﻿
Faka isicelo selayisensi yokushayela okwesikhashana
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Ilayisensi yokushayela okwesikhashana inikezwa abantu abakwazi ukushayela kodwa:


balindele ilayisensi yabo eyikhadi
bafake isicelo sokuvuselela ilayisensi yabo
balahlekelwe yilayisensi yabo.


Lelayisensi iyaphela emuva kwezinyanga eziyisithupha kanti itholakala kuwo onke amasenta okuvivinyela ukushayela.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu DL1, elokufaka isicelo selayisensi.
Yiza nalamaphaphe alandelayo:

umazisi wakho noma ipasipoti
izithombe ezingezona zombala zencwadi yomazisi ezimbili.

Amehlo akho azohlolwa ngaphambi kokuba ilayisensi yokwesikhashana ikhishwe.
Khokha imali enqunyiwe.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



National Road Traffic Act, 1996  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Iphomede ingabe isilungile emva kwamaviki angu 8 kuya ku 12.

Phezulu

Izindleko

