﻿

Ukubhalisa okuthize ukuze waziwe njengoSosayensi wendalo – ukuhlonishelwa infundo nolwazi

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Ikhansela yaboSosayensi bendalo yaseNingizimu Afrika  iyavuma ukuthi abanye abantu abazange balithole ithuba lokufunda baze bafike ezingeni eliphakeme elidingwa ikhansela ebhalisa abantu abafundele umsebenzi othile. Kodwa-ke labobantu kutholakala ukuthi badlale indima ebalulekile kakhulu kumphakathi woSosayensi eminyakeni eminingi edlule kanti bangaqubeka benze njalo eminyakeni eminingi ezayo.

Ikhansela ithathe isinqumo sokuthi inikeze labo Bantu ithuba lokufaka isicelo sokubhalisela ukuba ngoSosayensi bendalo abawufundele lomsebenzi ngaphansi kwemigomo ethile.

Wonke umuntu ongenawo amaphepha omsebenzi avunyelwe noma aziwa yikhansela angasifaka isicelo.

Abafaki zicelo kumele:

bahlonishwe ngabasebenza nabo ngolwazi abanalo kulomsebenzi wabo abawukhethile

kube nendima ethile abayidlalile kumphakathi waboSosayensi

babe nolwazi oluyilona abalufundele olungekho ngaphansi kweminyaka eyishumi angezona izincamu ngaphambi kokuba bafake izicelo kulowomsebenzi abasifakela wona isicelo.


Isicwayiso: uma ngabe uke washiya lomsebenzi wakho owufundele eminyakeni eyishumi eyedlule, ungeke uvunyelwe ukubhalisa ngaphansi kwaloluhlelo.

Abafake izicelo bazakuhlolwa yikomidi elelulekayo lalowomsebenzi, banikwe imvume yikomidi lokubhalisa le SACNASP, kanti-ke igunya lokusebenza bazakunikezwa ikhansela iphelele.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu elisemthethweni lokubhalisa.
Thumela ifomu elisayiniwe kanye incwadi elandisa ngokufunda nolwazi equkethe:

ubufakazi bokufunda akolishi nangaphandle kwekolishi – amakhophi ezitifiketi zokufundela umsebenzi agcotshwe isitembu samaphoyisa kuphinde kufuneke imininingwane eyafundwa ekolishi
amarekhodi ajulile olwazi oluhambelana nalowomsebenzi owafundelwa ocela ukuthi ubhaliselwe wona
uhlu lwamaphepha noma izincwadi owazibhala
ubufakazi bokuba ilungu lezinhlangano zabantu abafundile njenge nhlagano yaboSosayensi bokudla yaseNingizimu Afrika , noma i nhlangano yamakhemikhali yaseNingizimu Afrika i ; inhlangano yezezwe nezalo zokumbiwa phansi yaseNingizimu Afrika i .

Amaripoti amathathu  owabhalile noma lapho udlale indima ebalulekile ekuwabhaleni. Uma ngabe ungeke ukwazi ukuthumela amanye amaripoti ngoba kunezimfihlo ezithile, kuyodingeka ubufakazi bokuthi kubhalwe nguwena.
Iafidavithi echaza ukuthi lona ngumsebenzi wakho nechaza ukuthi udlale indima yiphi kulamaripoti owathumele.
Ama-afidavithi aphuma kubantu ababili abakufakazelayo baphinde baqinisekise ukuthi lomsebenzi othi uyawazi ngepela kunjalo.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

.

 

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Ukubhalisa kungathatha amaviki angu 6 kuya ku 8 kuya ngokuthi amaphepha adingekayo aphelele yini.
Abantu ababili abakhethwe yikomidi elilulekayo lalowomsebenzi bazokuhlaba ngemibuzo ehambelana nesicelo sakho.
Umphumela wokuhlolwa kwakho uzokwaziswa emva komhlangano omkhulu wekhansela.

Phezulu

Izindleko

Registration fees including Vat:


Professional Natural Scientist: R665 per field of practice
Candidate Natural Scientist: R365 per field of practice
Certificate Natural Scientist: R430 per field of practice
Upgrading of registration status: R665 per field of practice

Annual fees including Vat:

Professional Natural Scientist: R600 per field of practice
Candidate Natural Scientist: R240 per field of practice
Certificate Natural Scientist: R385 per field of practice
Pensioner : R130

Imininingwane yeComputer yasebhange kanye nokufaka imali ngokuya ebhange: Sicela usebenzise amaletha okuqala amagama akho kanye nesibongo sakho ukuze ubonakalise inkokhelo yakho e-akhawuntini yethu ebhange ubese ufekisa ubufakazi bokukhokha nekhasi lokuqala lesicelo sakho ku  841 1057.

Imininingwane yasebhange:
Umnikazi we akhawunti: SACNASP
Nedbank
Branchs: Silverton
Branch code: 164445
Account No: 1644292289

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

.



Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


