﻿
Isicelo Sosizo kubantu abaxakekile
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo



Usizo kubantu abaxekekile, olwesikhashana, lunenhloso yokusiza abantu abakusimo esinzima kakhulu esenza ukuthi bangakwazi ukuhlangabezana nezidingo ezibaluleke kakhulu zemindeni yabo.

Ngubani ongathola usizo lwabantu abaxakeke kakhulu?

Ungathola usizo lokuxakeka kakhulu kuhulumeni uma ukusimo esinzima nesiphuthumayo. Lokhu kungaba ngenxa yokulandelayo:

udinga usizo ngesikhathi ulindele umxhaso  lwesondlo sengane ngesikhathi uhulumeni esabhekana nesicelo
kwenzeke inhlekekele ephuthumayo, enjengokusha kwendlu yakho
awukufanelanga ukuthola umxhaso  lukahulumeni nakhona ukusimo sokuxakeka kakhulu
awukwazi ukusebenza ngenxa yokuthi impilo yakho ayikuvumeli – lokhu kusho ukuthi ugula isikhathi esingaphansi kwezinyanga eziyisithupha
awukwazi ukuthola isondlo sengane noma izingane zakho komunye umzali wengane
owondla umndeni ushonile
owondla umndeni usejele okwesikhashana 
uphazanyiswe yinhlekelele, kodwa indawo yakini noma umphakathi wakini awumenyezelwanga njengendawo yenhlekelele.

Yini okutholayo?

Usizo kubantu abaxekekile , lunganikezwa ngamaphasela okudla, noma ivawusha yokuthenga ukudla. Ezinye izifundazwe  anikeza lolu sizo ngemali ewukheshi. Usizo kubantu abaxakekile lunikezwa isikhashana esifishane kuphela – kuvamise ukuthi kube zinyanga ezintathu, kokunye izinyanga eziyisithupha .

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe



Yenza isicelo sosizo kubantu abaxakekile ehhovisi eliseduzane nawe leNtuthuko yaBantu.
Hambisa nalezi zinto lapho wenza isicelo:
Umazisi wakho enezinombolo ezingu-13 ze-bar code, kanye nezitifikedi zokuzalwa zezingane zakho.
Lamaphepha alandelayo azofuneka ukuze ufake isicelo uma incwadi yomazisi noma isitifiketi singekho:
iafidavithi esayinwe ngumfungisi. Iafidavithi kumele iqukathe uhlamvu lwamazwi ashoyo ukuthi uma umuntu engaqamba amanga noma anikeze umniningwane ongewona uzokushushiswa lowomuntu mayelana nesigaba 21 somthetho wokulekelela kwezenhlalakahle ka 2004
isitetimente esifungelwe ngumuntu ohloniphekile emphakathini owazi umfaki sicelo. Kungaba ilungu lekhansela, umholi wendabuko, unonhlalakahle, noma umfundisi
ubufakazi bokuthi isicelo sesitifiketi sokuzalwa noma somazisi sifakiwe negatsha lezasekhaya
incwadi yomazisi yesikhashana ekhishwe yigatsha lezasekhaya uma ngabe kunjalo
isitifiketi sokubhabhadiswa
ikhadi lase kliniki
umbiko wesesikoleni.



Isaziso: asikho isicelo esizoqhubeka ngaphandle kwesitetimente esifungelwe noma iafidavithi. 




Kumele unikeze nobufakazi bokuthi:
wenze isicelo somxhaso  lukahulumeni
ube nenhlekelele yesimo esiphuthumayo 
uzamile ukuthola isondlo
awunalo olunye usekelo olutholayo
ushadile, udivosile  noma uwedwa
awunawo omunye umholo 
Ugula okwesikhashana.


Phezulu

Umthetho osetshenziswayo





Social Assistance Act, 2004  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi



Isicelo sakho sizobonelelwa masishane.
Lapho usufakele isicelo, kuzohlolwa ubuqotho baso kanye nokuthi ngabe ngempela udinga usizo.
Ngisho noma ungenawo onke amadokhumende , uzonikezwa iphasela yokudla, ivawusha, noma imali ewukheshi enyangeni yokuqala.
Khumbula ukuthi uhambe nawo wonke amadokhumende kusikhulu somnyango ngaphambi kokuba uthole usizo enyagneni yesibili. Uma ungakwenzi lokho, ngeke wathola usizo lokudla, ivawusha noma ukheshi enyangeni yesibili neyesithathu.
Uma izinto zingaguquki empilweni yakho, ngemuva kokuba uthole usizo lwezinyanga ezintathu, ungenza isicelo sokuthi kungezelwe ezinye izinyanga ezintathu zosizo.

Phezulu

Izindleko



Le nkonzo ayikhokhelwa ngeyamahhala.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Sicela uxhumane nehhovisi eliseduze lomnyango.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


