﻿

Isicelo somyalelo osemthethweni wokudonswa kwentela – kwisikhwama semali yomhlalaphansi 

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Kumele kufakelwe isicelo lapho umuntu efinyelele iminyaka yomhlalaphansi nakhona efisa ukusebenzisa ama-benefit aqokelelene ngokulandela umgomo womhlalaphansi.

Lesi sicelo singenziwa yilunga elifisa ukudlulisa  ama-benefit alo ngaphansi kwesinye isikhwama somhlalaphansi ukuya kwesinye isikhwama somhlalaphansi.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu lokudonswa kwentela ebese ulifakela kwabe- South African Revenue Service .
Kufuneka lolu lwazi ukuze kubonelelwe isicelo somyalelo wentela:

isibongo somkhokhi wentela
unobumba bamagama  omkhokhi wentela
isitifikedi sokuzalwa somkhokhi wentela
inombolo kamazisi yomkhokhi wentela noma enye intombolo engavamile
uhlobo lomyalelo ocelwayo
isizathu sokucela umyalelo wentela
ikheli lendawo ahlala kuyo kanye nekhodi leposi yomkhokhi wentela
ikheli leposi kanye nekhodi leposi lesikhungu noma lomqashi
umholo wonyaka womkhokhi wentela.

Uma inombolo yereferense yentela ingakhishwanga, nikeza izizathu zokungabhalisi.

Indlela elula yokwenza isicelo somyalelo wentela, wukusenza nge-inthanethi kwi-website ethi: eFiling. Isicelo sakho somyalelo wentela ngale ndlela sivamise ukuvunyelwa kungakapheli amahora angu-48.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Income Tax Act, 1962  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Isicelo somyalelo wentela owenziwa kwi-inthanethi uvamise ukwamukelwa kumahora angu-48.

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Gcwalisa uthumela ifomu lakho online. Noma-ke downloda ugcwalise ifomu Request for a Tax Deduction Directive, Form C ..

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


