﻿
Ukufaka isicelo senombholo yokubhalisa encwadini yezimoto
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Inombholo yokubhalisa encwadini yezimoto ezihamba emgwaqweni inikezwa abantu abangebona baseMzansi abangenawo umazisi wakuleli, kanti umsebenzi wayo wukuthi iyinombholo emukelekile esetshenziselwa imininingwane yasemgwaqweni. Lenombholo iyafuneka uma umuntu ogeyena waseMzansi efuna ukubhalisa imoto lapha eMzansi.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Vakashela ehhovisi labaphethe izimoto ezihamba emgwaqweni eliseduze nawe.
Gcwalisa ifomu ANR, elokufaka isicelo nesaziso senombholo yokubhaliswa encwadini yabasebenzisa umgwaqo
Woza nalamaphepha alandelayo:


ikhophi enesitembu samaphoyisa sepasipoti noma sephomede yokuhlala kuleli okwesikhashana
umazisi okhishwa yisiphathimandla esaziwayo.


Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



National Road Traffic Act, 1996  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Kungathatha amaviki angu 6 ukusebenza isicelo sakho.

Phezulu

Izindleko

