
Isicelo sepasipoti yesikhathi esiphuthumayo
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Ipasipoti yesikhathi esiphuthumayo yidokhumende edingeka ngokuphuthumayo lapho unenhloso yokuhamba ukuya kumazwe angomakhelwane angadingi ivisa. Ipasipoti yesikhathi esiphuthumayo ingasetshenziswa nokubuya ngokuphuthumayo eNingizimu Afrika. Isebenza izinyanga eziyisishagalolonye  ukusukela ngosuku lokukhishwa kwayo, kodwa ngeyokuhamba uhambo olulodwa kuphela ukuya kulelo lizwe oya kulo kanye nokubuyela eNingizimu Afrika.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu lesicelo le-BI-73 kunoma yiliphi ihhovisi lezaseKhaya eNingizimu Afrika.
Fakela:

incwadi echaza ukuthi kungani udinga ipasipoti yesikhathi esiphuthumayo
umazisi wakho  noma isitifikedi sokuzalwa
isitatimende esifungelwe kwabomthetho  uma ipasipoti yakho yaseNingizimu Afrika yalahleka noma yebiwa
nezithombe ezine zosayizi wepasipoti.


Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



South African Passports and Travel Documents Act, 1994  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Isicelo singathatha ukufinyelela kwizinsuku ezinhlanu  zokusebenza.

Phezulu

Izindleko

R64

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



, BI-73

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


