
Ukuhlola imbewu lapho kunesikhalazo kanye nengxabano
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Abesiteshi sokuhlolwa kwezimbewu abe-Official Seed Testing Station  baphenyisisa ngezingxabano kanye nezikhalazo maqondana nemibandela yezimbewu ngokulandela umthetho we-Plant Improvement Act, 1976 .

Ungabika ngezinye izikhalazo zokuhlolwa kwezimbewu noma izingxabano eziqondene neqophelo lezimbewu, kodwa kumele uqale uxhumane nabe-OSTS  ukubona ukuthi ngabe ubuchwepheshe obudingekayo ngenhlobo yohlolo kanye/noma ngenhlobo yezimbewu likhona yini. Le nkonzo  itholakala kunoma yimuphi umuntu, inhlangano, isikhungo, inkampani noma umlimi.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Uma ufuna ukufakela isikhalazo noma ingxabano maqondana neqophelo lezimbewu, thumela incwadi kanye nesampuli yezimbewu kanti futhi ucacise kahle lonke ulwazi maqondana nesikhalazo noma ingxabano. Bandakanya imininingwane yohlolo olwenziwe ngezinye izikhungo zohlolo lwezimbewu.
Ungathatha isampuli ngokwakho, kodwa isampuli yasemthethweni kumele kungcono uma ithathwa ngu-auditor kwihhovisi lesifunda  lobuqondisi be-Directorate SAAFQIS.
Fakela amasampuli ukuze ahlolwe.
Uma isikhalazo sibonakala sifanele, isibonelo, iqophelo lezimbewu lingahambisani nokubekwe kumthetho wokuthuthukiswa kwezitshalo, umthetho we-Plant Improvement Act, 1976, akho zindleko. Uma isikhalazo singenalutho olubambekayo nolufanele, kumele kukhokhelwe imali yokuhlola izimbewu ebekwe ngabophiko lwezimali zikaZwelonke , kanti kuzokhishwa i-invoice .
Kungakhokhwa ngendlela ye-elektroniki  noma ngokukhokha kukhawuntala, kodwa kubalulekile ukuthi usho inombolo ye-invoice ukuze bazokwazi ukuqhathanisa imali ekhishiwe kanye ne-invoice eyenziwe. Imininingwane yebhangi ingokulandelayo:

IBhangi: Standard Bank
Igama leGatsha: Arcadia
Ikhodi yeGatsha: 01-08-45
Inombolo ye-akhawunti: 011244887
Igama le-akhawunti: NDA Seed Testing Services.

Kuyokhishwa imiphumela yohlolo olungenasizathu esibambekayo kuphela uma kukhokhwe imali ye-invoice.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Plant Improvement Act, 1976  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Abe-OSTS babonelela kuqala ukuhlolwa kwamasampuli ezimbewu lapho kunengxabano noma kungalandelwanga imibandela yomthetho. Ubukhulu bengxabano noma isikhalazo, isibonelo, inani lamasampuli, inhlobo yezitshalo kanye nenhlobo yohlolo okumele kwenziwe, kuchaphazela isikhathi esizothathwa ekuphenyisiseni. Ngeke kwanikezwa ulwazi maqondana namazinga okuhlola. Buza kuleyo ndawo ngokwayo .

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo  ithokalala mahhala uma isikhalazo kungesifanele. Kodwa, uma isikhalazo kungesingafanele , kuzomele kukhokhelwe imali eyamukelekile yokuhlolwa kwezimbewu, kwisimo nesimo.

