﻿
Ukuhlola imbewu lapho kunesikhalazo kanye nengxabano
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

UMnyango wezoLimo uhlola amasampuli ezimbewu ukuqinisekisa ukuthi zimsulwa  ziqhuma ngokufanele futhi ziyakwazi ukuqhubeka .

Zinhlobo zezimbewu ezamukelekile kuphela ezimenyezelwa ngokulandela umthetho we-Plant Improvement Act, 1976 , ezingamasampuli asemthethweni, ezihlolwa ukubona iqophelo lazo. Amasampuli asemthethweni  ayahlolwa ukuqinisekisa ukuthi izimbewu zilandela lokho okubekwe kumthetho we-Plant Improvement Act, 1976 nokuthi zifakelwa kahle ngokuyiqiniso amalebuli ezithengiswa ngawo.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Abahloli kumahhovisi ezifunda , boMnyango wezoLimo, bathola amasampuli kuphi nakuphi ngaphandle kokukhetha, avela esiteshini solawulo itrade control  kanti kwizimbewu ezibuya ngaphandle i-imported seed  kubantu, isibonelo, njengasezinhlanganweni, izikhungo, izinkampani, kuma-co-operative nakubalimi abathengisa ngezimbewu.

Zonke izimbewu, ezithengiswayo nezinezitifikedi zokuvunyelwa , ziyahlolwa.

Izimbewu okumele kutholakale amasampuli azo, zikhethwa ngokulandelayo:


ukuthatha nje ngokukhetha kuphi nakuphi 

izimbewu ezisolisayo

izinhlobo zezitshalo ezinezinkinga.



Amasampuli ayohlolwa ukubona ukuthi ngabe ahambisana nomthetho wokuthuthukiswa kwezitshalo we-Plant Improvement Act, ukuhlola ukuthi ngabe izimbewu zimsulwa yini kanye nokuthi ngabe zizokwazi yini ukuqhuma noma ukuqhubeka kahle .

Abahloli bayaziswa ngemiphumela.

Uma imiphumela ibonisa ukuthi izimbewu azihambisani nomthetho, zingahoxiswa ezimakethe ukuthi zingathengiswa noma zingafakelwa amalebuli.

Njengoba lokhu kuhlolwa kwezimbewu kwenziwa ngokulandela umthetho kazwelonke, akukhokhiswa lutho. Kodwa, uma umuntu lapho okuthathwe khona isampuli ecela imiphumela yohlolo, ngendlela yombiko wohlaziyo lohlolo obizwa iSeed Analysis Report, kumele kube nenani lemali evunyele ngabomnyango wezimali okumele likhokhelwe. Kuzokhishwa i-invoice. Imininingwane yeBhangi ingokulandelayo:


IBhangi: Standard Bank
Igama leGatsha: Arcadia
Ikhodi yeGatsha: 01-08-45
Inombolo ye-akhawunti: 011244887
Igama le-akhawunti: NDA: Seed Testing Services

Khumbula ukufakela inombolo yesiliphi sokukhokha  ukuze iqhathaniswe ne-invoice ekhishiwe.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Plant Improvement Act, 1976  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Isiteshi esisemthethweni sokuhlola izimbewu , sisebenzisa inqubo ebonelela okubalulekile nokumele kubonelelwe kuqala ekuhloleni . Ngoba izitshalo ezehlukene zinezimo ezehlukene zokuhlolwa, isikhathi sokuhlola singathatha izinsuku ezimbalwa ukuya kumaviki ambalwa. Uma unemibuzo qondana nesikhungu uqobo .

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo itholakala mahhala.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Awekho amafomu agwaliswayo.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


