
Isicelo sokugodlelwa  igama le-close corporation, noma elihumushiwe noma elifingqiwe
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

I-close corporation  yinhlangano yebhizinisi elula nengenazixaka-xaka kunenkampani. Ifanele amabhizinisi amancane. Izidingo kwezemenejimente kanye neze-administration ye-CC azinazo izixaka-xaka nemicikilisho eminingi  kunezinkampani.

Igama eliphakamisiwe le-CC kumele lihlolwe ngaphambi kokuba lemukelwe noma linqatshelwe . Ihhovisi lobhaliso i-Close Corporation Registration IHhovisi lizokwamukela noma linqabe ngokubhala incwadi, nge-email noma ngeposit, ukukhombisa ukuthi igama ligodliwe  noma linqatshelwe.

Igama elamukelwe futhi lagodlwa lisebenza izinyanga ezimbili.

Ukuze uthole ulwazi olunabile, bheka kwi-website yo Companies and Intellectual Property Registration Office.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Gudluzela amafomu esicelo, CK7 no-CM5.
Fakela ifomu lesicelo ehhovisi labe-CIPRO.

Kuzofunisiswa ukubona ukuthi ngabe kukhona yini amanye amagama angafanele, aqhathanisekayo, anqatshelwe noma acasulayo .

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo

Close Corporation, 1984 , Section 27 
Business Names Act, 1960  

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Ukugodlelwa igama eliphakanyiswayo kungathatha izinsuku ezintathu ukuya kweziyisikhombisa.

Phezulu

Izindleko

Ngu-R50

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Application for reservation of name or translated form or shortened form, CK7 

Application for reservation of name/translated form/shortened/defensive name, CM5  igama)


Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


