﻿



Isicelo selayisense yethelevishini eyodwa 





Isimo

Ilayisense yethelevishini inikeza umuntu igunya lokuthenga ithelevishini eyodwa ukuze abukele ithelevishini .

Lapho uthenga ilayisense yeThelevishini okokuqala, ukhokha inani lemali yonyaka egcwele okungu-R225. Intengo yelayisense yesaphulelo kwabathize  ngu-R65 ngonyaka.

Abantu abalandelayo bavunyelwe ilayisense yesaphulelo kwabathize:

Noma ngubani oneminyaka engaphezulu kuka-70 noma ngaphezu kwayo, ongahlali nabantu abasebenzayo ancike kubo noma angancikile kubo.
Noma ngubani othola imali yosizo lukahulumeni  – usizo kwasebegugile, kwabakhubazekile noma ababesempini  – usizo oluvela kwaboMnyango wezeNtuthuko yaBantu 

Izinhlangano zidinga ilayisense yethelevishini, kwithelevishini nethelevishini ngayinye enayo enhlanganweni. Emakhaya badinga ilayisense eyodwa kuwo wonke amathelevishini abanawo endlini.

Umthengisi wethelevishini kumele azise abathengi ukuthi ngeke bathenga ithelevishini ngaphandle kokukhipha ubufakazi belayisense yethelevishini. Abafuna ukuthenga amathelevishini bangenza isicelo samalayisense iPosini eliseduzane, noma bacele umthengisi ukubathengela ilayisense.

Ilayisense ivuselelwa njalo ngonyaka.

Ukuze uthole olunye ulwazi, ngena kwi website ethi www.tvlic.co.za

Inqubo okumele ilandelwe

Yenza isicelo ePosini eliseduzane noma kumthengisi onegunya lokukhipha amalayisense eTV.
Fakela okulandelayo:
Inombolo yakho kaMazisi 
Ifomu lesicelo kanye nemali yesicelo
Ubufakazi bendawo ohlala kuyo kanye nekheli leposi, nezinombolo zocingo

Ungenza nesicelo kwi-inthanethi ekhelini elithi:www.tvlic.co.za

Umthetho osetshenziswayo

Broadcasting Act, 1999  



Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Kungathatha amahora ambalwa.

Izindleko

Ngu-R225
Ngu-R65 ilayisense yesaphulelo kwabathize 



Amafomu okumele agcwaliswe

Application form for TV Licence

Indawo nendlela yokuxhumana


