﻿
Izikhamuzi zase South Africa eziboshelwe kwamanye amazwe
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Ngaphansi kwesivumelwano ngobudlelwano bamanxusa ka 1963 – indlela eyemukelekile yawonke amazwe wukuthi abantu ababoshwe ngaphandle kwamazwe abo bamele ukuthi bakwazi ukubonana namanxusa abo. abaseMzansi abazithola bakulenkinga kemele bacele iziphathimandla zakuleyo ndawo imvume yokuthintana nenxusa lase South Africa kulelozwe. Noma Omunye angathinta inxusa lase South Africa kulelozwe noma ihhovisi lamanxusa egatsheni lezangaphandle ePitoli egamani lakhe.

Amanxusa afuna ukuqinisekisa ukuthi izakhamuzi zakuleli eziboshelwe kwamanye amazwe ziphathwa ngendlela eyemukelekile uma zisejele. Ziznto ezihambelana nokunqamulezwa nokuphathwa ngendlela engahlonipheki noma ukujeziswa uzakubikwa kuziphathimandla zakuleyo ndawo. Imithetho yakwamhlabuhlangene yokuphathwa kweziboshwa iyasetshenziswa uma kunje.

Yiluphi usizo olunikezwa ngamanxusa kuzakhamuzi zaseMzansi eziboshelwe kwamanye amazwe?

Izisebenzi zasehhovisi lamanxusa:

thintana nesiboshwa ngokushehsa emva kokuthola isiqiniseko sokuthi lomuntu ngowaseMzansi. Loku kwenza ukuthi abantu baseMzansi ababoshwe kwamanye amazwe bazi amalungelo abo nosizo abangaluthola kumanxusa ase South Africa kulawomazwe. Ukuthintana kuzoba ngedlela yokubanana ngesiqu,ngocingo namo ngayiphi endlela efanele, kuyoya ngasimo.
zinikeza isiboshwa ulwazi ngemithetho yalelozwe okungafaka phakathi unqedo lwezemithetho lalelozwe, ukushushiswa uhlu lwabameli  kwenziwa njani uma ubuyiselwe ejele, isimo sebheyili, ukudlulisela icala phambili ukuze isiboshwa sazi ukuthi amalungelo aso ahmba afike kuphi.
ukuhlala ngokuthintana njalo nesiboshwa saseMzansi kulelozwe babe begcina imithetho yakuleyondawo.
ukuvakashela isiboshwa. Izikhathi zokuvakasha zishiwo yiziphathimandla zakuleyondawo, indawo isiboshwa esikuyona, amasiko nemithetho yalelozwe kanye nesimo sokulondolozeka sakulelozwe.
ukuthintana nomndeni nabangane – uma bacelwe yisiboshwa. Akukho kuthintana noma lwazi oluzokushwa ngaphandle kwemvume ngencwadi yesakhamuzi saseMzansi asiboshwe kwelinye izwe.
ukwenza ukuthi izimali abathumelana zona nomndeni nabangane e South Africa zifinyelele kusona isiboshwa ngokuthobela imithetho yase South Africa nemithetho yezwe aboshelwe kulona umuntu. Umthetho umiyo njangamanje uthi, imali ethunyelwayo esuka a South Africa yezinto ezinjengezokugeza, ukudla nemadlane yakhe  ayifanelanga ukuthi idlule u R2000 ngenyanga. Lemali ungeke uyidlulisele enyangeni elandelayo. Thintana nehhovisi lamanxusa uma udinga usizo.
qinisekisa ukuthi uma udinga usizo lwezempilo utshele iziphathimandla zasejel.
ukwenza ukuthi izincwadi ababhalelana zona ziyafike kusiboshwa, nemihti nozinto zokufunda  ezivela emndenini nasebanganini aSouth Africa lolusizo luyakhokhelwa egatsheni lezangaphandle nasekuhlonipheni imithetho yezwe aboshwe kulona umuntu. Imali ekhokhwayo ingakhushulwa noma nini.

Qaphela:

Igatsha lezangaphandle namanxusa ase South Africa emazweni amanye enza konke okusemandleni awo ukuqinisekisa ukuthi izimali, izincwadi namaphepha okufunda, nemithi ziyafinyelela ngokushesha esiboshweni. Kodwa-ke, imisebenzi ebalulekile yahhovisi lamanxusa yiyona okuqalwa ngayo. Nesimo sezinto kulelozwe singakhinyabeza ukufika kwezinto kusiboshwa.

amanxusa angeke akwazi ukusiza isiboshwa kulezizinto ezilandelayo:

ukugxamalazela ekuqubekeni kwezinkntolo zamazwe

ukukutholela ummeli noma ukunikeza izeluleko kwezomthetho

ukukucelela ukuba ukhululwe, noma ibheyili

ukuya ezindaweni noma amajele ayingozi

ukuphenya icala

ukukutholela ukuba uhlale kangcono ejele kunabanye abantu ngaphandle uma ngabe imithetho amhlabuhlangene yokugcinwa kweziboshwa ingalandelwa.

ukunikeza abomndeni umyalo wokuthi bathumele imali

ukukubhadalela imali yabameli, neyemithi kanye nezinye izindleko

ukukutholela indawo yokuhlala, umsebenzi, ivisa noma iphomedi yokuhlala kwelinye izwe

ukukhokhela imisebenzi eyenziwe abezokuvakasha, bezindiza, amabhange noma abaqashisa izimoto

ukwelekelela ngokomthetho abantu abayizakhamuzi emazweni amabili ezweni lesibili

ukukhokhela ukulungisa, nokungqwaba, nokushisa isidumbu somuntu wase South Africa obhubhile


Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Uma uboshiwe kwelinye izwe thintana nenxusa lase South Africa eliseduze nawe noma ihhovisi lamanxusa kwamanye amazwe egatsheni lezangaphandle ePitoli.

Abantu abayizakhamuzi zamazwe amabili baboshwe ezweni lesibili lapho bayizakhamuzi nakhona abangeke basizwe ngamanxusa ase South Africa. Uma abantu abayizakhamuzi zamazwe amabili baboshwe kwelinye izwe lapho bengezona izakhamuzi, babe behamba ngeposipoti yezwe lesibili, kumele bathintane nanxusa lalelozwe ababehamba ngepasipoti yakhona.


Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Ucezu luka 36 lwesivumelwano sase Vienna ngobudlelwano bamanxusa ka 1963
I South Africa ayinazo izivumelwano zokugudluzela iziboshwa namanye amazwe.

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi ayashiyana ngelizwe ngelizwe kanti aya ngesimo sezwe elibophe umuntu.

Phezulu

Izindleko

Igatsha lezangaphandle lisho ukuthi kukhokhwa malini ngokubheka umsebenzi owenziwayi.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Inxusa lase South Africa lizakunikeza isiboshwa amafomu afanele.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


