﻿
Imibandela nezimo zokuSebenzisa

Noma yimuphi umuntu osebenzisa le-website  kumele alandele nokuvuma ukulandela imibandela nezimo zokusebenzisa njengoba kubekwe kule nothisi yomthetho Uma umsebenzisi engafisi ukuphoqelelwa yile mibandela nezimo umsebenzisi akumela angene kwi-website, akhombise izinto ezikuyo, asebenzise, noma akhiphe izinto kuyo kanye/noma ukwenza ikhophi noma ukusabalalisa okuqukethwe kule website.


1. Indlela yokusebenzisa kanye nelungelo lobunikazi 

1.1 Abasebenzisi bangabuka, benze amakhophi, bakhiphele  kumakhompyutha abo, baprinte, basabalalise  okuqukethwe kule website, noma ingxenye yayo ukusebenzisa ulwazi noma ukuchaza lapho abakuthole khona  kuphela, kanti futhi lokhu bangakusebenziseli inzuzo ngezemali.

1.2 Abasebenzisi abafisa ukusebenzisa okuqukethwe kule website ngenhloso yezokuzuza imali, ngeke bakwenza lokho ngaphandle kokuthi baqale bathole imvume ebhaliwe, etholakala kuWeb Manager  kule nombolo yocingo ethi: +27 12 314 2140 noma ngokuthumela i-email ekhelini elithi electronic@gcis.gov.za. Ukukhiqiza futhi  kanye/noma ukwenza amakhophi okuqukethwe kuyo noma ingxenye yayo, ngenhloso yezezimali kumele kuhambisana nale nothisi yelungelo lobunikazi ngokuphelele. © GCIS2004: ONKE AMALUNGELO AGODLIWE 

1.3 Onke amalungelo obuqotho nokulunga  kanye noma yimaphi amanye amalungelo ezokuXhumana koMbuso  noma ezinye izinhlangano zomthetho maqondana nengqikithi emaqondana nakho kule website angabekwanga obala, kusho ukuthi agodliwe.

2. Amalungelo olwazi lwangokomqondo 

Konke okuqukethwe lapha, i-data, ama-trademarks 

3. Ukuzikhipha ecaleni 

3.1 Lolu lwazi kule website lunenhloso yokunikeza ngolwazi olunabile maqondana nesihloko esithile noma izihloko, kanti futhi alunikeze yonke injula ngalesi sihloko .

3.2 Kungumsebenzi osemahlombe omsebenzisi ukuzenelisa yena ngaphambi kokuba angene kule website, ngokuthi le website izohlangabezana nezidingo zakhe siqu umsebenzisi, kanye nokuhambisana ne-hardware  kanye/noma i-software yakhe. Ulwazi, imibono  kanye nemiqondo  kule website, akumele kuthathwe ngokuthi yiseluleko esiprofeshinali, noma umqondo osemthethweni  we-GCIS, noma enye inhlangano ebhaliswe emthethweni  maqondana nolwazi, imibono noma imiqondo evezwa kule website. Abasebenzizi bakhuthazwa ukubonisana nabolwazi lweprofeshini ngaphambi kokuba bathathe noma yiliphi inyathelo maqondana nolwazi, imibono, noma imiqondo evezwe kule website.

3.3 Abe-GCIS abenikezi kumela noma amawaranti, abekwe ngendlela engaqondile ngqo  noma ngenye indlela , ukuthi kuyothi phakathi kokunye, ingqikithi equkethwe lapha kanye netheknoloji etholakala kule website akunawo amaphutha, okweqiwe ngephutha , noma ukuthi inkonzo  izoba ngengaphazamiseki ukufinyelela ku-100%, nokuthi ayinawo amaphutha, noma izohlangabezana nombandela wesici esithize  ngokwenziwa komsebenzi noma iqophelo. Le site inikezwa njengoba injalo ("as is") Abe-GCIS bazikhipha kowo wonke amacala abekwe ngendlela engaqondile ngqo (implied), amawaranti, okubandakanya kodwa hhayi khona kuphela, amawaranti ezendayizo (merchantability), itayitele, ukuqina nokulungela inhloso ethile, ukungaphazamisi amalungelo, ukuhambelana ukuvikeleka, ukuqondana ngqo, kanti futhi ayimeli ngokuqonde ngqo noma ngkungaqondile ngqo noma ukunikeza amawaranti ngengqikithi yokuqukethwe kwi-website, kanye nokuthi i-website kanye nokuthi i-website iqokelelwe ngendlela ezohlangabezana nezidingo eziqondene nomuntu nomuntu siqu. Abasebenzisi bakhuthazwa ukuthi babike noma yiwaphi amaphutha, ukungasebenzi kahle, noma imetheriyali ecasulayo (offensive material), ngokusebenzisa inqubo yokuveza imibono (feedback) link

3.4 Umsebenzisi we-website wenza lokhu ngokuzibeka yena engozini njengomsebenzisi  Umsebenzisi kumele athwale konke emahlombe akhe okumaqondana nobungozi noma ukulahlekelwa okungaba wumphumela wokusebenzisa ingqikethi equkethwe kule website. Abe-GCIS noma enye inhlangano ebhaliswe emthethweni  maqondana nolwazi oluqukethwe lapha kule website, noma abasebenzi be-GCIS noma enye inhlangano enjalo, ngeke bafakwa ecaleni ngenxa yomphumela oyisipesheli, ongaqondile ngqo, ohambisana nalokho, noma ukulinyalelwa okubi noma yikuphi okunye ukulinyalelwa noma kwisimo sekontraki, umthetho , isenzo esingeyiso ngokomthetho noma ukuphazamisa ilungelo , ; noma okunye okuqondene nokusebenzisa le dokhumende noma ulwazi. Uma okunye okukhona kungasebenziseki ngenxa yanoma yisiphi isizathu, okulandelayo kuyoqhubeka nokusebenza. Ngokulandela izigaba 43 no-43(6) zomthetho we-Electronic Communciations and Transactions Act 25 of 2002 (umthetho wezokuxhumana nokusebenzisa inqubo ye-elektroniki), abe-GCIS ngeke bafakwa ecaleni ngokulinyalelwa, ukulahlekelwa noma icala kwanoma yiyiphi inhlobo okwenzeka ngenxa yokusebenzisa noma ukungakwazi ukusebenzisa le website, noma izinkonzo (amasevisi), noma okuqukethwe kule website.

3.5 Okunye ukuxhumaniseka  aku-web server axhumanisa nemithombo yosizo , ephethwe ngabanye abe-GCIS abangenakulawulo kuyo. Abe-GCIS abamele muntu noma amawaranti ngokuqonda ngqo kwanoma yiyiphi ingxenye eqondene naleyo mithombo yosizo 

3.6 Okubekwe kwi-Par 2 of Chapter III of the Electronic Communications and Transactions Act 25 of 2002  akufakelwe ekusebenzeni kunoma yimiphi imilayezo yezokuxhumana nge-eletroniki, umsebenzisi angayithumela kwabe-GCIS ngokusebenzisa le-website., Noma yikuphi ukuxhumana noma umlayezo othunyelwa ngumsebenzisi kwabe-GCIS uzothathwa ngokuthi wamukelwe ngabe-GCIS lapho umuntu emukelwa umlayezo ngokubhala. Uma usebenzisi engatholi impendulo esikhathini esifanele, umsebenzisi kumele alandelele lolu daba nabe-GCIS Abe-GCIS ngeke bafakwa ecaleni lokuhluleka ukuphendula.

3.7 Uma umsebenzisi edinga noma yiluphi ulwazi kwabe-GCIS maqondana nezinkonzo  abo, noma ngokuqukethwe kule-website, kungaxhunyanwa nabo ngokusebenzisa inqubo yokuveza imibono lapha kwi-feedback link

4. Ukuvikeleka

4.1 Ukuphepha

Abe-GCIS banamazinga afanele kwezentengo yetheknoloji kanye nenqubo yokuvikeleka ekusebenzeleni ukuvikela lonke ulwazi olunikezwa ngabasebenzisi ukuthi lungalahleki, lusetshenziswe kabi, lushintshwe noma lubhidlizwe. Kuzothathwa zonke izinyathelo ezifanele ukuvikela ulwazi lomsebenzisi. Abasebenzi abagunyaziwe ababhekene nokunakwa kolwazi oluyimfihlo  olunikezelwe, kumele bagcine imfihlo yalolo lwazi. Umgomo usebenza kubo bonke abasebenzi bakwa-GCIS, noma izinhlangano zikahulumeni ezingamukela ulwazi oluvela kwabe-GCIS. Kuvinjelwe wumthetho kunoma yimuphi umuntu, ibhizinisi, inhlangano, ukuthola, noma ukuzama ukuthola ukungena ngendlela engekho emthethweni kunoma yiliphi ikhasi kule-website, noma ukufakela noma ukuzama ukufakele noma yiyiphi ikhodi engagunyaziwe, elimazayo, noma yolunya kule website. Uma umuntu efakela noma ezama ukufakele ikhodi engagunyaziwe, elimazayo noma yolunya kule website, noma ezama ukungena ngendlela engekho emthethweni kunoma yiliph ikhasi , lowo muntu kule website, lowo muntu uyobekwa icala lokweqa umthetho, kanti uma abe-GCIS noma yimuphi umkhakha kahulumeni ulimazeka noma ngayiphi indlela, uyovula icala lembuyekezo ngokulinyalelwa.

4.2 Ukuxhumaniseka nokuthatha ulwazi lwabanye ngokungemthetho ulwenze olwakho 

Siyakwemukela ukuthi abanye abantu besithathu  bazixhumanise  nolwazi olufakelwe kulama khasi.
Akuvunyelwe kunoma yimuphi umuntu, ibhizinisi, inhlangano noma i-website ukuthatha ulwazi ngokungemthetho balwenze olwabo  noma yiliphi ikhasi lale website okubandakanya ngisho ne-homepage, nanganoma yiyiphi indlela, ngaphandle kwemvume ebhaliwe ebuya kwabe-GCIS

4.3 Ukuxhumanisa kwabantu besithathu ne-Website

Lokhu kungasiza ngokuxhumanisa  kwamanye ama-website njengento nje ewusizo , kanti noma yikuphi ukuxhunyaniswa akusho ukuthi abe-GCIS bavumelana nalawo ma-website. Ama-website axhumanisiwe  noma amakhasi awekho ngaphansi kolawulo lwe-GCIS. Abe-GCIS abanawo umsebenzi emahlombe abo noma ukuba necala ngokuqonde ngqo noma ngokungaqondile ngqo nanganoma yiyiphi indlela maqondana nokuqukethwe, ukusetshenziswa noma ukungakwazi ukusetshenziswa noma ukufinyelela noma yiwaphi ama-website axhunyanisiwe , nonoma yiyiphi imixhumaniso  atholakala kuma-website axhunyanisiwe (linked websites).

5. Ukuba yimfihlo 

5.1 Isingeniso

Isitatimende semfihlo  sisebenza kwabe-GCIS kanye nakunoma yiyiphi inhlangano ebhalise ngokomthetho elawula, eqinisekisa noma esebenzisa ulwazi olungaqokelelwa ngokusebenzisa le-website.
Umsebenzisi angavakashela le website ngaphandle kokunikeza ulwazi ngaye siqu. Kodwa umsebenzisi uvuma ukusebenzisa lolo lwazi  ngokulandela lesi sitatimende semfihlo  Sicela uqaphele ukuthi le website ingaba nokuxhumana namanye ama-website angalawulwa yilesi sitatimende semfihlo .
Uma umsebenzisi enemibuzo, noma ukukhathazeka maqondana nalesi sitatimende semfihlo, noma imfihlo yomsebenzisi ngesikhathi esebenzisa le Website, angasebenzisa i-feedback link.

5.2 Ama-cookies

Abe-GCIS bangasebenzisa ama-cookies  noma ku-web beacons  ukuqinisekisa ukuthi i-websiste iphethwe kahle kanye nokulekelela ukuthuthukisa i-website. Abe-GCIS noma abanikeza ngenkonzo kuyo bangasebenzisa ama-cookies ukuqokelela ulwazi lomlinganiselo othize. Abe-GCIS ingasebenzisa izinto ezinjengalezi ngezikhathi nezikhathi ukulendelela ukusetshenziswa nokutholakala kolwazi kuma-system ayo, kanye nokubona imikhakha yabasebenzisi bezinto ezifana namakheli ama-IP, i-domain, inhlobo ye-browser kanye namakhasi avakashelwe. Lolu lwazi lubikwa ku-web administrator  osebenzisa lolu lwazi ukuhlaziya inani labasebenzisi ezindaweni ezehlukene ze-website, kanye nokuqinisekisa ukuthi le website isebenza njengethuluzi eliwusizo, elisebenza ngokunomphumela kanye nokuba wumthombo wolwazi
Ama-cookies kanye nama-web beacons awaqoqi ulwazi lwabasebenzisi ziqu, ulwazi olufana namagama noma amakheli ama-email. Umsebenzisi angenqaba ukusebenzisa ama-cookies ngoba ama-browser amaningi awavumeli abantu ziqu ukusebenzisa ama-cookies. Ngaphansi kwezimo ezithile, abasebenzisi bangenqatshelwa  ukufinyelela ezingxenyeni ezithile zale website, uma ama-browser abo ehlelelwe ukunqabela ama-cookies.

5.3 Ukusebenzisa ulwazi lomuntu siqu

Isitatimende semfihlo  sisebenza kwabe-GCIS kanye nakunoma yiyiphi inhlangano ebhalise ngokomthetho elawula, eqinisekisa noma esebenzisa ulwazi olungaqokelelwa ngokusebenzisa le-website.Umsebenzisi angavakashela le website ngaphandle kokunikeza ulwazi ngaye siqu. Kodwa umsebenzisi uvuma ukusebenzisa lolo lwazi  ngokulandela lesi sitatimende semfihlo  Sicela uqaphele ukuthi le website ingaba nokuxhumana namanye ama-website angalawulwa yilesi sitatimende semfihlo .Uma umsebenzisi enemibuzo, noma ukukhathazeka maqondana nalesi sitatimende semfihlo, noma imfihlo yomsebenzisi ngesikhathi esebenzisa le Website, angasebenzisa i-feedback link.

Ulwazi lomuntu siqu lusetshenziselwa izinhloso ezithile kuphela, isibonelo, lapho umsebenzisi ebhalisa  ne-website ukucela ukuthi kuxhunyanwe naye ngezindawo ezithile eziphathelene nabe-GCIS Abe-GCIS bangasebenzisa ulwazi olufakelwe ngumsebenzisi ukwenza i-profile yomsebenzisi ukuze babhekane nezidingo zakhe siqu ekuphenduleni kwabo, kwezinye izicelo zomsebenzisi, noma imibuzo, kanye nokuthuthukisa i-website. Uma umsebenzisi ekhetha ukubhalisa  nge-online, emcimbini othize owenganyelwe ngabe-GCIS, abe-GCIS bazosebenzisa ulwazi olufakelwe ngumsebenzisi ukuphendula umsebenzisi Nangaphezu kwalokho, u-web administrator angathi lapho kufanele khona asebenzise ulwazi lomsebenzisi kwimisebenzi ethize ephathelene ne-website. Abe-GCIS bazoqinisekisa ukuthi imisebenzi yezokumaketha ihambelana nemithetho efanele, nokuthi isetshenziswa ngokuhambisana nezinqubo ezilandelayo ukuthola imvume efanele kumsebenzisi ngaphambi kokuthumela i-email equkethe ulwazi lwezinkonzo zabe-GCIS. Umsebenzisi angathi kunoma kunini acele abe-GCIS ukuyeka ukuthumela imetheriyali umsebenzisi ngokusebenzisa inqubo ye-feedback noma ye-unsubscribe link

5.4 Ukudalula ulwazi kwabenye besithathu 

Ngisho noma abe-GCIS benganikeza ulwazi lwabasebenzisi kwabanikeza ngezinkonzo  abasebenza ngowlazi egameni labo, ngeke banikeza abantu besithathu ulwazi, noma eminye imikhakha kahulumeni ukuze ilusebenzisele ezinye izinhloso noma izinhloso ezingaqondene, ngaphandle kokuba lokho kuye kwadalulwa ngesikhathi sokuxhumana.
Ulwazi lomuntu siqu lungadluliselwa kumikhakha yamazwe omhlaba ngabe-GCIS noma kubantu besithathu ngezinhloso ezingenhla. Lokhu ngeke kwabandakanya ukudluliseka kumazwe angenayo imitheshwana yolawulo  lokuvikelwa kolwazi efana naleyo ekhona kuzwe okuhlala kulo umsebenzisi. Ngokunikeza ulwazi kwabe-GCIS ngale website, umsebenzisi uvumela ukudluliselwa kwalolo lwazi.

Lapho kufanele khona, ulwazi lomuntu siqu lungadalulwa kwabomthetho, kwabezinqubo zolawulo, noma kwimikhakha kahulumeni, noma abesithathu lapho kufanele khona, noma kuyinto efanele ukulandela imithetho, noma izibopho zenqubo yolawulo, noma ngezinhloso ezibekwe ngenhla.

5.5 Ukufinyelela kulwazi lomuntu siqu

Uma kunikezwe ngolwazi lomuntu siqu kule website, abasebenzisi abafisa ukubuyekeza ulazi lwabo ziqu bangenza lokho ngesicelo sokucela ukubuyekeza ngokusebenzisa i-feedback link. Ngemuva kwalokho, abasebenzisi bazokwazi ukufinyelela ama-profile abasebenzisi, ukuqondisa lolo lwazi kanye nokufakela imininingwane yabo yakamuva noma ukukhipha amagama kuhla  noma kunini. Abasebenzisi abanenkinga yokuthola ama-profile abo, noma abafuna ukucela ikhophi yolwazi lwabo ziqu, kumele baxhumane no-web administrator ngokusebenzisa i-feedback link. Kuzo zonke izimo, abe-GCIS bazobhekana nezicelo zokufinyelela kulwazi, noma ukushintsha ulwazi ngokulandela izidingo zomthetho ezisebenza kulesi sigaba.

5.6 Akunasivumelwano

Akukho okutholakala lapha ngaphakathi, okubanga noma okunenhloso yokubanga ikontraki noma isivumelwano phakathi kwabe-GCIS kanye nomsebenzisi ovakashela i-website.

5.7 Ukuvikela nokugcina imfihlo yangasese yeziNgane

Abe-GCIS bamukela ukubaluleka kokuvikela imfihlo yangasese yezingane ekuxhumaneni ngokwe-online kuwo wonke umhlaba.

6. Ukunqamula ubudlelwane

Lezi zimo nemibandela zokusetshenziswa ziyisisekelo esiphelele sobudlelwane obuprofeshinali, noma obunye ubudlelwane phakathi kwabe-GCIS kanye nale-website. Noma yikuphi ukuhluleka ngasohlangothini lwabe-GCIS ukusebenzisa noma ukulandela noma yiliphi ilungelo noma okubekiwe  kule mibandela nezimo zokusebenzisa ngeke nanganoma yiyiphi indlela kwaba wukugudlulela eceleni kwalelo lungelo noma lokho okubekiwe Uma umbandela othize noma isimo esithize sokusebenzisa le website singasebenziseke ngkugcwele noma singasebenziseki  ngenxa yanganoma yisiphi isizathu, lowo mbandela  noma leso simo  ziyonqumeka kweminye imibandela nezimo. Imibandela nezimo ezisele ngeke zachaphazeleka ngalokho kunqumeka noma ukungasebenziseki, nakhona kuyohlala kusebenza.

7. Ukubuyekeza kabusha le Mibandela kanye Nezimo

Abe-GCIS benelungelo lokushintsha  ukuhlela ngenye indlela , ukungezela noma ukususa izingxenye ezithile noma yonke le mibandlela nezimo zokusebenzisa ngezikhathi nezikhathi. Izinguquko kule mibandela nezimo zokusebenzisa ziyoqala ukusebenza ngaleso sikhathi sezinguquko lapho zifakelwa kule website. Kuyisibopho esisemahlombe omsebenzisi ukuthi ngezikhathi nezikhathi ahlole imibandela nezimo zokusebenzisa le websiste noma izinguquko noma ulwazi olusha olusanda kufakelwa. Ukuqhubeka komsebenzisi ukusebenzisa le website, ngemuva kokufakelwa kwezinguquko noma ulwazi olusha, kuyothathwa ngokuthi lowo msebenzisi uyitholile inothisi kanti futhi wemukela ukuzibophezela ngayo le mibandela nezimo zokusebenzisa, okubandakanya izinguquko nolwazi olusha.

8. Ulwazi nge-website kanye nomnikazi


8.1 Igama eligcwele kanye nesimo kwezomthetho maqondana nomnikazi we-website:
Government Communication and Information System , okunguMnyango kaZwelonke kaHulumeni eRiphabliki yeNingizimu Afrika, ngokumelwa ngu-Chief Executive Officer. we-GCIS

8.2 Ikheli le-website yale-website ngu: http://www.services.gov.za

8.3 Imininingwane yokuxhumana nomnikazi we-website:
Ikheli lePosi:
Government Communication and Information System
Private Bag X745
PRETORIA
0001

Ikheli lomgwaqo:
Government Communication and Information System
Midtown Building No. 356
Cnr Prinsloo and Vermeulen Streets
PRETORIA
South Africa

Inombolo yocingo: +27 12 314 2911
Inombolo yeFekisi: +27 12 323 3831

I-email: electronic@gcis.gov.za

Top




