﻿
Ukubika ifa lomuntu oshonile
Izincazelo
Izinyathelo okumele zilandelwe
Umthetho osetshenziswayo
Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi
Izindleko
Amafomu okumele agcwaliswe
Indawo nendlela yokuxhumana

Izincazelo

Kuba nefa  lomuntu lapho umuntu eshona eshiya impahla kanye/noma idokhumende eyiwili, noma enenhloso yokuba yiwili. Ifa kumele liphathwe kanye nokwabiwa ngokulandela iwili yomuntu oshonile, kanti uma umuntu oshonile engashiyanga iwili, ngokulandela okubekwe kumthetho. Umthetho wezokuphathwa kwamafa abashonile we-Administration of Estates Act, 1965, ubeka inqubo okumele ilandelwe ekuphatheni ifa lomuntu oshonile.

Ifa lomuntu oshinile kumele libikwe emahhovisi ka-Master kungakapheli izinsuku ezingu-14 ngemuva kosuku umuntu ashona ngalo. Ukushona kungabikwa ngunoma ngubani umuntu olawula noma ophethe impahla yomuntu oshonile, noma olawula noma ophethe idokhumende yomuntu oshonile eyiwili noma esabuwili.

Ngabe kubikwa nini ukushona ku-Master?

uma umuntu eshonele eNingizimu Afrika nakhona washiya impahla kanye/noma idokhumende eyiwili noma enenhloso yokuba yiwili
uma umuntu eshonele ngaphandle kweNingizimu Afrika nakhona washiya impahla kanye/noma idokhumende eyiwili noma enenhloso yokuba yiwili.

Ngabe libikwa kuphi ifa lomuntu oshonile?

Ngisho noma onke amahhovisi omantshi esebenzela o-Master kanti futhi ifa lomuntu oshonile lingabikwa khona, omantshi banamagunya abekelwe umkhawulo  kanti futhi bayodlulisela ifa elinewili, kanti ifa elingaphezulu kuka-R50 000 balidlulisela ehhovisi lesifundazwe  lika-Master. Uma ufisa ukubika lelo lifa, kungcono ukulibika ngokuqonde ngqo kwihhovisi lika-Master.

Phezulu

Izinyathelo okumele zilandelwe

Uma ifa lingaphansi kuka-R50 000, bika lelo lifa ehhovisi likamantshi. Uma lingaphezulu kuka-R50 000, bika lelo lifa ngokuqonde ngqo ehhovisi lika-Master.
Uma umuntu oshonile ebehlala eNingizimu Afrika ngesikhathi sokushona kwakhe, bika ifa ku-Master onegunya kuleyo ndawo lapho umuntu oshonile ebehlala khona ngesikhathi sokushona kwakhe.
Uma umuntu oshonile ebengahlali eNingizimu Afrika, ngesikhathi sokushona kwakhe, ungabika ifa kunoma yimuphi u-Master .
Bika ifa ngokugcwalisa ifomu le-Form J294: Inothisi yokushona kanye namanye amadokhumende okubika kufakelwe kuhla olungezansi.
Ungathola iNothisi yokuShona  kanye namanye amadokhumende okubika ehhovisi lika-Master enkantolo ephakeme noma kunoma yiliphi ihhovisi likamantshi.
Ubungakanani befa  kanye nenhlobo yokuqoka kuzoba yikho okunquma ukuthi ngamaphi amadokhumende okumele agcwaliswe abese efakelwa.
Uma ubungakanani befa kungaphansi kuka-R125 000, gcwalisa amadokhumende alandelayo:

Form J294: Death notice 
Form J192: Affidavit : imininingwane yoshonelwe – egcwaliswa uma oshonile engashiyanga iwili esebenzayo
Form J243: Inventory form 
Nomination to act as executor/Nomination form  – eligcwaliswa ngundlalisa oqokwa ngummeli ka-Master:


uma umuntu eshona ngaphandle kwewili noma
uma iwili ingaqoki umuntu othize njengomabi wefa noma
uma umabi wefa owaqokwa ashona, noma enqaba ukuqokwa.




Form J155: Undertaking and acceptance of Master's directions 


Fakelani amadokhumende alandelayo kumafomu agcwalisiwe afakelwe kuhla olungenhla:
sitifikedi sokushona noma ikhophi yaso eqinisekisiwe:


isitifikedi sokuqala somshado noma ikhophi yaso eqinisekisiwe – uma lokhu kusebenza

onke amawili akuqala noma ama-codicil  noma amadokhumende analeyo nhloso – uma ekhona

uhla lwabantu abakweleda umuntu oshonile – uma bekhona

isimemezelo esiqinisekisa ukuthi ifa alibikwanga kwelinye ihhovisi lika-Master noma kwamanye amahhovisi asebenzela u-Master.



Uma ubungakanani befa bungaphansi kuka-R125 000, u-Master angakhansela izincwadi zokwaba ifa,  ebese ekhipha izincwadi zesigunyaziso  ngokulandela isigaba 18  somthetho we-Administration of Estates Act, 1965.

Uma ubungakanani befa kungaphezulu kuka-R125 000, gcwalisa amadokhumende alandelayo:


Form J294: Death notice 
Form J192: Affidavit : particulars of next of kin  – egcwaliswa uma oshonile engashiyanga iwili esebenzayo. Isitatimende esifungelwe  yomuntu oshonile omnyama ongazange ashiye iwili esebenzayo, kumele ichaze ukuthi ifa alibikwanga komunye u-Master noma elinye ihhovisi elisebenzela u-Master .
Form J243: Inventory form 
Nomination to act as executor/Nomination form  – eligcwaliswa ngundlalisa oqokwa ngummeli ka-Master:

uma umuntu eshona ngaphandle kwewili noma
uma iwili ingaqoki umuntu othize njengomabi wefa noma
uma umabi wefa  owaqokwa ashona, noma enqaba ukuqokwa.



Form J109: Ukwamukelwa kwe-trust yokuba ngumabi wefa – okumele igcwaliswe ngamabili ngumuntu  abaqokwe ukuba ngumabi wefa 
Form J262: Ukuzimisela kanye namadokhumende esivikelo  – kuyagcwaliswa ngaphandle kokuba oqokwe ukwaba ifa

ekhishiwe kwisibopho  sokunikezela ngesivikelo kwiwili, noma
engumzali, owakwakhe, noma ingane yomuntu oshonile.



Fakela isicelo sakho esisayiniwe sihambisane namadokhumende alandelayo:


isitifikedi sokushona noma ikhophi yaso eqinisekisiwe
isitifikedi sokuqala somshado noma ikhophi yaso eqinisekisiwe – uma lokhu kusebenza)
onke amawili akuqala noma ama-codicil  noma amadokhumende analeyo nhloso – uma ekhona.


Uma ubungakanani befa bungaphezulu kuka-R125 000, incwadi yokuba ngumabi wefa izokhishwa, kanti inqubo efakwe kumthetho we-Administration of Estates Act, 1965, kumele ilandelwe.

Amahhovisi asebenzela u-Master  anegunya uma umuntu oshonile engashiyanga iwili esebenzayo, kanti futhi ubungakanani befa lomuntu oshonile lingaphansi kuka-R50 000. Izincwadi zesigunyaziso zivumela ukuthi umuntu oqokiwe aphathe ifa ngaphandle kokulandela inqubo ebekwe kumthetho we-Administration of Estates Act, 1965.

Phezulu

Umthetho osetshenziswayo



Administration of Estates Act, 1965  
Administration of Estates Amendment Act, 2002  and its relevant Regulations 
Intestate Succession Act, 1987  
Law of Succession Amendment Act, 1992  and its relevant Regulations 

Phezulu

Amazinga afanele okwenziwa komsebenzi

Isikhathi sokwenziwa kwalo msebenzi sincike kwisixaka-xaka sodaba nodaba.

Phezulu

Izindleko

Xhumana nehhovisi lika-Master ukuthola imininingwane.

Phezulu

Amafomu okumele agcwaliswe



Death Notice - J294 
Inventory - J243
Affidavit - J192 (Affidavit isitatimende esifungelwe kwabomthetho
Nomination to Act as Executor 
Undertaking and acceptance of Master's directions - J155 
Acceptance of trust as Executor - J190
Undertaking and Bond of Security - J262

Phezulu

Indawo nendlela yokuxhumana


