

Isicelo sokuvusa  i-close corporation 

Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Uma i-close corporation ikhishiwe kuhla lobhaliso , isicelo singenziwa ukuyivusa , kodwa kumele kulandelwe izinqubo ezifanele.

Isimo se-CC kumele siqale siqinisekiswe nehhovisi lezobhaliso i-Intellectual Property Registration IHhovisi  ngoba kungenzeka abophiko lwezimali ezingenayo i-South African Revenue Service  bafakela isicelo sokuthi leyo close corporation ikhishwe kuhla lobhaliso .

Kumele kufakelwe imali engu-R150 kwikhodi yekhastama, kanti leyo mali iyodonswa kwi-akhawunti yekhastama ngemuva kokuthola ifomu.

Ukuze uthole ulwazi olunabile, bheka kwi-website ethi: Companies and Intellectual Property Registration Office.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gudluzela ifomu lokufaka isicelo, I-CK3.
Fakela isitatimende esifungelwe kwabomthetho i-afidavithi, esisayiniwe safakelwa isitembu sikakhomishana wezifungo u-Commissioner of Oaths, nangunoma yimuphi umuntu othintekayo, nokunikeza izizathu zesicelo sokuvuswa kwe-CC.

Uma i-close corporation yayinempahla engasuki , thola isiqinisekiso ngabe-Department of Public Works  kanye nabe-National Treasury  sokuthi abanqabeli ukuvuswa kwe-close corporation.

Leyo nhloso kuzomele yaziswe kumaphephandaba endawo ukuzama ukubona ukuthi ngabe bakhona yini abathintekayo ngokuvuswa kwe-close corporation.

Uma kukhona abanqabayo ngokuvuswa, kuzofanela kwaziswe u-Registrar of Companies ngalokho kunqaba ezinsukwini ezingu-30.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Close Corporation, 1984 , Section 26 

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Ukuvuswa kwe-close corporation kungathatha izinsuku ezingu-30 ukuya kwezingu-40.

Phezulu

Izindleko

R150

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe

Amafomu atholakala nge PDF. Ukuvula amadokhumende e-PDF udinga uhlelo lwe-Adobe Acrobat Reader 4, noma yezinga eliphezulu kwikhompyutha yakho. Luzokwenza ukuthi ukwazi ukuvula amadokhumende ngokuqonde ngqo kwi-browser yakho.)

Application for restoration of CC -CK3 

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


