusimo esiphuthumayo bangahlala endaweni yokukhosela isikhathi esiphakathi kwamaviki amabili nezinyanga eziyisithupha, kuye ngezimo zabo.

Uhlelo lutholakala kwabahlukunyezwe wubugebengu nodlame.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Xhumana nanoma yisiphi isikhungo sabahlukunyeziwe , maqondana nendawo yokukhosela yabesimame abahlukunyeziwe kanye nezingane, ukuthola abanikeza ngenkonzo kahulumeni noma izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni zama-NGO, ezibhekene nonakekelo lwabantu abahlukunyezwe wudlame lwasekhaya.
Xhumana nendawo yokukhoselisa emphakathini wakini noma inhlangano ye-STOP Women Abuse Helpline, kunombolo ethi: 0800 150 150.
Umeluleki  onikeza ngenkonzo yezempilo, ilunga lenkonzo yamaPhoyisa abe-SAPS, noma isikhulu sephoyisa, usonhlalonhle, uthisha, noma omunye umuntu obhekene nezenhlalakahle yabantu abakhalazayo  bangena izicelo zomyalelo wokuvikelwa.
Qinisekisa ukuthi lapho umuntu ongeyena ohlukunyeziwe eletha isicelo somyalelo wokuvikelwa, kukhona incwadi yokuvuma ebhalwe ngumenzi wesikhalazo, ehambisana nesicelo.

Alikho ifomu elibekwe lalokhu kuvuma – incwadi ebhalwe ngumkhalazi yokuvuma yenele. Kodwa-ke, kukhona zimo ezithile lapho khona kungeke kwakhonakala ukuthola incwadi yokuvuma, ezifana nokuthi umkhalazi:

useyingane ngeminyaka ngokomthetho 
ukhubazekile ngokwengqondo
uqulekile noma
uma inkantolo ineliseka ngokuthi lowo muntu akakwazi ukwenza ukuvuma ngokwakhe noma ukunikeza imvume.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Domestic Violence Act, 1998  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Isikhathi esidingekayo sokulungiselela umyalelo wesivikelo, sihlukile ngokuya ngekantolo nenkantolo kodwa kuncike ngosuko lapho okuyolalelwa khona udaba lomyalelo wokuvikela enkantolo.
Inkonzo  izonikezwa ngaphansi kwezidingo ezibizwa ngokuthi yi-Minimum Standards for Service Delivery in Victim Empowerment . Kukhona ibhukwana elichaza ngendlela elula ngama-Minimum Standards, eliprintiwe lasabaliswa kuzifundazwe .
Usonhlalonhle kanye nezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni kumele zenze okulandelayo:

zisekele abahlukunyezwe wudlame esiteshini samaphoyisa, enkantolo kanye nasezibhedlela, kanye nokusiza umenzi wesicelo ngamandla lapho edinga usizo; kanye
nokunikeza ngolwazi maqondana nenqubo ezolandelwa, amalungelo omuntu okhalazayo, ukuthi uzowuthola kanjani umyalelo wokumvikela kanye nezinye izinto angakhetha kuzo;

Kuwumsebenzi osemahlombe kasonhlalonhle ukwenza okulandelayo:

ukuthumela ohlukunyeziwe kwezinye izindawo zosizo ezingamsiza, isibonelo, umyalelo wenkantolo, ukuthola ukwelashwa, izinkonzo zokwelulekwa , kanye nezinye izindawo zokukhosela;
ukusiza nge-testimony yobuchwepheshe njengomuntu obhekene nalolu daba owazi zonke izihibe ebudlelwaneni bomndeni;
ukuba ngumuntu oxhumanisayo enkantolo yomthetho lapho ingane engufakazi khona ngokusebenzisa amasevisi  zokuxhumanisa);
ukusiza ngezinkonzo zokweluleka  kumuntu ohlukunyeziwe kanye nakuwo onke amalunga omndeni;
ukwenza uhlelo lwezokuphepha komuntu noma abantu abahlukunyeziwe .


Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Form 2 – Application for Protection Order 
Form J 480 E available at the nearest Social Development offices 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana

0800 60 10 11


