﻿

Ukugcwalisa amafomu olwazi lwentela ngokunabile

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Ukugcwalisa amafomu olwazi lwentela ngokunabile kusiza abaqashi ukuthi banikeze aboPhiko lwezimali Ezingenayo eNingizimu Afrika iSouth African Revenue Service  ngolwazi maqondana nabasebenzi babo lapho okungadonswanga khona intela njengoba kubekiwe kumthetho we-Income Tax Act, 1962 .

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

ISheduli A: Amafomu e-IT3 oMsebenzi neziNkonzo 

Kwizimo lapho umholo womsebenzi wonyaka uyinani lika-R2 000 noma ngaphansi kwaleli nani, nakhona kungadonswanga intela, kumele kugcwaliswe ifomu le-IT3 noma uhla lwabasebenzi olufakelwe nge-alfabethi, olunikeza ulwazi olulandelayo maqondana nomsebenzi ngamunye:

onobumba bokuqala bamagama  nesibongo noma igama ibhizinisi eyaziwa nokusebenza ngalo
inombolo yereferense yeNtela yeNgeniso 
inombolo kamazisi  noma inombolo yepasipoti
ikheli
inani lomholo 
isikhathi umsebenzi asesisebenzile noma usuku lokugcina ngalo ukukhokhela umholo wonyaka
ifomu le-IT3 lizonikezwa kulezi zimo ezilandelayo:

Uma wonke umholo womsebenzi noma inani elilingana unyaka, lingaphansi kuka-R2 000 nakhona lingadluli inani okumele lidonselwe intela .  ukuze kubonwe ukuthi ngabe kumele likhishwe yini ifomu le-IT3.
Kwisamba senani elikhokhwayo  lapho kungadonswanga khona intela.
Noma yiyiphi imali ekhokhelwe umuntu ngokunikeza  inkonzo ethile, noma okumele yenziwe, lapho kungadonswanga khona intela.

MUSA ukunikeza la mafomu maqondana nokulandelayo:

Izimali ezikhokhelwa izinkonzo  athile avamile ekusebenzeni kumaprofeshini, isibonelo, odokotela, abameli bomthetho , ama-advocate , ama-accountant nabacwaningi bezincwadi zezimali .
Noma yikuphi ukukhokha okwenziwe  ezikhonjiswe kwisitifikedi se-IRP5.
 Umholo  noma okulingana unyaka, okungekho ngaphezulu kwenani lika-R2 000 kunyaka wentela.


ISheduli B: Amafomu e-IT3 empahla, izimali ezitshaliwe, amalungelo kanye nentela yengeniso lamalungelo empahla, ezinto ezithile ezenziwa kudala ezifana nokubhala amabhuku nokunye 

Nikeza imininingwane yala manani akhokhelwe noma atholwe wuwe maqondana:

nenzalo yezimali-mboleko kanye namabhondi empahla (ngaphandle kwenzalo yemali-mboleko noma amabhondi okumele akhokhelwe ibhangi
nenzalo yezimali ezitshalwe nguwe kwizikhwama ezithile
maqondana nenzalo yezitifikedi zemali-mboleko yezinkampani 
nenzalo yama-akhawunti okulondoloza imali kuma-akhawunti amasheke nawama-savings
 Inzalo yamasheya
Nemali yerente ekhokhwe nguwe njengomqashi noma eqoqwe nguwe njenge-agent
Imali ekhokhelwe ilungelo lokusebenzisa impahla 
imali yezinto ezithile ezenziwa kudala ezifana nokubhala amabhuku nokunye , noma izimali ezikhokhelwe ukusetshenziswa kwelungelo lobuqambi bezinto ezintsha , idizayini, ilungelo lobunikazi bamagama, uphawu, ubuqambi , ilungelo elisemthethweni lobuqambi bemibhalo noma ulwazi , noma lokudlulisa ulwazi oluhambisana nokusetshenziswa kwelungelo lobuqambi bezinto ezithile ezenziwa .

Isheduli C: Amafomu e-IT3 entela yokuchithwa  kwe-unit trust noma ezinye izisetshenziswa kwezezimali 

Nikeza ngolwazi olulandelayo maqondana nokuchithwa  kwezisetshenziswa kwezezimali  egameni lanoma yimuphi umuntu:

incazelo yeyunithi noma isisetshenziswa kwezezimali
inani lamayunithi noma izisetshenziswa ezichithwayo 
i-value eyisilinganiso sezisetshenziswa ezichithwayo 
inani lilonke elivela kulezi zisetshenziswa eziqedwayo 
inzuzo ngemuva kokudonswa kwezimali  ezidonswayo noma incithakalo  maqondana nalezo zisetshenziswa ezichithwayo.

Isheduli D: Amafomu e-IT3, izitshalo zepulazi, izingodo , imfuyo, insimbi ehlangene namatshe , amaminerali, amatshe awumcebo, kanye namabhonasi akhokhelwa amalunga ezinkampani zama-co-operative, kanye namasosayathi.

Nikeza ngalolu lwazi:

Zonke izitshalo zepulazi, izingodo , imfuyo, Insimbi ehlangene namatshe , amaminerali, amatshe awumcebo, atholwe wuwe ngokuwathenga, noma ngokushintshanisa ngempahla  kanti .
Zonke izitshalo zepulazi, izingodo , imfuyo, insimbi ehlangene namatshe , amaminerali, amatshe awumcebo, athengiswe wuwe njenge-agent yomkhiqizi.
Zonke izitshalo, Insimbi ehlangene namatshe , noma amaminerali, ahanjiswe wuwe njenge-agent ehambisa izinto zomtshali kubathengisi abangaphandle kweRiphabhliki.
Amabhonasi akhokhelwa amalunga ezinkampani zama-co-operative, kanye namasosayathi.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Income Tax Act, 1962  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Asikho isikhathi esinqunyiwe esibekiwe.

Phezulu

Izindleko

Le nkonzo itholakala mahhala ayikhokhelwa.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Amafomu atholakala nge PDF. Ukuvula amadokhumende e-PDF udinga uhlelo lwe-Adobe Acrobat Reader 4, noma yezinga eliphezulu kwikhompyutha yakho. Luzokwenza ukuthi ukwazi ukuvula amadokhumende ngokuqonde ngqo kwi-browser yakho.



Return of general information 
Return of general information schedule . Awatholakali kulayini we-internethi. Sicela uxhumane nehhovisi eliseduze lonyango.

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


