﻿
Isicelo semvume yokuzokwelashwa
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Imvume yokuzokwelashwa ikhishelwa umuntu wangaphandle kwezwe onenhloso yokuzokwelashwa eNingizimu Afrika. Le mvume yokuzokwelashwa isebenza ukufinyelela kwisikhathi sezinyanga eziyisithupha ngesikhathi esisodwa. Yenza isicelo semvume yokushintshisana kwinxusa  yaseNingizimu Afrika noma kwi-mission eseduzane nawe

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gcwalisa ifomu lesicelo BI-1738.
Fakela ipasipoti yakho okumele isebenze isikhathi esingekho ngaphansi kwezinsuku ezingu-30 ngemuva kokuphela kwesikhathi sokuvakasha.
Fakela ubufakazi bokuba nemali elingene ukubhekana nezidingo zosuku nosuku zabo bonke abantu abahamba nalowo onemvume yokuzokwelashwa  ngokufakela isitatimende, isiliphi somholo , noma amasheke asetshenziswa ekuvakasheni.
Fakela incwadi ebuya kudokotela noma isikhungo sezokwelapha, ekhombisa izizathu noma isidingo sokwelashwa, isikhathi okulindeleke ukuthi sizothathwa kulokhu kwelashwa kanye nemininingwane yohlelo lokwelashwa eNingizimu Afrika.
Fakela imininingwane yomuntu noma isikhungo esibhekene nezindleko zokwelashwa kanye nezimali zesibhedlela zalowo onemvume uma kukhona. Fakela ubufakazi bokuba nezimali zokukhokhela ukwelashwa noma i-medical aid yakho noma umqashi wakho bengeke bakhokha.
Fakela enye noma amanye alamadokhumende alandelayo ukuhambisana nesicelo sakho semvume:

isitifikedi esiphelele sezokwelashwa 
isitifikedi esiphelele sokuzalwa
isitifikedi semininingwane ephelele yomendo 
isitatimende esifungelwe kwabezomthetho  engu-BI-1712A, uma kungaganenwe ngendlela evamile, kanye nobufakazi bokuhlalisana
ikontraki yesivumelwano eyenziwe ngabomthetho , uma kunokuhlalisana
ubufakazi bomendo wosiko , uma lokhu kusebenza
incwadi yomthetho yedivosi , uma lokhu kusebenza
ubufakazi bomyalelo wenkantolo onikeza igunya lokunakekela , uma lokhu kusebenza
isitifikedi sokushona, uma owakwakho eshonile, uma lokhu kusebenza
imvume ebhaliwe evela kubo bobabili abazali, noma lowo mzali ongumnakekeli oyedwa, uma lokhu kusebenza, kanye nobufakazi bokuthi nguye yedwa ongumnakekeli
ubufakazi obusemthethweni bokuba ngumnakekeli wengane, uma lokhu kusebenza
umyalelo wesehlukaniso , uma lokhu kusebenza
isitifikedi samaphoyisa sokukhombisa ukuba msulwa , uma umenzi wesicelo eneminyaka engu-21 noma ngaphezulu kwayo, maqondana namazwe owake wahlala kuwo isikhathi esingangonyaka noma ngaphezulu kwawo
isitifikedi sokugonywa, uma lokhu kusebenza.


Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Immigration Act, 2002  as amended 

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Isicelo sithatha izinsuku zokufinyelela kwezingu-30.

Phezulu

Izindleko

R425

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



BI-1738 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


