﻿
Isicelo semvume yokusebenza kumakhono angavamile
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Imvume yokusebenza kumakhono angavamile inikezwa kumuntu wangaphandle onamakhono angavamile noma amakhwalifikheshini . Inganikezswa nakumalunga omndeni walowo muntu. Izicelo zingenziwa naku-embassy  noma i-mission yeNingizimu Afrika.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu le-BI-1738.
Fakela ipasipoti yakho okumele isebenze isikhathi esingekho ngaphansi kwezinsuku ezingu-30 ngemuva kokuphela kwesikhathi sokuvakasha.
Fakela i-curriculum vitae enemininingwane kanye ne-testimonial evela kubaqashi bakho besikhathi esedlule.
Ubufakazi bokuba nemali eyenele ngokufakela izitatimende zebhangi, iziliphi zemiholo, kanye nesiqinisekiso kwabazokwamukela eNingizimu Afrika, amabhasari, imali yezokwelaphiwa, noma imali engukheshi uma ikhona, okubandakanya ama-credit card noma amasheke asetshenziswa ekuhambeni  ukubhekana nezindleko zempilo ngesikhathi uhlala eNingizimu Afrika.
Isitifikedi sokugonywa, uma sidingeka.
Khipha incwadi ebuya kumkhakha kahulumeni wangaphandle, noma umkhakha kahulumeni waseNingizimu Afrika, noma obuya kwisikhungo sezemfundo eNingizimu Afrika noma kwabezamasiko noma inhlangano yezebhizinisi, eqinisa uuthi amakhono akho noma amakhwalifikheshini akho angavamile.
Nikeza noma yibuphi ubufakazi obubambekayo obukhombisa ukuthi amakhono noma amakhwalifikheshini angavamile, afana nezincwadi ezike zashicilelwa noma ama-testimonial.
Cela umqashi ofuna ukukuqasha ukuthi agcwalise isigaba sika-13, no- kwifomu le-BI-1738.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Immigration Act, 2002  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Izicelo zingathatha isikhathi esifinyelela ezinsukwini ezingu-30.

Phezulu

Izindleko

R1 520

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



, BI-1738 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


